Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

IzAga 3:5, 6—“Ungenciki Kokwakho Ukuqonda”

IzAga 3:5, 6—“Ungenciki Kokwakho Ukuqonda”

 “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungathembeli kokwakho ukuqonda. Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.”—IzAga 3:5, 6,—IBhayibheli ImiBhalo Engcwele.

 “Thembela ENKOSINI ngayo yonke inhliziyo yakho ungenciki kokwakho ukuqonda; zithobe kuyo kuzo zonke izindlela zakho, futhi iyokwenza zonke izindlela zakho ziqonde.”—IzAga 3:5, 6, New International Version.

Incazelo YezAga 3:5, 6

 Kufanele sifune isiqondiso sikaJehova a uNkulunkulu kunokuba sizenzele thina izinqumo ezibalulekile.

 “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho.” Sibonisa ukuthi sithembele kuNkulunkulu ngokwenza izinto ngendlela yakhe. Kumelwe sithembele kuNkulunkulu ngokuphelele, ngenhliziyo yethu yonke. EBhayibhelini, inhliziyo ngokuvamile kukhulunywa ngayo njengesho lokho umuntu ayikho, okuhlanganisa imizwelo yomuntu, lokho okumenza enze izinto ezithile, indlela acabanga ngayo nendlela abheka ngayo izinto. Ngenxa yalokho, ukuthembela kuNkulunkulu ngayo yonke inhliziyo yethu kuhilela okungaphezu kwendlela esizizwa ngayo. Kuyisinqumo esisenzayo ngoba siqiniseka ngokuphelele ukuthi uMdali wethu ukwazi kangcono lokho okusilungele.—Roma 12:1.

 “Ungathembeli kokwakho ukuqonda.” Ngenxa yokuthi sinesono, asinakuthembela kulokho esikucabangayo, ngenxa yalokho kudingeka sithembele kuNkulunkulu. Uma sithembela kithi kuphela noma emizweni yethu lapho sikhetha esizokwenza, singase senze izinqumo ezingase zibonakale zizinhle ekuqaleni kodwa ezingasilethela imiphumela emibi ekugcineni. (IzAga 14:12; Jeremiya 17:9) Ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kuphakeme kakhulu kunokwethu. (Isaya 55:8, 9) Lapho siqondiswa ukucabanga kwakhe siyophumelela ekuphileni.—IHubo 1:1-3; IzAga 2:6-9; 16:20.

 “Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho.” Kumelwe sithole umbono kaNkulunkulu kuzo zonke izinto ezibalulekile ekuphileni kwethu, nakuzo zonke izinqumo ezibalulekile esizenzayo. Lokho sikwenza ngokuthandaza sicele isiqondiso sakhe, nangokwenza lokho akushoyo eZwini lakhe iBhayibheli.—IHubo 25:4; 2 Thimothewu 3:16, 17.

 “Yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.” UNkulunkulu wenza izindlela zethu ziqonde ngokusisiza ukuba siphile ngemiyalo yakhe elungile. (IzAga 11:5) Ngenxa yalokho, sigwema izinkinga ezingenasidingo futhi sikujabulele nakakhulu ukuphila.—IHubo 19:7, 8; Isaya 48:17, 18.

Umongo WezAga 3:5, 6

 Incwadi yeBhayibheli yezAga iqukethe iziqondiso eziyisisekelo zokuphila okujabulisayo nokuphumelelayo emehlweni kaNkulunkulu. Izahluko zokuqala ezingu-9 zibhalwe njengeseluleko ubaba asinikeza indodana yakhe ayithandayo. Isahluko 3 sigcizelela izinzuzo ezitholwa yilabo abakwazisayo futhi bakusebenzise ukuhlakanipha koMdali wethu.—IzAga 3:13-26.

a UJehova igama likaNkulunkulu.—IHubo 83:18.