Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“UNkulunkulu Uyasisiza Ukuba Silulame”

“UNkulunkulu Uyasisiza Ukuba Silulame”

UNATALYA nendodana yakhe eneminyaka engu-9 u-Aslan, babeququbele eduze kukaZarina nendodakazi yakhe eneminyaka engu-12, u-Anzhelika. Eceleni kwabo kwakunezinye izingane nabantu abadala abangaphezu kwenkulungwane, beqashwe ngabahlaseli ababehlome beyizingovolo.

Ekuseni ngalolo Lwesithathu, ngomhla ka-1 September 2004, izingane nabazali babekade bengaphandle, belungiselela ukujabulela usuku lokuvulwa kwezikole eBeslan, idolobhana elise-Alania, eRussia. Kungazelelwe, kwatheleka amadoda ahlome ngezibhamu nazinkinofele ngamabhomu, edubula emoyeni futhi ememeza. Laba bahlaseli ababengaphezu kuka-30, baqoqela lesi sixuku sabantu abethukile ehholo lesikole lokuzivocavoca futhi bafaka iziqhumane kuleso sakhiwo.

Ukujamelana Nokulwa

Kwaba nokujamelana okushubile okwathatha izinsuku ezintathu, phakathi kwabahlaseli namaqembu ezokuphepha. “Ngangingakaze ngithandaze kanjeya,” kukhumbula uNatalya, owayefunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova.

Kwakungasekupheleni kwehlobo, nehholo ababekulo lalishisa bhé kunzima nokuphefumula. Ekuseni ngosuku lwesibili, abahlaseli bancisha abantu ababebathumbile ukudla namanzi, futhi ngosuku lwesithathu—ngoLwesihlanu—abanye ababethunjiwe baze baphuza umchamo badla nezimbali izingane ezaziziphathele othisha bazo. UNatalya uthi: “Umfana owayeseceleni kwethu wabeka icembe esandleni sami. Ngalihlukanisa phakathi, enye ingxenye ngayinika u-Anzhelika enye ngayinika u-Aslan.”

Ntambama ngosuku lwesithathu, kwagqashuka impi. “Kwaba nokuqhuma okwangilahla phansi,” kulandisa uNatalya. “Kwagcwala intuthu emoyeni, baqala ukudubulana.” Kulokho kudubulana phakathi kwamasosha nabahlaseli, uNatalya no-Aslan bagaqa baphuma. Indoda yakule ndawo engumOssetia egama layo lingu-Alan, yabadonsela endaweni ephephile. Abaningi abasindanga.

Ngemva Kwesigameko

U-Anzhelika owashona phakathi nempi

Kwafa amakhulu ezingane nabantu abadala, kuhlanganise no-Anzhelika. Kwaphela amasonto amaningi, kuzwakala ukukhala nesililo eBeslan. Ifulethi likaNatalya libheke lesi sikole futhi ngisho nangemva kokwakhiwa kwesikole esisha eceleni kwaso, u-Aslan akazange alubhade kuso. Wayehluleka ngisho nokuphuma ayodlala. UNatalya uthi, “Sanxusa uJehova ukuba amsize anqobe ukwesaba.” Ngokuhamba kwesikhathi, wakwazi ukuqunga isibindi wabuyela esikoleni.

Okwaba inselele kuNatalya kwakuwukuya emihlanganweni yobuKristu eHholo LoMbuso. Uyalandisa, “Njalo lapho ngiphakathi kwabantu abaningi endaweni evalekile, ngangiba nomuzwa wokuthi isakhiwo sizohlaselwa. Ngangithandazela ukuthi kungenzeki lokho. Ngemva kwesikhashana, angibange ngisaya eHholo LoMbuso. Ngangihlushwa nawukwazi ukuthi kwashona abantu abaningi, kuyilapho thina sasinda.”

Ukululama

UNatalya uthi, “Ngibazisa kakhulu labo ababeqhubeka bengisiza ebandleni. UFakazi ogama lakhe linguTatyana wayengivakashela njalo ngemva kwezinsuku ezintathu, engalenzi iphutha. Kamuva, weza nomunye uFakazi, u-Ulyana —owayenomusa, ekhuluma ngendlela engacunuli futhi emnene—owayelazi kahle iBhayibheli. Wangincoma kakhulu ngemizamo engangiyenzile, futhi wayengilalela ngobuqotho lapho ngikhuluma.”

“Sengiyakwazi ukukhuluma ngalolo suku ngokukhululeka ngaphandle kokwesaba”

“U-Ulyana wangifundela amazwi omphostoli ongumKristu uPawulu, alotshwe kweyesi-2 Korinte 1:9. Ngemva kosizi ababhekana nalo e-Asiya, uPawulu wathi: ‘Saba nomuzwa wokuthi sasitholé isigwebo sokufa.’ Wangifundela no-Isaya 40:31 othi: ‘Labo abathemba uJehova bayothola amandla kabusha. Bayokhuphuka ngamaphiko njengezinkozi.’ ImiBhalo enjalo, kanye nokusekelwa njalo ngokomzwelo engangikuthola ku-Ulyana kanye nabanye, kwangiqinisa ngakwazi ukuphinde ngiye emihlanganweni yobuKristu, kanye nezingane zami. Noma kunjalo, ukuba seHholo kusangenza ngizizwe ngingakhululekile.”

Kamuva uZarina waba nguFakazi KaJehova futhi ubheke phambili ekwamukeleni u-Anzhelika, lapho evuselwa ekuphileni emhlabeni omuhle, onokuthula, oyobe ubuswa uMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 6:9, 10; IzEnzo 24:15) UNatalya nezingane zakhe babhapathizwa ngo-2009. Basahlala eceleni kwamanxiwa aleso sakhiwo sokuzivocavoca, kodwa izinkumbulo ezethusayo zona sezadlula. Uthi, “Sengiyakwazi ukukhuluma ngalolo suku ngokukhululeka ngaphandle kokwesaba. UNkulunkulu uyasisiza ukuba silulame.”