Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGXOXO NOTHILE | URACQUEL HALL

Intokazi EngumJuda Ichaza Ngokwayenza Yaphinde Yahlola Izinkolelo Zayo

Intokazi EngumJuda Ichaza Ngokwayenza Yaphinde Yahlola Izinkolelo Zayo

URacquel Hall uzalwa umama ongumJuda wakwa-Israel nobaba wase-Austria owaguqukela enkolweni yobuJuda. Umkhulu nogogo wakhe abazala unina babengabenkolo yaseZiyoni futhi babethuthele kwa-Israel ngo-1948, unyaka leli zwe elaba ngawo umbuso ozimele. I-Phaphama! yabuza uRacquel ukuthi yini eyamenza wahlolisisa izinkolelo zakhe zobuJuda.

Ake usitshele ngesizinda sakho.

Ngazalwa ngo-1979 e-United States. Lapho ngineminyaka emithathu, abazali bami bahlukana. Umama wangikhulisa ngosiko lobuJuda futhi wangithumela ema-yeshiva noma ezikoleni zamaJuda. Lapho ngineminyaka engu-7, sathuthela kwa-Israel sahlala unyaka khona futhi ngafunda esikoleni esisemaphandleni abizwa ngokuthi ama-kibbutz. Ngemva kwalokho mina nomama sathuthela eMexico.

Nakuba lalingekho isinagoge endaweni, angizange ngiwalahle amasiko obuJuda. Ngangikhanyisa amakhandlela ngeSabatha, ngifunde i-Torah futhi ngithandaze ngisebenzisa i-siddur noma incwadi yomthandazo. Esikoleni, ngangivame ukutshela engifunda nabo ukuthi inkolo yami iyona nkolo yokuqala. Ngangingakaze ngiyifunde ingxenye yeBhayibheli evame ukubizwa ngokuthi iTestamente Elisha, eligxila enkonzweni nasezimfundisweni zikaJesu Kristu. Eqinisweni, umama wangixwayisa ukuba ngingalifundi, esaba ukuthi izimfundiso zalo zazizongonakalisa.

Kungani wanquma ukuli-funda iTestamente Elisha?

Lapho ngiba neminyaka engu-17, ngabuyela e-United States ngiyophothula imfundo yami yezwe. Lapho, othile engangijwayelene naye owayezibiza ngomKristu wathi ukuphila kwami kuyohlale kuntula uma ngingenaye uJesu.

Ngaphendula, “Abantu abakholelwa kuJesu badukile.”

Wabuza, “Wake walifunda iTestamente Elisha?”

Ngaphendula, “Cha.”

Wathi, “Uma kunjalo, ungasifinyelela kanjani isiphetho ngento ongazi lutho ngayo?”

 Amazwi akhe ahlaba ephukela, ngoba ngangivame ukukubheka njengokuwubuwula ukuphawula ngento ongayazi. Ngihlazekile, ngathatha iBhayibheli lakhe ngaya nalo ekhaya futhi ngaqala ukufunda iTestamente Elisha.

Kwakuthinta kanjani owakufunda?

Ngamangala ukuthola ukuthi abalobi beTestamente Elisha babengamaJuda. Kanti njengoba ngangiqhubeka ngifunda, ngaya ngokuya ngibona uJesu njengomJuda onomusa, othobekile futhi owayefuna ukusiza abantu, hhayi ukubaxhaphaza. Ngaze ngaya ngisho nasemtatsheni wezincwadi ngiyoboleka izincwadi ezikhuluma ngaye. Noma kunjalo, ayikho kulezi zinto eyangenza ngakholwa ukuthi wayenguMesiya. Abanye babeze bambize ngoNkulunkulu—umbono owawungenangqondo kimi. Kanti uJesu wayethandaza kubani—kuye ngokwakhe? Ngaphezu kwalokho, uJesu wafa. Kanti iBhayibheli lithi ngoNkulunkulu: “Wena awufi.” *

Wazixazulula kanjani lezo zinkinga?

Iqiniso aliziphikisi futhi ngangizimisele ukulithola. Ngakho ngathandaza kuNkulunkulu ngobuqotho nangezinyembezi futhi ngangiqala ukuthandaza ngaphandle kosizo lwencwadi yomthandazo. Lapho nje ngiqeda, ngezwa othile engqongqoza emnyango. KwakungoFakazi BakaJehova ababili. Banginika enye yezincwadi zokufunda iBhayibheli. Le ncwadi kanye nezingxoxo ezalandela engaba nazo nalabo Fakazi, kwangiqinisekisa ukuthi izinkolelo zabo zisekelwe eBhayibhelini. Ngokwesibonelo, oFakazi babheka uJesu, hhayi njengengxenye kaZiqu-zintathu, kodwa ‘njengeNdodana kaNkulunkulu’ * “isiqalo sendalo kaNkulunkulu.” *

Ngokushesha ngemva kwalokho, ngabuyela eMexico, lapho ngaqhubeka khona ngifunda noFakazi ngeziprofetho eziphathelene noMesiya. Ngamangala ukuthi kuneziprofetho eziningi kangaka! Noma kunjalo, ngangisenokungabaza. Ngazibuza: ‘Ingabe uJesu kuphela ofanelana nalezi ziprofetho?’ nokuthi ‘Kuthiwani uma kwakumane nje kuyiqili elalizenza uMesiya?’

Izinto zashintsha kanjani?

OFakazi bangibonisa iziprofetho okungekho qili elingazilingisa. Ngokwesibonelo, kusasele iminyaka engaphezu kuka-700, umprofethi uMika wathi uMesiya wayeyozalelwa eBethlehema laseJudiya. * Ubani onganquma indawo azozalelwa kuyo? U-Isaya waloba ukuthi uMesiya wayeyobulawa njengeselelesi esidelelekile, kodwa wayeyongcwatshwa nesigaba sezicebi. * Zonke lezi zibikezelo zagcwaliseka kuJesu.

Ubufakazi bokugcina babuthinta uzalo lukaJesu. IBhayibheli lathi uMesiya wayeyovela ozalweni lweNkosi uDavide. * Ngenxa yokuthi amaJuda asendulo ayegcina imibhalo yohlu lozalo, ukube uJesu wayengaveli ohlwini lozalo lukaDavide, izitha zakhe zaziyosizakala ngalokho! Kodwa zazingenakukwazi ngoba ukuhlobana kukaJesu noDavide kwakungenakuphikwa. Ngisho nezixuku zambiza ngokuthi “iNdodana kaDavide.” *

Ngo-70 C.E.—ngemva kweminyaka engu-37 uJesu afa—amabutho amaRoma alibhubhisa iJerusalema futhi imibhalo yohlu lozalo kungenzeka yalahleka noma yacekeleka phansi. Ngakho ukuze kubonakale ukuthi wayevela kuluphi uzalo, uMesiya kwakufanele avele ngaphambi kuka-70 C.E.

Ukuqonda lokhu kwakuthinta kanjani?

KuDuteronomi 18:18, 19 kwabikezelwa ukuthi uNkulunkulu wayeyovusa umprofethi onjengoMose kwa-Israyeli. UNkulunkulu wathi noma ubani ‘ongeke awalalele amazwi ami ayowakhuluma egameni lami, mina ngokwami ngiyofuna ukuba alandise.’ Ukulifunda ngijule lonke iBhayibheli kwangenza ngaqiniseka ukuthi uJesu waseNazaretha wayeyilowo mprofethi.

^ isig. 17 IsAmbulo 3:14, IBhayibheli lesiZulu elivamile.

^ isig. 21 Isaya 9:6, 7; Luka 1:30-32. UMathewu isahluko 1 ubonisa uhlu lozalo lukaJesu ngasohlangothini lukayise, kanti uLuka isahluko 3, uveza uhlu lozalo ngasohlangothini lukanina.