IzEnzo ZabaPhostoli 21:1-40

  • Kuyiwa eJerusalema (1-14)

  • Kufikwa eJerusalema (15-19)

  • UPawulu ulandela iseluleko samadoda amadala (20-26)

  • Kusuka isiyaluyalu ethempelini; uPawulu uyaboshwa (27-36)

  • UPawulu uyavunyelwa ukuba akhulume nesixuku (37-40)

21  Ngemva kokuhlukana nabo kabuhlungu* nokuhamba ngomkhumbi, sathatha indlela eqondile safika eKhose, ngosuku olulandelayo saya eRodu, ukusuka lapho saya ePathara.  Lapho sithola umkhumbi owawuwelela eFenike, sagibela sahamba.  Ngemva kokubona isiqhingi saseKhupro, sasishiya ngemuva ngakwesobunxele* saqhubeka ngomkhumbi saya eSiriya, sase sifika eThire, lapho umkhumbi wawuzothulula khona umthwalo wawo.  Sabafuna sabathola abafundi futhi sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa. Kodwa ngenxa yalokho okwambulwa umoya ongcwele, bamtshela ngokuphindaphindiwe uPawulu ukuba angalubeki unyawo lwakhe eJerusalema. +  Lapho sesiphelile isikhathi sethu kuleyo ndawo, sasuka sangena indlela, kodwa bonke, kanye nabesifazane nabantwana, basiphelezela saze saphumela ngaphandle kwedolobha. Saguqa phansi ogwini, sathandaza  savalelisana. Sabe sesigibela emkhunjini, bona babuyela emakhaya.  Sasuka eThire ngomkhumbi safika ePhetolemayi, sabingelela abazalwane sahlala usuku olulodwa nabo.  Ngosuku olulandelayo sasuka saya eKhesariya, sangena endlini kaFiliphu umvangeli, owayengomunye wamadoda ayisikhombisa, + sahlala naye.  Lo muntu wayenamadodakazi amane angashadile,* ayeprofetha. + 10  Kodwa ngemva kokuba sesihlale izinsukwana lapho, umprofethi ogama lakhe lingu-Agabu + wehla evela eJudiya. 11  Wafika kithi wathatha ibhande likaPawulu, wazibopha izinyawo nezandla wathi: “Usho kanje umoya ongcwele, ‘Umnikazi waleli bhande, amaJuda azombopha ngale ndlela eJerusalema, + amnikele kubantu bezizwe.’ ” + 12  Lapho sikuzwa lokhu, thina nabantu ababelapho, samncenga ukuba angakhuphukeli eJerusalema. 13  UPawulu waphendula wathi: “Nikhalelani nisenza buthaka isinqumo sami?* Qinisekani ngalokhu, angilungele ukuboshwa nje kuphela kodwa ngilungele nokufa eJerusalema ngenxa yegama leNkosi uJesu.” + 14  Lapho engavimbeki, sayeka ukuphikisana naye* sathi: “Intando kaJehova* mayenzeke.” 15  Ngemva kwalezi zinsuku salungiselela uhambo, salibangisa eJerusalema. 16  Abanye kubafundi baseKhesariya nabo bahamba nathi, basiyisa kuMnasoni waseKhupro, umfundi okwabokuqala, esasizoba izivakashi zakwakhe. 17  Lapho sifika eJerusalema, abafowethu basamukela ngenjabulo. 18  Kodwa ngosuku olulandelayo uPawulu waya nathi kuJakobe, + wonke amadoda amadala ayekhona. 19  Wawabingelela, wayeselandisa ngokuningiliziwe izinto uNkulunkulu ayezenze kwabezizwe ngenkonzo yakhe. 20  Ngemva kokuzwa lokhu, akhazimulisa uNkulunkulu, kodwa athi kuye: “Mfowethu, uyabona ukuthi ziningi kangakanani izinkulungwane zamakholwa akhona kumaJuda, wonke ashisekela uMthetho. + 21  Kodwa ezwe amahemuhemu ngawe okuthi ubufundisa wonke amaJuda phakathi kwezizwe ukuhlubuka kuMose, uwatshela ukuthi angabasoki abantwana bawo futhi angawalandeli amasiko. + 22  Yini okumelwe yenziwe? Nakanjani bazozwa ukuthi ufikile. 23  Ngakho yenza lokhu esikutshela kona: Sinamadoda amane enze isifungo. 24  Wathathe la madoda, uzihlanze nawo ngokwesiko futhi unakekele izindleko zawo, ukuze agunde amakhanda awo. Uma wenza lokho, bonke bazokwazi ukuthi awekho la mahemuhemu abawatshelwe ngawe, kodwa uhamba ngokuhlelekile futhi uyawugcina uMthetho. + 25  Ngokuqondene namakholwa avela kwabezizwe, siwabhalele isinqumo sethu sawathumelela sona, sokuthi kufanele adede ezintweni ezihlatshelwe izithixo, + egazini, + ezintweni eziklinyiwe *+ nasekuziphatheni kabi ngokocansi.” *+ 26  UPawulu wabe esewathatha la madoda ngosuku olulandelayo wazihlanza kanye nawo ngokwesiko, + wangena ethempelini ukuze asho ukuthi zizophela nini izinsuku zokuhlanzwa ngokwesiko nokuthi umnikelo womuntu ngamunye kubo uyolethwa nini. 27  Lapho izinsuku eziyisikhombisa sezizophela, amaJuda ase-Asiya, lapho embona ethempelini, axokozelisa sonke isixuku, ambamba, 28  ememeza ethi: “Bantu bakwa-Israyeli, sizani! Nangu lo muntu ofundisa bonke abantu kuyo yonke indawo izinto ezingavumelani nesizwe sethu noMthetho wethu kanye nale ndawo. Ngaphezu kwalokho, ungenise ngisho namaGreki ethempelini wayingcolisa le ndawo engcwele.” + 29  Ngaphambili ayebone uTrofimu + wase-Efesu enaye edolobheni, acabanga ukuthi uPawulu wayemngenise ethempelini. 30  Lonke idolobha laba nesiyaluyalu, abantu beza begijima, babamba uPawulu bamhudulela ngaphandle kwethempeli, ngokushesha iminyango yavalwa. 31  Lapho bezama ukumbulala, umlawuli webutho wathola umbiko othi kunesiyaluyalu kulo lonke iJerusalema; 32  ngaso leso sikhathi wathatha amasosha nezikhulu zamabutho wagijima wehlela kubo. Lapho bebona umlawuli wamabutho namasosha, bayeka ukushaya uPawulu. 33  Umlawuli wamabutho wasondela wamthatha wamyisa ejele, wayala ukuba aboshwe ngamaketanga amabili; + wabe esebuza ukuthi ungubani nokuthi wayenzeni. 34  Kodwa abanye esixukwini babememeza okunye nabanye bememeza okunye. Ngakho, naye engakwazi ukuthola ukuthi kwakwenzekeni ngempela ngenxa yokuxokozela, wayala ukuba alethwe ekamu lamasosha. 35  Kodwa lapho efika ezitebhisini, kwadingeka ukuba athwalwe amasosha ngenxa yobudlova besixuku, 36  ngoba isixuku sabantu sasilokhu silandela, simemeza sithi: “Mbulaleni!” 37  Lapho esezoyiswa ekamu lamasosha, uPawulu wathi kumlawuli wamabutho: “Ngivumelekile yini ukusho okuthile kuwe?” Wathi: “Uyakwazi ukukhuluma isiGreki? 38  Awuyena yini lo mGibhithe okwathi esikhathini esidlule wabhebhezela ukuvukela umbuso futhi waholela ngaphandle ehlane amadoda angababulali angu-4 000?” 39  UPawulu wathi: “Eqinisweni, ngingumJuda + waseTarsu + eKhilikhiya, isakhamuzi sedolobha elaziwayo. Ngakho ngiyakuncenga, ngivumele ngikhulume nalaba bantu.” 40  Ngemva kokumvumela, uPawulu, emi ezitebhisini, wathulisa abantu ngesandla. Lapho umsindo sewehlile, wakhuluma nabo ngolimi lwesiHebheru, + wathi:

Imibhalo yaphansi

Noma, “ngezinyembezi.”
Noma, “ngasohlangothini lwetheku.”
NgesiGreki, “ayizintombi nto.”
Noma, “ningenza buthaka enhliziyweni.”
NgesiGreki, “sathula.”
Noma, “ezibulawe zingophiswanga.”
NgesiGreki, por·neiʹa. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.