Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isici esivelele seChibi iNicaragua isiqhingi i-Ometepe, indawo eluhlaza enezintaba-mlilo ezinkulu ezihlanganiswe isiqeshana senhlabathi

AMAZWE NABANTU

Ukuvakashela ENicaragua

Ukuvakashela ENicaragua

ABANTU bavame ukubiza iNicaragua ngezwe lamachibi nezintaba-mlilo. Leli zwe linechibi elikhulukazi eMelika Ephakathi—iNicaragua. Izizwe zomdabu zilibiza nge-Cocibolca, okusho ukuthi “ULwandle Olunoshukela.” Linamakhulu eziqhingi futhi liwukuphela kwechibi elinamanzi angenasawoti anezinhlanzi zasolwandle ezifana noshaka, i-swordfish, ne-tarpon.

I-sacuanjoche (frangipani) iyimbali yezwe laseNicaragua

INicaragua iphinde ibe nenye yezindawo eziqhele kunazo zonke eMelika Ephakathi—iMosquito Coast. Le ndawo ebanzi ngamakhilomitha angu-65, igudla cishe yonke ingxenye yogu olusempumalanga kuze kufike eHonduras. AmaMiskito (elinye igama elisho amaMosquito) angelinye lamaqembu ahlukahlukene abantu bomdabu baseNicaragua, futhi ukuba khona kwabo kubukeka sengathi kwaqala ngaphambi kokufika kwabaseYurophu ngekhulu le-16.

AmaMiskito anobudlelwane obuqinile nabanye futhi anamasiko ahlukile. Ngokwesibonelo, ulimi lwamaMiskito alunawo amagama afana nathi, “Mnumzane” noma “Nkosazana.” Ezindaweni zasemakhaya, intsha ibiza abantu abadala ngokuthi “Malume” noma “Anti,” kungakhathaliseki ukuthi ihlobene nabo noma cha. Isiko elidala phakathi kwamaMiskito ukuba owesifazane abingelele abangane abaseduze noma izihlobo ngokuthintana nabo ngezihlathi. Bese, owesifazane oqale ukubingelela adonse umoya ngamakhala.

Abantu bomdabu

Izincwadi ezikhuluma ngeBhayibheli zesiMayangna nesiMiskito, ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova