IzEnzo ZabaPhostoli 1:1-26

  • Incwadi eya kuTheyofilu (1-5)

  • Ofakazi nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba (6-8)

  • UJesu unyukela ezulwini (9-11)

  • Abafundi bahlangana ngobunye (12-14)

  • Kukhethwa uMathiya ukuba angene esikhundleni sikaJuda (15-26)

1  Encwadini yokuqala engakubhalela yona, Theyofilu, ngachaza zonke izinto uJesu azenza nazifundisa +  kwaze kwaba usuku anyuswa ngalo, + ngemva kokuba enikeze iziyalezo ngomoya ongcwele kubaphostoli ayebakhethile. +  Ngemva kokuhlupheka kwakhe, waziveza ephila kubo ngobufakazi obuningi obuqand’ ikhanda. + Bambona phakathi nazo zonke izinsuku ezingu-40, ekhuluma ngoMbuso kaNkulunkulu. +  Ngesikhathi ehlangene nabo, wabayala wathi: “Ningahambi eJerusalema, + kodwa qhubekani nilindele lokho uBaba akuthembisile, + enakuzwa ngami;  ngoba uJohane, ngempela wabhapathiza ngamanzi, kodwa nina nizobhapathizwa ngomoya ongcwele + ezinsukwini ezingeziningi ngemva kwalokhu.”  Ngakho lapho sebehlangene bambuza bathi: “Nkosi, ingabe uzowubuyisela umbuso ku-Israyeli ngalesi sikhathi?” +  Wathi kubo: “Akukhona okwenu ukwazi izikhathi noma izinkathi uBaba azishiyele kuye ngokwakhe. *+  Kodwa nina nizokwamukela amandla lapho umoya ongcwele ufika phezu kwenu, + nizoba ofakazi + bami eJerusalema, + kulo lonke elaseJudiya naseSamariya, + nasezingxenyeni ezikude kakhulu* zomhlaba.” +  Ngemva kokusho lezi zinto, ngesikhathi besabhekile, waphakanyiselwa phezulu, ifu lamkhuphula wasuka emehlweni abo. + 10  Njengoba begqolozele isibhakabhaka ngesikhathi ehamba, kungazelelwe, kwama amadoda amabili eceleni kwabo egqoke izingubo ezimhlophe, + 11  athi: “Madoda aseGalile, kungani nimile nibheke esibhakabhakeni? Lo Jesu okhushulelwe phezulu esibhakabhakeni esuka kini uyokuza ngendlela efanayo naleyo enimbone eya ngayo esibhakabhakeni.” 12  Babe sebebuyela eJerusalema + besuka entabeni okuthiwa iNtaba Yeminqumo, eseduze kweJerusalema, eqhele ngohambo losuku lwesabatha. 13  Lapho befika, bakhuphukela ekamelweni eliphezulu lapho babehleli khona. Kwakukhona uPetru noJohane noJakobe no-Andreya, uFiliphu noTomase, uBartolomewu noMathewu, uJakobe indodana ka-Alfewu, uSimoni oshisekayo, kanye noJuda indodana kaJakobe. + 14  Bonke laba babephikelela emthandazweni benomgomo ofanayo, kanye nabesifazane abathile + noMariya unina kaJesu kanye nabafowabo. + 15  Phakathi nalezo zinsuku, uPetru wasukuma wama phakathi kwabazalwane (inani* labantu selilonke cishe lalingu-120) wathi: 16  “Madoda, bafowethu, ngoDavide umoya ongcwele washo isiprofetho esimayelana noJuda, kwakudingekile ukuba lowo mBhalo ugcwaliseke. + Lowo Juda nguye owayehola labo ababopha uJesu. + 17  Ngoba wayebalwe phakathi kwethu, + ekhonza kanye nathi. 18  (Ngakho yena kanye lo muntu wathenga isiganga ngenkokhelo yokungalungi, + lapho ewa ngekhanda umzimba wakhe waqhuma,* wonke amathumbu akhe achitheka. + 19  Lokhu kwaziwa yibo bonke abahlala eJerusalema, kangangokuthi leso siganga sabizwa ngolimi lwabo ngokuthi i-A·kelʹda·ma, okuwukuthi, “iSiganga Segazi.”) 20  Ngoba kulotshiwe encwadini yamaHubo ukuthi, ‘Indawo yakhe yokuhlala mayibe incithakalo, makungahlali muntu kuyo,’ + nokuthi, ‘Isikhundla sakhe sokuba umbonisi masithathwe omunye.’ + 21  Ngakho kudingekile ukuba emadodeni ayehamba nathi ngaso sonke isikhathi, lapho iNkosi uJesu yenza imisebenzi yayo* phakathi kwethu, 22  kusukela ekubhapathizweni kwayo nguJohane + kuze kube sosukwini eyakhushulelwa ngalo phezulu isuka kithi, + enye kula madoda ibe ufakazi kanye nathi wokuvuka kwayo.” + 23  Ngakho baphakamisa ukuba kumiswe ababili, uJosefa owayebizwa ngokuthi uBarsaba, owayebuye abizwe ngoJustu, noMathiya. 24  Bathandaza bathi: “Wena Jehova,* owazi izinhliziyo zabo bonke, + bonisa ukuthi iyiphi kula madoda amabili oyikhethile 25  ukuba ithathe indawo yale nkonzo nobuphostoli, leyo uJuda aphambuka kuyo waya endaweni yakhe.” + 26  Ngakho babenzela inkatho, + inkatho yadla uMathiya, wabalwa* kanye nabaphostoli abangu-11.

Imibhalo yaphansi

Noma, “egunyeni lakhe.”
Noma, “ezisemaphethelweni.”
Noma, “isixuku.”
Noma, “waqhuma wavuleka phakathi nendawo.”
NgesiGreki, “ingena iphuma.”
Okuwukuthi, wabhekwa njengabawu-11.