Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

USIZO LOMKHAYA | UKUKHULISA IZINGANE

Ukufundisa Izingane Ukulalela

Ukufundisa Izingane Ukulalela

INSELELE

Wena nengane yakho eneminyaka emine nihlale niqophisana, futhi kubonakala sengathi njalo kugcina yona.

  • Lapho uyitshela ukuba yenze into engafuni ukuyenza, iyakuziba.

  • Lapho uyitshela ukuba ingayenzi into yona efuna ukuyenza, ivukwa yiconsi.

Uyazibuza, ‘Ingabe kumane kuyingxenye yokukhula? Ingabe kumelwe ngimane ngithembe ukuthi izoshintsha njengoba ikhula?’

Ungayifundisa ingane yakho ukulalela. Kodwa ngaphambi kokuxoxa ngokuthi ungakwenza kanjani lokho, ake ucabange ngalokho okungaba imbangela yalokho kuziphatha kwayo.

IZIMBANGELA

Ngesikhathi ingane yakho isewusana, indima yakho eyinhloko kwakuwukuyinakekela. Wawuhlale ukulungele ukusabela uma ikudinga. Yayithi ingaqala ukubibitheka uze ugijima, ukhathazeke ngokunakekela zonke izidingo zayo. Iqiniso liwukuthi kwakufanele, futhi kudingeka. Usana ludinga ukunakwa umzali ngaso sonke isikhathi.

Nokho, ngemva kwezinyanga eziningi iphathwa ngaleyo ndlela, kuyinto engokwemvelo ngayo ukwenza sengathi yona iyinkosi, futhi abazali bamane bayizisebenzi zayo ezifeza konke ekufunayo. Ngokuvamile, lapho isineminyaka emibili iqala ukubona izinto ngendlela eziyiyo: “Umbuso” wayo omncane usugumbuqelwe. Abazali abasalandeli iziqondiso zayo kodwa sebelindele ukuba yona ilandele ezabo. Lokhu kuba ushintsho olungalindelekile ezinganeni! Ngenxa yalokho, ezinye ziba neconsi. Ezinye zivivinya igunya labazali ngokwenqaba ukulalela.

Kuleso sikhathi esibucayi umzali kumelwe abe nendima entsha—eyokuba umniki-mthetho onikeza iziqondiso ezicacile zalokho akulindele enganeni. Kodwa kuthiwani uma ingane ingasinaki noma isenqaba leso siqondiso njengakulesi simo okuxoxwe ngaso ekuqaleni?

ONGAKWENZA

Hola. Ingane yakho ngeke iyamukele indima yakho njengomholi ngaphandle kokuba ikubone uhola. Ngakho, kudingeka ulisebenzise igunya lakho kodwa ngendlela enokulinganisela. Kula mashumi eminyaka amuva, labo abazibiza ngezazi benze igama elithi “igunya” lazwakala linokhahlo. Esinye isazi size sichaze igunya labazali njengento “engalungile nengamukeleki.” Kodwa ukungalisebenzisi igunya noma ukuyekelela, kungashiya izingane zizizwa zididekile, zitotoswa futhi kuyizona ezinegunya. Lokho akuzilungiseleli ukuba zibe abantu abadala abazimele.—Isimiso seBhayibheli: IzAga 29:15.

Sisebenzise isiyalo. Esinye isichazamazwi sichaza isiyalo “njengokuqeqeshwa okuphumela ekulaleleni noma ekuzithibeni, ngokuvamile okwenziwa ngokushaya imithetho nokukhipha isijeziso uma leyo mithetho ingalandelwa.” Nokho, isiyalo akufanele sibe esingacabangeli noma esinokhahlo. Ngakolunye uhlangothi, akufanele sibe esingacacile noma esingenamiphumela, okungenza ingane ingazimiseli ukushintsha.—Isimiso seBhayibheli: IzAga 23:13.

Nikeza isiqondiso esicacile. Abanye abazali bamane bayicele ingane ukuba ilalele. (“Ungakwazi ukuhlanza ikamelo lakho?”) Mhlawumbe banomuzwa wokuthi lokhu kuyindlela yokukhuluma ebonisa inhlonipho. Kodwa, leyo ndlela ingase yenze kube umzali ongaphansi kwegunya, ishiye ingane kuyiyona enenkululeko yokunquma ukuthi ikwenze yini noma ingakwenzi lokho okucelwayo. Esikhundleni sokulahla igunya lakho, nikeza isiqondiso futhi usisho ngokucacile.—Isimiso seBhayibheli: 1 Korinte 14:9.

Namathela kulokho okushoyo. Uma uthi cha, namathela kulokho futhi nibambisane noshade naye. Uma usunqumile ukuthi isijeziso sokungalaleli sizoba yini, namathela kulokho. Musa ukuvuma ukulokhu uchaza into engapheli ngokuthi kungani wenze leso sinqumo. Kuyoba lula kakhulu enganeni nakuwe, uma ‘u-Yebo wakho esho uYebo, no-Cha wakho, uCha.’—Jakobe 5:12.

Yiba nothando. Ikhaya aliyona indawo yentando yeningi noma yobushiqela. Kunalokho, liyilungiselelo likaNkulunkulu lapho izingane zingathola khona isiqondiso esinothando esizisiza ukuba zibe ngabantu abadala abazimele. Njengengxenye yaleli lungiselelo, isiyalo siyofundisa ingane ukuba ilalele futhi siyisize ukuba izizwe ilondekile futhi ithandwa.