Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 UMBONO WEBHAYIBHELI

Ukuzindla

Ukuzindla

Kuyini ukuzindla?

“Ngokuqinisekile ngizozindla ngawo wonke umsebenzi wakho, futhi ngizozikhathaza ngezenzo zakho.”IHubo 77:12.

OKUSHIWO ABANTU

Ziningi izindlela zokuzindla, eziningi zazo zinomsuka wezinkolo zaseMpumalanga zasendulo. Omunye umbhali wathi: “Kufanele ingqondo ingacabangi lutho nhlobo ukuze ikwazi ukuzindla.” Amazwi akhe abonisa ukuthi ukungacabangi lutho, kuyilapho ugxile emagameni noma ezithombeni ezithile kuletha ukuthula kwangaphakathi, kukuvule ingqondo futhi kukulethele ukukhanyiselwa okungokomoya.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

EBhayibhelini, ukuzindla kuyinto ebaluleke kakhulu. (1 Thimothewu 4:15) Nokho uhlobo lokuzindla elikukhuthazayo, akukona ukungacabangi lutho nhlobo noma ukuphindaphinda inkulumo noma amazwi athile, ngezinye izikhathi okungabizwa ngokuthi imilolozelo. Kunalokho, ukuzindla okukhulunywa ngakho eBhayibhelini kuhlanganisa ukucabanga ngezihloko ezakhayo, njengalezo ezikhuluma ngezimfanelo zikaNkulunkulu, izimiso zakhe nendalo. Indoda ethembekile kuNkulunkulu yathandaza: “Ngizindlé ngawo wonke umsebenzi wakho; ngokuzithandela ngizigcine ngiwukhathalela umsebenzi wezandla zakho.” (IHubo 143:5) Yaphinde yathi: “Ngikukhumbulile embhedeni wami, ngizindla ngawe phakathi nemilindo yasebusuku.”IHubo 63:6.

 Ukuzindla kungakuzuzisa kanjani?

“Inhliziyo yolungileyo iyazindla ukuze iphendule.”IzAga 15:28.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

Ukuzindla ngezinto ezakhayo kusenza sibe ngabantu abangcono, sizithibe futhi kusenze sibe nesimilo—okuyizinto ezisenza sibonise ukuqonda enkulumweni nasekuziphatheni kwethu. (IzAga 16:23) Ngakho, ukuzindla ngezinto ezinjalo, kuba nomthelela ekuphileni okujabulisayo nokwanelisayo. Ngokuphathelene nomuntu ohlale ezindla ngoNkulunkulu, iHubo 1:3 lithi: “Uyoba njengomuthi otshalwe ngasemifudlaneni yamanzi, othela isithelo sawo ngenkathi yaso nomahlamvu awo angabuni. Futhi konke akwenzayo kuyophumelela.”

Ukuzindla kuphinde kusize nasekuthuthukiseni ukuqonda nenkumbulo yethu. Ngokwesibonelo, lapho sicwaninga ngesici sendalo noma ngesihloko seBhayibheli esithile, sifunda ngamaqiniso amaningi athakazelisayo. Kodwa lapho sizindla ngalawo maqiniso, sikwazi ukubona indlela ahlobana ngayo nalokho esikufunde esikhathini esidlule. Ngakho, njengoba umbazi engakha ifenisha enhle ngokuhlanganisa nje amapulangwe, nokuzindla kusenza sikwazi “ukuhlanganisa” amaqiniso ukuze sikwazi ukuthola umqondo ophelele.

Ingabe ukuzindla kufanele kulawulwe?

“Inhliziyo ikhohlisa ngaphezu kwanoma yini enye futhi yenza ngokuphelelwa yithemba. Ubani ongase ayazi?”Jeremiya 17:9.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

“Ngaphakathi, enhliziyweni yabantu, kuphuma imicabango emibi: ubufebe, ukweba, ukubulala, ukuphinga, ukukhanuka, izenzo zobubi, inkohliso, ukuziphatha okubi, iso elinomona, . . . ukungabi nangqondo.” (Marku 7:21, 22) Ngakho, ukuzindla kumelwe kulawulwe njengomlilo! Ngaphandle kwalokho, imicabango engafanele ingase ikhulise izifiso ezilimazayo okungaba nzima ukuzilawula bese ziholela ezenzweni ezimbi.Jakobe 1:14, 15.

Yingakho iBhayibheli lisikhuthaza ukuba sizindle ‘ngezinto eziyiqiniso, ezilungileyo, ezihlanzekile, ezithandekayo, okukhulunywa kahle ngazo, ezinhle nezikufanelekelayo ukudunyiswa.’ (Filipi 4:8, 9) Lapho sifaka imicabango emihle njengaleyo futhi “siyitshala” ezingqondweni zethu, siyovuna izimfanelo ezinhle, ubudlelwane obuhle nabanye futhi amazwi ethu ayoba nomusa.Kolose 4:6.