Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

Kolose 3:23—“Konke Enikwenzayo Kwenzeni Ngenhliziyo”

Kolose 3:23—“Konke Enikwenzayo Kwenzeni Ngenhliziyo”

 “Noma yini eniyenzayo, yenzeni ngomphefumulo wonke njengokungathi nenzela uJehova, hhayi abantu.”—Kolose 3:23, IBhayibheli—ImiBhalo Engcwele.

 “Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo‚ kungathi kwenzelwa iNkosi‚ qha abantu.”—Kolose 3:23, IBhayibheli Elingcwele.

Incazelo yabaseKolose 3:23

 UmKristu kufanele alwele ukuba isisebenzi esizikhandlayo ngoba indlela abheka ngayo umsebenzi ihlobene nokukhonza kwakhe uJehova uNkulunkulu.

 “Noma yini eniyenzayo.” Abantu abafuna ukukhonza uJehova bazama ukulandela okushiwo iBhayibheli kukho konke abakwenzayo. Bakhuthele, bathembekile futhi banokwethenjelwa ezintweni abazenzayo nsuku zonke ekhaya, emsebenzini nasesikoleni.—IzAga 11:13; Roma 12:11; Hebheru 13:18.

 “Yenzeni ngomphefumulo wonke.” Inkulumo ethi “ngenhliziyo yakho yonke” ihunyushwe isuselwa kweyesiGreki “echaza izinga lokuzibophezela umuntu analo ekwenzeni noma ekufezeni intando kaNkulunkulu ngawo wonke amandla akhe.” a

 Isisebenzi esinjalo sisebenzisa wonke amandla aso ukuze umsebenzi esiwenzayo ube sezingeni eliphezulu. Amanye amaBhayibheli ahumusha le nkulumo ngokuthi “ubuqotho benhliziyo” (I-New Catholic Bible) noma “ngokusuka enhliziyweni” (I-King James Version).—Bheka esithi “ Ezinye Izindlela Ehunyushwe Ngazo EyabaseKolose 3:23.”

 “Nenzela uJehova, hhayi abantu.” AmaKristu awawuthathi kancane umsebenzi awenzayo kungakhathaliseki ukuthi yimuphi, ngoba ayazi ukuthi kuhileleke ubuhlobo bawo noJehova uNkulunkulu. Into ayifuna kakhulu ukujabulisa uNkulunkulu, hhayi umqashi noma omunye umuntu. Imikhuba emihle yokusebenza nokuba nombono ofanele akugcini nje ngokumenzela igama elihle lowo mKristu kodwa kungcwelisa noNkulunkulu amkhonzayo. Uma enza kanjalo, umKristu usuke enza okusemandleni ukuze ‘kungakhulunywa kabi ngegama likaNkulunkulu.’—1 Thimothewu 6:1; Kolose 3:22.

Umongo weyabaseKolose 3:23

 Incwadi yeBhayibheli yabaseKolose yabhalwa umphostoli uPawulu, eyibhalela amaKristu ayehlala eKolose. b Ngokusobala wayibhala sekuzophela isigwebo sakhe lapho eboshwe okokuqala eRoma, cishe ngo-60-61 C.E.

 EyabaseKolose ineseluleko esisiza amaKristu avela ezizindeni ezingafani nabhekene nezimo ezihlukahlukene ukuba akhonze uNkulunkulu ngobunye. (Kolose 3:11) Iwakhuthaza ukuba acabange ngezimfanelo zikaNkulunkulu njengothando, umusa nesihe. (Kolose 3:12-14) Ichaza nendlela ukukhonza uNkulunkulu okufanele kuthinte ngayo yonke into esiyenzayo ekuphileni.—Kolose 3:18–4:1.

 Ezinye Izindlela Ehunyushwe Ngazo EyabaseKolose 3:23

 “Noma yini oyenzayo, yenze ngobuqotho benhliziyo, kube sengathi wenzela iNkosi, hhayi abanye abantu.”—I-New Catholic Bible.

 “Ngakho-ke konke enikwenzayo kwenzeni ngokusuka enhliziyweni, njengokungathi nenzela iNkosi, anenzeli abantu.”—I-King James Version.

 “Noma yini oyenzayo [kungakhathaliseki ukuthi wenza muphi umsebenzi], sebenza ngomphefumulo wakho wonke [okusho ukuthi, zikhandle], kube sengathi [leyo nto] uyenzela iNkosi, hhayi abantu.”—I-The Amplified Study Bible, abakaki ababo.

 “Kungakhathaliseki ukuthi wenza muphi umsebenzi, beka yonke inhliziyo yakho nomphefumulo wakho kuwo, kube sengathi ngumsebenzi owenzelwa iNkosi, hhayi abantu kuphela.”—I-The New Testament in Modern English, ka-J. B. Phillips.

 Buka le vidiyo emfishane ukuze ubone amazwibela encwadi yabaseKolose.

a Kuthathwe esichazamazwini esithi Exegetical Dictionary of the New Testament, 1993, Umqulu 3, ikhasi 502.

b Isendaweni manje ebizwa nge-Turkey.