Dlulela kokuphakathi

Isikhukhula Esaletha Izindaba Ezinhle

Isikhukhula Esaletha Izindaba Ezinhle

 Ngo-2017, oFakazi abangu-12 bahamba ngesikebhe besuka eMosquito (eMiskito) Coast esifundeni saseNicaragua. Igama lesikebhe sabo kwakuyi-Sturi Yamni. Omunye owayekhona kulolo hambo okuthiwa uStephen uyakhumbula, “Umgomo wethu kwakuwukukhuthaza iqembu elincane loFakazi elalihlala kule ndawo eqhelile, nokulisiza ukuba lishumayele izindaba ezinhle ensimini yalo enkulu.”

 OFakazi abangu-12 basuka ePearl Lagoon bathatha uhambo olungamakhilomitha angu-200 oluya eRío Grande de Matagalpa. Babengazi ukuthi igama lesikebhe sabo, elisho ukuthi “Izindaba Ezinhle” ngolimi lwaseMiskito, laliyoba nencazelo ekhethekile kubantu abagudle ugu lomfula. Ngemva kokuhamba amahora angu-12, singazibali izindawo ababema kuzo balale khona, oFakazi bafika lapho ababeya khona—eLa Cruz de Río Grande. OFakazi abayisithupha bendawo babemukela ngemfudumalo labo Fakazi abangu-12.

 Ngalobo busuku, kwagadla inhlekelele. Isiphepho esinamandla sabangela ukuba imvula enkulu igcwalise umfula i-Río Grande de Matagalpa. Phakathi namahora ambalwa umfula wawusugcwele, ngemva kwezinsuku ezimbili wawusugcwele uchichima. IHholo loMbuso kanye nezindlu eziningi e-La Cruz kwase kugcwele amanzi. Abazalwane ababevakashile basiza abantu bendawo ukuba baphume ezindlini. Abaningi bachitha izinsuku ezimbili endlini yomunye uFakazi eyizitezi ezimbili.

IHholo LoMbuso eligcwele amanzi eLa Cruz

 Ngosuku lwesithathu imeya yase-La Cruz yaya koFakazi abavakashile yacela ukuba basize. Njengoba i-Sturi Yamni kwakuyisona sikebhe esasiqine ngokwanele ukuthi singakwazi ukumelana nomfula odla izindwani, imeya yacela leli qembu labafowethu ukuba lihambise abantu ababeyotakula ezansi nomfula ukuze bayosiza umphakathi othintekile. Labo Fakazi bakujabulela ukufaka isandla.

 Ngakusasa ekuseni, oFakazi abathathu bahamba naleli qembu labatakuli. UStephen uyakhumbula, “Ngaleso sikhathi umfula wawusudla izindwani, izihlahla izinkulu zase zisiphuleke phansi sezintanta emanzini, umfula wawusuyingozi kakhulu usugeleza ngejubane elingaphezu kwamakhilomitha angu-18 ngehora. Naphezu kwezimo ezinzima, isikebhe sakwazi ukufinyelela ezindaweni ezintathu.

 Labo Fakazi abathathu basebenzisa leli thuba ukuze baduduze abantu bendawo. Labo Fakazi bahambisa i-Phaphama! ka-2017 eyayinesihloko esifanelekayo esasithi “Lapho Kugadla Inhlekelele—Ongakwenza Ukuze Usinde.”

 Umphakathi ohlala endaweni egudle umfula walujabulela kakhulu usizo olungokoqobo kanye nenduduzo evela eBhayibhelini abayithola koFakazi. Abantu abahlala kule ndawo bathi, “Bazimisele ukusiza ngezikhathi ezinzima.” Abanye bathi, “Babathanda ngempela omakhelwane.” Abantu abaningi kule ndawo sebeyathanda ukulalela umyalezo weBhayibheli oduduzayo ngenxa yokuthi babona oFakazi besiza abanye oFakazi abakanye nabo nabanye abantu bendawo.

UMarco, ongomunye oseqenjini elalihamba ngesikebhe, ushiya i-Sturi Yamni ukuze ayoxoxa ngezindaba ezinhle nabantu bendawo

I-Sturi Yamni sime endaweni enezikhukhula