Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGOMA 149

INgoma Yokunqoba

INgoma Yokunqoba

(Eksodusi 15:1)

  1. 1. Hubel’ iNkosi. Igama layo liphakeme.

    AbaseGibhithe, Yabaphonsa olwandle.

    Dumisa uJah;

    Nguyena ongoPhezukonke.

    Konke ukunqoba,

    Kungokuka Jehova.

    (CHORUS)

    Jehova Mninimandla Onke,

    Awushintshashintshi nakancane,

    Izitha zakho uyozibhuqa

    Ungcwelis’ igama lakho.

  2. 2. Zonke izizwe zimelene noNkulunkulu.

    Noma zinamandla

    Nazo zizohlazeka.

    Zizobhujiswa;

    Zizonqotshwa eArmagedon’.

    Bonke bayolazi

    Igama l’kaJehova.

    (CHORUS)

    Jehova Mninimandla onke,

    Awushintshashintshi nakancane,

    Izitha zakho uyozibhuqa

    Ungcwelis’ igama lakho.