Dlulela kokuphakathi

Ingabe Kuyimfuneko Ukuba Ilungu Lenkolo Ehleliwe?

Ingabe Kuyimfuneko Ukuba Ilungu Lenkolo Ehleliwe?

Impendulo YeBhayibheli

Yebo, ngoba uNkulunkulu ufuna abantu bahlangane ukuze bamkhulekele. IBhayibheli lithi: “Masicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu ndawonye.”​—Hebheru 10:24, 25.

UJesu wabonisa ukuthi abalandeli bakhe babeyokwakha iqembu elihleliwe lapho ethi kubo: “Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Johane 13:35) Ukuhlangana ndawonye kwabafundi bakaJesu kwakuyoba yindlela eyinhloko yokubonisa lolu thando. Babeyohlelwa babe amabandla abahlangana kuwo njalo ukuze bakhulekele. (1 Korinte 16:19) Bebonke, babeyokwakha ubuzalwane bomhlaba wonke.​—1 Petru 2:17.

Kudingeka okungaphezu kokuba ilungu lenkolo

Nakuba iBhayibheli libonisa ukuthi abantu kufanele bahlangane ukuze bakhulekele uNkulunkulu, alifundisi ukuthi umuntu angajabulisa uNkulunkulu ngokumane nje abe ilungu lenkolo. Ukuze amukelwe uNkulunkulu, umuntu kumelwe akusebenzise nsuku zonke lokho akufundiswayo. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lithi: “Indlela yokukhulekela ehlanzekile nengangcolile ngokombono kaNkulunkulu noBaba wethu yile: ukunakekela izintandane nabafelokazi osizini lwabo, nokuba umuntu azigcine engenalo ibala ezweni.”​—Jakobe 1:​27.