Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBhayibheli​—Incwadi Yesiprofetho Esinembile—​Ingxenye 5

Izindaba Ezinhle Zaso Sonke Isintu

IBhayibheli​—Incwadi Yesiprofetho Esinembile—​Ingxenye 5

Kulolu chungechunge lwezihloko ezingu-8, i-“Phaphama!” izokhuluma ngesici esibalulekile seBhayibheli—iziprofetho zalo, noma izibikezelo. Lezi zihloko zizokusiza ukuba uphendule le mibuzo: Ingabe iziprofetho zeBhayibheli zimane nje ziwumphumela wokuhlakanipha kwabantu? Ingabe ziphefumulelwe uNkulunkulu ngempela? Sikumema ukuba uhlole ubufakazi.

ISIGIJIMI uNkulunkulu asibhekise esintwini sitholakala eBhayibhelini, futhi leso sigijimi siyizindaba ezinhle. UJesu Kristu wasebenzisa ukuphila kwakhe ememezela “izindaba ezinhle zombuso.” (Luka 4:43) IBhayibheli libonisa ukuthi lo Mbuso uwuhulumeni kaNkulunkulu nokuthi uyosusa bonke ababusi babantu abacindezelayo, ulethe ukuthula futhi uqede zonke izimbangela zokuhlupheka kwabantu. (Daniyeli 2:44; Mathewu 6:9, 10) Izindaba ezinhle ngempela lezi!

Ngokuqinisekile lezo zindaba ezinhle kwakuyodingeka zimenyezelwe kabanzi. Nokho, lapho uJesu ebulawa, washiya abalandeli bakhe abambalwa kuphela. Ingabe lesi sigijimi sasiyofa naye? IBhayibheli labikezela okuphambene kakhulu. Labikezela okulandelayo: (1) Izindaba ezinhle zazizosakazwa emhlabeni wonke. (2) Zazizobhekana nokuphikiswa okukhulu. (3) Kwakuzovela amaKristu amanga noma amaKristu-mbumbulu futhi adukise abaningi. Ake sixoxe ngalezi ziprofetho ezintathu.

Izindaba Ezinhle Kufanele Zimenyezelwe Ezizweni Zonke

Iziprofetho:

“Izindaba ezinhle kumelwe zishunyayelwe ezizweni zonke kuqala.” (Marku 13:10) “Nizoba ofakazi bami eJerusalema nakulo lonke elaseJudiya neSamariya nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.”IzEnzo 1:8.

Ukugcwaliseka: Ngemva nje kokufa kukaJesu ngo-33 C.E., abafundi bakhe bagcwalisa iJerusalema ngesigijimi soMbuso. Basisakaza kulo lonke elaseJudiya naseduze kwaseSamariya, futhi ingakapheli iminyaka engu-15, izithunywa zevangeli ezingamaKristu zase zithunyelwe kwezinye izingxenye zoMbuso WaseRoma. Ngo-61 C.E., kwakungase kuthiwe izindaba ezinhle zazishunyayelwe ezingxenyeni “ezikude” zomhlaba.

 Okwembulwa umlando:

  • Imibhalo engasekelwe eBhayibhelini eqala ekhulwini lesibili ifakazela ukwanda ngokushesha komsebenzi owaqalwa amaKristu. Isazi-mlando esingumRoma uSuetonius sithi amaKristu ayesezinzile eRoma ngo-49 C.E. Incwadi eyabhalwa uPliny Omncane, umbusi waseBhithiniya (iTurkey yosuku lwanamuhla) eyibhalela uMbusi uTrajan ngo-112 C.E., ibhekisela ebuKristwini njengento “ethathelwanayo” “engazange nje isakazekele emadolobheni kuphela kodwa nasemizaneni nasemapulazini.” Sibukeza ubufakazi, esinye isazi-mlando saphetha: “Kungakapheli neminyaka eyikhulu ngemva kwenkathi yabaphostoli izindawo zamaKristu zokukhulekela zase zitholakala emadolobheni ayinhloko oMbuso.”
  • Encwadini ethi The Early Church, uProfesa Henry Chadwick uthi: “Ukwanda kwaleli sonto kwabonakala kuwumphumela wezenzakalo eziningi ezingenakucatshangwa. Cishe akekho owayecabanga ukuthi kuyophumelela.”

Ukuphikiswa Kwezindaba Ezinhle

Isiprofetho:

“Abantu bayoninikela ezinkantolo zendawo, futhi niyoshaywa emasinagogeni, nimiswe phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, ukuze kube ngubufakazi kubo.”Marku 13:9.

Ukugcwaliseka: AmaJuda namaRoma ayeshushisa amaKristu. Ayeboshwa, efakwa emajele, eshaywa futhi ebulawa.

Okwembulwa umlando:

  • UFlavius Josephus, isazi-mlando esingumJuda sangekhulu lokuqala, wabhala ukuthi uJakobe, umfowabo kaJesu, wabulawa abaholi benkolo abangamaJuda. IBhayibheli libika ukuthi uGamaliyeli, ilungu elihloniphekile lenkantolo ephakeme yamaJuda, waxwayisa ngokuthi balinganisele lapho begweba abafundi bakaJesu. (IzEnzo 5:34-39) Izincwadi zezazi ziyakufakazela ukuthi uGamaliyeli wayekhona futhi zithi wabonisa ukuba nengqondo evulekile.
  • Ababusi bamaRoma uNero, uDomitian, uMarcus Aurelius noDiocletian baqala ukushushisa amaKristu ekhulu lokuqala ngonya

  • Izazi-mlando zisitshela ukuthi kusukela kuMbusi uNero ngo-64 C.E., ababusi abangamaRoma babewashushisa kakhulu amaKristu. Izincwadi uMbusi uTrajan ababebhalelana zona noPliny Omncane zixoxa ngezijeziso zamaKristu ayenqaba ukulahla ukholo lwawo.
  • UProfesa uChadwick, oke wacashunwa, uthi: “Kunokuba lwenze amaKristu ashaye umshoshaphansi, ushushiso lwaba nomphumela ohlukile.” Njengoba amaKristu ayebaleka ukuze angalinyazwa, ahambisa isigijimi sawo ezindaweni ezintsha. (IzEnzo 8:1) Aphikelela, ngisho nalapho ayelahlwa umndeni nabangane. Lokhu kuyamangaza, ngoba abalandeli bakaJesu babengabantu “abangafundile nabavamile,” ababengenalo ithonya lezombangazwe. (IzEnzo 4:13) Izazi-mlando ziyavuma ukuthi “phakathi kwabanini-zitolo abancane nabathengisi, . . . iVangeli lalisakazeka kalula kakhulu.”

Lapho zitadisha izenzakalo, izazi ziyamangala ngendlela iqembu elincane kangaka elasakaza ngayo ubuKristu ngokushesha kangaka libe libhekene nokuphikiswa okukhulu. Nokho, uJesu wabikezela lezo zenzakalo ngaphambi kokuba zenzeke. ImiBhalo yabikezela nokuthi lo msebenzi wokushumayela wawuzophazanyiswa.

Ukuvela KwamaKristu-mbumbulu

Iziprofetho:

“Kuzongena izimpisi ezicindezelayo phakathi kwenu futhi ngeke ziwuphathe ngozwela umhlambi, naphakathi kwenu ngokwenu kuzovela amadoda, akhulume izinto ezisontekile ukuze  amonyule abafundi ukuba bawalandele.” (IzEnzo 20:29, 30) [Kuyoba] khona abafundisi bamanga naphakathi kwenu. Bona kanye laba bayongenisa ngesinyenyela amahlelo abhubhisayo . . . , futhi ngenxa yalaba indlela yeqiniso iyohlanjalazwa.”2 Petru 2:1, 2.

Ukugcwaliseka: Ibandla lobuKristu langcoliswa abantu abanonya, abakhohlisayo nabafuna izikhundla.

Okwembulwa umlando:

  • Ikakhulu ngemva kokufa kwabalandeli bakaJesu bokuqala, kancane kancane ubuKristu beqiniso bathonywa amadoda avelele avela ngaphakathi futhi angcolisa izimfundiso zobuKristu ngefilosofi yamaGreki. Ngokushesha kwavela isigaba sabefundisi futhi saqala ukulingisa ababusi bezombangazwe. Ngokwezazi-mlando, ngesikhathi “ubuKristu” sebuyinkolo yoMbuso WamaRoma, akusalanga ngisho nesithunzi sebandla lekhulu lokuqala.
  • Ngemva kwamakhulu eminyaka, lobu buKristu obungcolisiwe baba nomlando wobudlova nokuhaha. Kunokuba bazibonakalise bengabalandeli bakaJesu, abefundisi bashushisa labo ababelingisa indlela kaJesu yokushumayela nalabo ababezama ukunyathelisa iBhayibheli ngolimi lwabantu.

Emakhulwini eminyaka lapho amaKristu-mbumbulu ayenamandla amakhulu khona, kubonakala sengathi kwayekwa ngokuphelele ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle. Nokho, uJesu wabonisa ukuthi izindaba ezinhle zaziyovuselelwa ezinsukwini zokugcina. Wafanisa le nkathi nokuvuna lapho amaKristu-mbumbulu, afanekiselwa ukhula, ayeyohlukaniswa khona namaKristu eqiniso, afanekiselwa ukolweni. (Mathewu 13:24-30, 36-43) Ngaleso sikhathi, isiprofetho esiphathelene nokushunyayelwa kwezindaba ezinhle sasiyogcwaliseka ngokugcwele. (Mathewu 24:14) Ingxenye elandelayo izokhuluma ngalesi siprofetho esithakazelisayo.