Dlulela kokuphakathi

Incwadi Ngaphansi Komshini Wokuwasha

Incwadi Ngaphansi Komshini Wokuwasha

 Ngemva kokubhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova, uZarina wabuyela kubo eRussia eCentral Asia, wayezimisele ukufundisa amadodakazi akhe amabili ngokholo lwakhe. Ngenxa yokuthi wayengamile kahle ngokwezimali, wahlala endlini enekamelo elilodwa nabazali bakhe, umfowabo omncane nomkakhe. Abazali bakhe bamtshela ukuba angazifundisi izingane zakhe iqiniso eliseBhayibhelini. Batshela namadodakazi akhe ukuthi angaxoxi nonina ngeBhayibheli.

 UZarina wacabanga wajula ngendlela angasiza ngayo amantombazane akhe afunde ngoJehova. (IzAga 1:8) Ngakho wathandaza ngokujulile kuJehova emcela amqondise futhi amuphe ukuhlakanipha. UZarina wenza okuthile ukuze enze ngokuvumelana nalokho abekuthandazela, ngokulula izinyawo namadodakazi akhe, ekhuluma nawo ngobuhle bendalo. Lokhu kulula izinyawo okufushane kwawasiza amantombazane afisa ukwazi ngoMdali.

 Ngokulandelayo, uZarina wacabanga ngendlela yokuqhubeka efundisa izingane zakhe ngokusebenzisa incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? a Wabhala ephepheni izigaba nembizo njengoba kunjalo encwadini. Wabe esenezela neminye imisho ukuze asize amadodakazi akhe akuqonde kangcono lokho akufundayo. Wabe esefihla lawo maphepha, kanye nepeni, ngaphansi komshini wokuwasha egunjini lokugeza. Lapho amadodakazi esegunjini, ayefunda izigaba bese ebhala phansi izimpendulo.

 Esebenzisa leyo ndlela, uZarina wakwazi ukufunda namadodakazi akhe izahluko ezimbili zencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli ngaphambi kokuba bobathathu bathole enye indawo abazohlala kuyo. Lapho, wayezokwazi ukukhulisa amadodakazi akhe ngokukhululekile ngaphandle kweziphazamiso. Ngo-Okthoba 2016, amantombazane womabili abhapathizwa, ejabule ngokuthi unina wasebenzisa ukuhlakanipha nokuqona ukuze awafundise iqiniso ngoNkulunkulu.

a Abantu abaningi manje basebenzia incwadi ethi Lingasifundisani IBhayibheli?