Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGXOXO NOTHILE | U-ELDAR NEBOLSIN

Umdlali Wopiyano Oyingcweti Uchaza Ngokholo Lwakhe

Umdlali Wopiyano Oyingcweti Uchaza Ngokholo Lwakhe

U-Eldar Nebolsin wase-Uzbekistan ungumdlali wopiyano odumile emhlabeni. Useke waya eLondon, eMoscow, eSt. Petersburg, eNew York, eParis, eRome, eSydney, eTokyo naseVienna edlala namanye amaqembu omculo wezinsimbi. U-Eldar wakhulela eSoviet Union engumuntu ongakholelwa kuNkulunkulu. Kodwa kamuva waphetha ngokuthi abantu bawumsebenzi woMdali onothando. I-Phaphama! yambuza ngomculo nangokholo lwakhe.

Kwenzeka kanjani ukuba ube umculi?

Abazali bami bobabili bangabadlali bopiyano. Baqala ukungifundisa lona ngiseneminyaka emihlanu ubudala. Kamuva, ngabe sengiya esikoleni esifundisa umculo eTashkent.

Ake usitshele ngezinselele zokudlala neqembu lomculo wezinsimbi.

Amaqembu omculo awafani. Anjengezinsimbi zomculo eziyinkimbinkimbi “ezidlalwa” ababhidisi. Mhlawumbe inselele enkulu ngomdlali odlala yedwa, ukukwazi ukuhambisana kahle nombhidisi. Kufana nengxoxo phakathi kwabangane—kunokuba kube oyedwa njalo oholayo engxoxweni, ngamunye kufanele anikeze nomunye ithuba. Ngokuvamile niprakthiza kanye noma kabili kuphela ukuze nakhe lokhu kuxhumana.

Isikhathi esingakanani osisebenzisa ekuprakthizeni?

Kungaba amahora amathathu ngosuku, futhi ngaleso sikhathi kusuke kungekhona nje ukuprakthiza izingxenye ezinzima zengoma. Ngitadisha nendlela ingoma engiyiprakthizayo ehleleke ngayo, kodwa ngingayidlali ngokoqobo. Okunye engikwenzayo, ukulalela ezinye izingoma zomqambi waleyo ngoma, okuyaye kunginike umbono othe xaxa ngengoma engisebenza ngayo ngaleso sikhathi.

Yini ongathi iyona eyenza umdlali wopiyano osechwepheshile ahluke kwabanye?

Ikhono lakhe lokwenza upiyano “lucule.” Ake ngichaze. Upiyano, uhlobo lwensimbi yomculo eyinhlanganisela. Ngemva kokucindezela inkinobho, umsindo wehla ngokushesha, ngokungafani nezinsimbi zomculo ezifuthwayo noma izwi lomuntu, elikwaziyo ukubamba umsindo wenothi noma ngisho nokulenza liphakame. Inselele yabadlali bopiyano iwukunqoba inkinga yokuncipha komsindo wenothi. Lokhu bakwenza  ngendlela abahambisa ngayo iminwe nezihlakala ngokuhlakanipha, kanye nendlela eyinkimbinkimbi yokulumbanisa imisindo eyenzeka ngokunyathela insimbi yopiyano engakwesokudla, okuyiyona eyenza umsindo wenothi udonse isikhathi eside, kuthuthukise nezinga leminye imisindo ehlukahlukene. Lapho abadlali bopiyano sebezifinyelele lezi zici eziyizingqinamba, bangakwazi ukwenza upiyano lukhiphe umsindo onjengowomtshingo, onjengowecilongo ngisho nezinye izimfijoli eziningi zomculo. Bangakwazi ngisho nokulingisa umsindo womculo oyedlula yonke—izwi lomuntu.

Kusobala ukuthi uthando lwakho ngomculo lujulile.

Kimina, umculo uwulimi oluyichaza ngokuqondile indaba futhi luveze nemizwelo okunzima ukuyisho ngamazwi.

Yini eyakwenza waba nesithakazelo ezintweni ezingokomoya?

Ekhaya kwakugcwele izincwadi, ubaba ayefike nazo evela eMoscow. Incwadi enezindaba zeBhayibheli engayithanda kakhulu, yayikhuluma ngesiqalo somlando nalokho ama-Israyeli abhekana nakho. Enye incwadi engazithela kuyo yilena ethi, Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni, eyayinyatheliswa oFakazi BakaJehova. * Indlela ecacile eyayichaza ngayo izimfundiso zeBhayibheli yangihlaba umxhwele. Uma ngithuthela eSpain ngo-1999 ngiyofunda umculo, ngahamba nayo leyo ncwadi futhi ngayifunda izikhathi eziningana. Ngaba nokholo olungelona nje olokuthatheka kodwa olusekelwe ezizathwini nasebufakazini obanelisayo.

Imfundiso eyangijabulisa ngempela, kwakuyisithembiso seBhayibheli sokuthi abantu bangakwazi ukuphila phakade emhlabeni. Lokho kwaba nengqondo kakhulu! Nginganezela nokuthi ngaleso sikhathi ngangingakahlangani noFakazi BakaJehova. Kodwa ngenza isinqumo sokuthi mhla ngihlangana nabo, ngiyobacela bangifundise iBhayibheli.

Wahlangana kanjani noFakazi?

Ngemva kwezinsuku ezimbalwa ngenze leso sinqumo, ngabona izintokazi ezimbili, ngayinye iphethe iBhayibheli ngesandla. Ngathi ngenhliziyo: ‘Zifana nabantu engike ngafunda ngabo encwadini yami. Zishumayela ngendlela amaKristu ayeshumayela ngayo ngezikhathi zeBhayibheli.’ Ngokushesha ngemva kwalokho, ngase ngitadisha iBhayibheli noFakazi. Namuhla, injabulo yami enkulu iwukusiza abanye ukuba bafunde ngoMdali wethu.

Njengoba wawungakholelwa kuNkulunkulu, yini eyakwenza wagcina usukholelwa kuye?

Ngenziwa umculo ngokwawo. Cishe wonke umuntu wazisa umculo ngendlela okungekho silwane esingawazisa ngayo. Umculo ungaveza injabulo, ukuzethemba, uzwela, cishe nayo yonke eminye imizwelo. Ngokuvamile siyaye sishukunyiswe isigqi somculo. Kodwa ingabe sidinga umculo ukuze siphile? Ingabe unayo indima “ekusindeni kwezinamandla” njengoba kusho imfundiso yokuziphendukela kwemvelo? Ngicabanga ukuthi akunjalo. Ngokombono wami, akunangqondo ukuphetha ngokuthi ingqondo yomuntu kanye nekhono layo lokuqamba nokuthanda umculo, njengomculo kaMozart nokaBeethoven, kuwumphumela wokuziphendukela kwemvelo. Isizathu esinengqondo ngaphezu kwazo zonke, ukuthi ingqondo yethu iwumkhiqizo woMdali ohlakaniphile nonothando.

Ngandlela-thile iBhayibheli lifana neqembu lomculo wezinsimbi ezihlukahlukene elihlanganiswe ngobuchule, umsebenzi wobuciko obumangalisayo nobunomyalezo oshukumisayo waso sonke isintu

Yini eyakwenza wakholwa ukuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu?

IBhayibheli liyiqoqo lezincwadi ezincane ezingu-66 ezabhalwa abantu abangaba ngu-40 eminyakeni engaba ngu-1 600 edlule. Ngazibuza, ‘Ubani owayengaqondisa ukulotshwa kwaleli qoqo lemibhalo eliwumsebenzi wobungcweti ovumelanayo?’ Okuwukuphela kwempendulo enengqondo ukuthi, uNkulunkulu. Engqondweni yami, iBhayibheli lifana neqembu lomculo wezinsimbi ezihlukahlukene elihlanganiswe ngobuchule, umsebenzi wobuciko obumangalisayo nobunomyalezo oshukumisayo waso sonke isintu.

^ isig. 15 OFakazi BakaJehova manje sebesebenzisa insiza-kufundisa yeBhayibheli ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ingatholakala engosini ethi www.isa4310.com/zu.