Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Lapho Kugadla Inhlekelele—Ongakwenza Ukuze Usinde

Lapho Kugadla Inhlekelele—Ongakwenza Ukuze Usinde

“Ngezwa umsindo wento eqhumayo owawumkhulu kangangokuba ngacishe ngavuka phansi. Ibhilidi elinezitezi eziningi esasisebenza kulo lagcwala intuthu eyayingena ngezikhala zomoya, kwabe sekugqamuka umlilo omkhulu.”—UJoshua.

Ukuzamazama komhlaba . . . isiphepho . . . abantu abagqoka amabhomu baziqhumise bona nabanye . . . ukudutshulwa kwabantu ezikoleni. Lezi izindaba ezisematheni, nokho ukufunda ngalezi zindaba kuhluke kakhulu kunokubhekana nazo ngokoqobo. Yini ongayenza ngaphambi kokugadla kwenhlekelele, ngesikhathi igadla, nangemva kwayo ukuze usinde?

NGAPHAMBI KOKUGADLA KWENHLEKELELE—KULUNGELE

AKEKHO ongathi yena akasoze ehlelwa yinhlekelele. Ngakho ukuze usinde, kuhle ukuyihlomela kusengaphambili. Ungayihlomela kanjani?

  • Lindela ukuthi ingenzeka. Kwamukele ukuthi izinhlekelele ziyenzeka nokuthi wena nabantu obathandayo ningaba sengozini noma nini. Ungalindi ize yenzeke inhlekelele, kusuke sekukuncane kakhulu ongakwenza ngaleso sikhathi.

  • Thola ukuthi iziphi izinhlekelele ezingenzeka endaweni ohlala kuyo. Zazi izindawo zomphakathi ongabalekela kuzo. Iphephile yini indlu ohlala kuyo nendawo ekuzungezile? Susa noma yini engokhela umlilo kalula. Faka imishini exwayisayo lapho kunomlilo, bese uqikelela ukuthi uyawashintsha amabhethri ayo, okungenani kanye ngonyaka.

  • Qoqa izinto ezibalulekile ozozidinga. Lapho kugadla inhlekelele, ugesi, amanzi, ifoni, nezinto zokuhamba zomphakathi kungase kungasebenzi. Uma unemoto, zama ukugcina uphethiloli ungekho ngaphansi kukahhafu wethangi. Yiba nesikhwama sezimo eziphuthumayo esinokudla, amanzi nezinye izinto ezibalulekile.—Bheka ibhokisi elithi “ Unazo Yini Izinto Ozozidinga Lapho Kugadla Inhlekelele?

    Ukuhlela kubalulekile ukuze usinde

  • Zigcine ziseduze izinombolo zamafoni abangane abaseduze nabakude.

  • Hlela futhi uprakthize ukuthi uzobaleka kanjani. Zazi kahle izindawo eziseduze zokuphuma uma kwenzeka kuba nesimo esiphuthumayo. Uma unezingane, xoxa nazo ngalokho okufanele zikwenze uma kuba nenhlekelele zisesikoleni. Khetha indawo ephephile umndeni ongaqoqelana kuyo uma kugadla inhlekelele, kungaba isikole noma ipaki. Khetha engaphezu kweyodwa, eseduze kwasekhaya nekwenye indawo. Iziphathimandla zithi kubalulekile ukuba niprakthize ukuya ngezinyawo kulezo zindawo eningaphephela kuzo nomndeni wakho.

  • Hlela ukusiza abanye, okungahlanganisa nasebekhulile nabagulayo.

NGESIKHATHI SOKUGADLA KWENHLEKELELE—SHESHA!

UJoshua esikhulume ngaye ekuqaleni uthi: “Ngesikhathi kugqamuka umlilo abantu abaningi bazithela ngabandayo, babodwa abalibala ukucisha ama-computer, abanye baya kogcwalisa amanzi ezigujini zabo. Omunye wathi, ‘Mhlawumbe kufanele silinde.’” Naphezu kokuzithela kwabo ngabandayo uJoshua wamemeza: “Asiphumeni bo!” Ngemva kwalokho, ayesebenza nabo babona ukuthi babesengozini, bamlandela behla ngezitebhisi. UJoshua wayelokhu ememeza ethi, “Sisizane uma kukhona owayo, kodwa singami. Sizophuma siphila!”

  • Lapho kunomlilo. Zama ukugaqa ngokushesha uye endaweni yokuphuma eseduze. Uma umile intuthu yenza kube nzima ukuba ubone futhi abantu abaningi babulawa ukuyihogela. Ungazami ukuthatha izinto. Leyo mizuzu emincane ulibele ingakubulala.

  • Lapho kuzamazama umhlaba. Ngena ngaphansi kwefenisha eqinile noma ume eduze kodonga oluhlukanisa indlu ngaphakathi. Lindela ukuthi kungaba nokunye ukuzamazama okuncane, ngakho lapho nje ithuba livela, phuma ngokushesha uqhele ezakhiweni. Abezimo eziphuthumayo bangase baphuze ukufika, ngakho zama ukusiza abanye uma kungenzeka.

  • Lapho kune-tsunami. Uma ubona ulwandle luhlehla kungalindelekile, baleka ngokushesha uye endaweni ephakeme. Kusuke sekuzolandela amagagasi amakhulu.

  • Lapho kunesiphepho. Uma kunendawo eyenzelwe ukukhosela uma kunesiphepho, iya kuyo ngokushesha.

  • Lapho kunezikhukhula. Phuma endlini egcwele amanzi. Ungazami ukuhamba emanzini noma ukushayela kuwo. Lawo manzi angaba nendle nezinye izinto eziyingozi njengezinto ezikhukhulekile, imigodi evulekile nezintambo zikagesi ezingabonakali.

  • Bewazi? Amanzi agelezayo angamamitha angu-0.6 ukuphakama, angayikhukhula imoto. Lapho kunezikhukhula, abantu abaningi babulawa ukuzama ukushayela kulawo manzi.

  • Uma iziphathimandla zithi abantu mabasuke endaweni, lalela! Tshela abangane bakho ukuthi ukuphi, ngoba bangase bafake ukuphila kwabo engozini bekucinga.

    Uma iziphathimandla zithi abantu mabasuke endaweni, lalela!

  • Bewazi? Kungcono kakhulu ukubhala umyalezo uwuthumele ngocingo, kunokufona.

  • Uma iziphathimandla zithi abantu abahlale ezindlini zabo noma ezindaweni zokuphepha ezikhona, lalela. Uma nihlaselwa noma kuba nengozi, bese umoya wangaphandle uba namagciwane, amakhemikhali noma imisebe eyingozi, hlala ngaphakathi endlini uvale iminyango, amafasitela nezimbobo ezingenisa umoya. Uma kuqhuma ibhomu lenuzi, lala phansi noma uye endaweni ephansi kunazo zonke endlini yakho ukuze ugweme imisebe eyingozi. Lalela izindaba zomphakathi kuyithelevishini noma emsakazweni. Ungaphumi, kuze kube yilapho iziphathimandla zithi sekungaphunywa.

NGEMVA KWENHLEKELELE—ZIGCINE UPHEPHILE!

Ukuze ugweme izifo nezingozi, nakhu okunye ongakwenza:

  • Hlala nabangane uma kungenzeka, kunokuhlala ezindaweni ezilungiselelwe umphakathi.

  • Gcina indawo enihlala kuyo ihlanzekile.

  • Sebenzisa izinto zokuzivikela lapho kususwa imfucumfucu. Uma kungenzeka, gqoka amagilavu, izicathulo eziqinile, umakalabha nesifonyo sokuzivikela ezintulini. Qaphela izintambo zikagesi kanye nezinto ezivuthayo okungenzeka zifihlwe yimfucumfucu.

  • Qhubeka wenza izinto obuzenza ngaphambili uma kungenzeka. Izingane zakho kudingeka zibone ukuthi awutatazeli futhi awulilahlile ithemba. Yenzani imisebenzi yesikole, nidlale futhi niqhubeke nenza izinto ezinisondeza kuNkulunkulu. Ungagxili ezintweni ezibuhlungu ezishiwo ezindabeni, futhi ungakhipheli ulaka lwakho emndenini wakho. Yamukela usizo futhi nawe usize abanye.

    Ngemva kwenhlekelele, qhubeka nezinto obuzenza ngaphambili, uma kungenzeka

  • Kulindele ukulahlekelwa izinto eziningi ngenxa yenhlekelele. Inhloso kahulumeni nezinhlangano ezisizayo akukhona ukubuyisa zonke izinto ezilahlekile, kodwa ukusiza abantu ukuba baphephe. Amanzi ahlanzekile, ukudla, izingubo nendawo yokuhlala ephephile yikona okubalulekile.—1 Thimothewu 6:7, 8.

  • Kulindele ukuthi ungase ucindezeleke, ngakho cela usizo. Imizwa yokucindezeleka ingase iqale ukubonakala lapho inhlekelele isidlulile. Izimpawu zingaba ukukhathazeka, ukushintshashintsha kwendlela ozizwa ngayo, ukungakwazi ukucabanga kahle, ukungakwazi ukusebenza nokungakwazi ukulala. Khuluma nomngane onozwela.

Nakuba uJoshua asinda lapho kuba nomlilo emsebenzini, abaningi ayesebenza nabo abazange basinde. Wathola usizo kubadala abangamaKristu, nakwabezempilo abasiza ezifweni zengqondo. UJoshua uthi: “Bangiqinisekisa ukuthi kwakulindelekile futhi kungokwemvelo ukuba ngizizwe ngendlela engangizizwa ngayo nokuthi kwakuzodlula njengoba isikhathi siqhubeka. Nangempela, amaphupho amabi ancipha ngemva kwezinyanga eziyisithupha. Kodwa, ezinye izinkinga zisekhona namanje.”

Izinhlekelele zingasishiya sinomuzwa wokuthi kufanele kube khona obekwa icala ngalokho okwenzekile. Ngenxa yalokho, abanye benza iphutha lokugxeka uNkulunkulu. Abanye, njengoJoshua, bazizwa benecala ngokuthi bona basindile kuyilapho abanye befile. UJoshua uthi: “Ngihlale ngizibuza ukuthi ngangingeke yini ngikwazi ukusiza abantu abengeziwe. Kuyangiduduza ukwazi ukuthi maduze uNkulunkulu uzozilungisa zonke izinto ezimbi emhlabeni. Okwamanje, usuku ngalunye luyigugu kimi, futhi ngenza konke engingakwenza ukuze ngiqhubeke ngiphila.”—IsAmbulo 21:4, 5. *

^ isig. 33 Uma ufuna ukwazi ngezithembiso zikaNkulunkulu zekusasa nokuthi kungani evumele izinto ezimbi emhlabeni, bheka incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ungayidawuniloda ku-www.isa4310.com/zu.