Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENi | UKUPHILA KWAQALA KANJANI?

Impendulo Okufanelekayo Ukuyicabangela

Impendulo Okufanelekayo Ukuyicabangela

NGEMVA kokuhlola ubufakazi, abantu abaningi baphetha ngokuthi ukuphila kwenziwa othile ophakeme nohlakaniphile. Cabanga ngesibonelo sika-Antony Flew, onguprofesa wefilosofi owake waba umsekeli oqavile wenkolelo yokuthi uNkulunkulu akekho. Lapho efunda ngokuba yinkimbinkimbi okumangalisayo kwezinto eziphilayo kanye nemithetho yemvelo elawula indawo yonke, uFlew wawushintsha umbono wakhe. Ecaphuna indlela yokucabanga yezazi zefilosofi zasendulo, wabhala: “Kufanele sibamukele ubufakazi kungakhathaliseki ukuthi busiholelaphi.” Ngokukaprofesa uFlew, ubufakazi bakhomba ukuthi ukhona uMdali.

UGerard, okukhulunywe ngaye ngaphambili kulolu chungechunge lwezihloko, naye wafinyelela esiphethweni esifanayo. Naphezu kwemfundo yakhe ephakeme kanye nokuba kwakhe semkhakheni wesayensi yezinambuzane, wathi: “Angibutholanga ubufakazi bokuthi ukuphila kwazivelela entweni engaphili. Ukuhleleka nokuba yinkimbinkimbi kwezinto eziphilayo kwangenza ngaqiniseka ukuthi kumelwe ukuba ukhona uMhleli noMklami wazo.”

Njengoba nje umuntu engase azi ngomdwebi ngokuhlola umsebenzi wakhe, uGerard waqonda izimfanelo zoMdali ngokufunda ngemvelo. UGerard wazinika nesikhathi sokuhlola incwadi ehlotshaniswa noMdali—iBhayibheli. (2 Thimothewu 3:16) Kulo, wathola izimpendulo ezanelisayo ngemvelaphi yesintu kanye nezisombululo ezisebenzayo zezinkinga abantu ababhekene nazo namuhla. Wabe eseqiniseka ukuthi iBhayibheli livela kumuntu ohlakaniphe kakhulu.

Njengoba uGerard athola, izimpendulo zeBhayibheli zikufanele ukucatshangelwa. Siyakukhuthaza ukuba nawe uzihlolele zona mathupha.