IzEnzo ZabaPhostoli 1:1-26
1 Encwadini yokuqala engakubhalela yona, Theyofilu, ngachaza zonke izinto uJesu azenza nazifundisa +
2 kwaze kwaba usuku anyuswa ngalo, + ngemva kokuba enikeze iziyalezo ngomoya ongcwele kubaphostoli ayebakhethile. +
3 Ngemva kokuhlupheka kwakhe, waziveza ephila kubo ngobufakazi obuningi obuqand’ ikhanda. + Bambona phakathi nazo zonke izinsuku ezingu-40, ekhuluma ngoMbuso kaNkulunkulu. +
4 Ngesikhathi ehlangene nabo, wabayala wathi: “Ningahambi eJerusalema, + kodwa qhubekani nilindele lokho uBaba akuthembisile, + enakuzwa ngami;
5 ngoba uJohane, ngempela wabhapathiza ngamanzi, kodwa nina nizobhapathizwa ngomoya ongcwele + ezinsukwini ezingeziningi ngemva kwalokhu.”
6 Ngakho lapho sebehlangene bambuza bathi: “Nkosi, ingabe uzowubuyisela umbuso ku-Israyeli ngalesi sikhathi?” +
7 Wathi kubo: “Akukhona okwenu ukwazi izikhathi noma izinkathi uBaba azishiyele kuye ngokwakhe. *+
8 Kodwa nina nizokwamukela amandla lapho umoya ongcwele ufika phezu kwenu, + nizoba ofakazi + bami eJerusalema, + kulo lonke elaseJudiya naseSamariya, + nasezingxenyeni ezikude kakhulu* zomhlaba.” +
9 Ngemva kokusho lezi zinto, ngesikhathi besabhekile, waphakanyiselwa phezulu, ifu lamkhuphula wasuka emehlweni abo. +
10 Njengoba begqolozele isibhakabhaka ngesikhathi ehamba, kungazelelwe, kwama amadoda amabili eceleni kwabo egqoke izingubo ezimhlophe, +
11 athi: “Madoda aseGalile, kungani nimile nibheke esibhakabhakeni? Lo Jesu okhushulelwe phezulu esibhakabhakeni esuka kini uyokuza ngendlela efanayo naleyo enimbone eya ngayo esibhakabhakeni.”
12 Babe sebebuyela eJerusalema + besuka entabeni okuthiwa iNtaba Yeminqumo, eseduze kweJerusalema, eqhele ngohambo losuku lwesabatha.
13 Lapho befika, bakhuphukela ekamelweni eliphezulu lapho babehleli khona. Kwakukhona uPetru noJohane noJakobe no-Andreya, uFiliphu noTomase, uBartolomewu noMathewu, uJakobe indodana ka-Alfewu, uSimoni oshisekayo, kanye noJuda indodana kaJakobe. +
14 Bonke laba babephikelela emthandazweni benomgomo ofanayo, kanye nabesifazane abathile + noMariya unina kaJesu kanye nabafowabo. +
15 Phakathi nalezo zinsuku, uPetru wasukuma wama phakathi kwabazalwane (inani* labantu selilonke cishe lalingu-120) wathi:
16 “Madoda, bafowethu, ngoDavide umoya ongcwele washo isiprofetho esimayelana noJuda, kwakudingekile ukuba lowo mBhalo ugcwaliseke. + Lowo Juda nguye owayehola labo ababopha uJesu. +
17 Ngoba wayebalwe phakathi kwethu, + ekhonza kanye nathi.
18 (Ngakho yena kanye lo muntu wathenga isiganga ngenkokhelo yokungalungi, + lapho ewa ngekhanda umzimba wakhe waqhuma,* wonke amathumbu akhe achitheka. +
19 Lokhu kwaziwa yibo bonke abahlala eJerusalema, kangangokuthi leso siganga sabizwa ngolimi lwabo ngokuthi i-A·kelʹda·ma, okuwukuthi, “iSiganga Segazi.”)
20 Ngoba kulotshiwe encwadini yamaHubo ukuthi, ‘Indawo yakhe yokuhlala mayibe incithakalo, makungahlali muntu kuyo,’ + nokuthi, ‘Isikhundla sakhe sokuba umbonisi masithathwe omunye.’ +
21 Ngakho kudingekile ukuba emadodeni ayehamba nathi ngaso sonke isikhathi, lapho iNkosi uJesu yenza imisebenzi yayo* phakathi kwethu,
22 kusukela ekubhapathizweni kwayo nguJohane + kuze kube sosukwini eyakhushulelwa ngalo phezulu isuka kithi, + enye kula madoda ibe ufakazi kanye nathi wokuvuka kwayo.” +
23 Ngakho baphakamisa ukuba kumiswe ababili, uJosefa owayebizwa ngokuthi uBarsaba, owayebuye abizwe ngoJustu, noMathiya.
24 Bathandaza bathi: “Wena Jehova,* owazi izinhliziyo zabo bonke, + bonisa ukuthi iyiphi kula madoda amabili oyikhethile
25 ukuba ithathe indawo yale nkonzo nobuphostoli, leyo uJuda aphambuka kuyo waya endaweni yakhe.” +
26 Ngakho babenzela inkatho, + inkatho yadla uMathiya, wabalwa* kanye nabaphostoli abangu-11.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “egunyeni lakhe.”
^ Noma, “ezisemaphethelweni.”
^ Noma, “isixuku.”
^ Noma, “waqhuma wavuleka phakathi nendawo.”
^ NgesiGreki, “ingena iphuma.”
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Okuwukuthi, wabhekwa njengabawu-11.