Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

AMAZWE NABANTU

AUkuvakashela ECosta Rica

AUkuvakashela ECosta Rica

EMINYAKENI engamakhulu amahlanu edlule, abantu baseSpain baqala ukuvakashela le ndawo. Bayibiza ngokuthi iCosta Rica (Ugu Olucebile), becabanga ukuthi bazothola igolide eliningi—okuyinto engenzekanga. Leli zwe namuhla laziwa njengezwe lezilwane nezitshalo eziningi emhlabeni, hhayi njengezwe lamagugu ambiwa phansi.

Abantu baseCosta Rica baziwa ngokuthi ama-Ticos ngenxa yomkhuba wabo wokuqedela amagama ngezinhlamvu ezithi “-ico” ukuze bakhe isinciphiso. Ngokwesibonelo, esikhundleni sokuthi bathi, “un momento” (umzuzwana nje) bangase bathi, “un momentico” (umzuzwanyana nje). Ekukhulumeni kwansuku zonke bavame ukuthi “¡pura vida!” (impilo emsulwa!) ukuze babonise ukwazisa noma lapho benza isivumelwano noma lapho beqonde ukuthi “sawubona” noma “sala kahle.”

Amahlathi aseCosta Rica anenqwaba yezihlahla nezilwane ezinhlobonhlobo njengaleli selesele elinamehlo abomvu elihlala esihlahleni (I-Agalychnis callidryas)

Esinye sezidlo ezithandwa abantu baseCosta Rica yi-gallo pinto (okusho ukuthi “iqhude elinamachashaza”)—bapheka ilayisi nobhontshisi bese bekufaka izinongo. I-gallo pinto ingadliwa ekuseni, emini nantambama. Isiphuzo sabo somdabu yi-café chorreado—ikhofi elisefwa ngendwangu elengiswe ohlakeni olwenziwe ngokhuni.

Kunamabandla oFakazi BakaJehova angaba ngu-450 eCosta Rica. Imihlangano yabo iqhutshwa ngezilimi eziyishumi, kuhlanganise nolimi lwezandla lwaseCosta Rica nezilimi zomdabu ezimbili zaseCosta Rica—isiBribri nesiCabecar.

INGABE BEWAZI? Kutholakale amatshe amaningi ayimbulunga enziwe ngobuciko eCosta Rica. Elikhulu kunawo wonke lingamamitha angu-2,4. Amanye kusikiselwa ukuthi aneminyaka engaphezu kuka-1 400 ekhona. Akekho owaziyo ngempela ukuthi ayenzelwani!

Amatshe ayimbulunga