Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

2 Thimothewu 1:7—“UNkulunkulu Akasinikanga Umoya Wobugwala”

2 Thimothewu 1:7—“UNkulunkulu Akasinikanga Umoya Wobugwala”

 “Ngoba uNkulunkulu akasinikanga umoya wobugwala, kodwa owamandla nowothando nowokuhluzeka kwengqondo.”—2 Thimothewu 1:7, IBhayibheli—ImiBhalo Engcwele.

 “Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala‚ kepha owamandla‚ nowothando‚ nowokuzikhuza.”—2 Thimothewu 1:7, IBhayibheli Elingcwele.

Incazelo yencwadi yesi-2 Thimothewu 1:7

 UNkulunkulu angamsiza umuntu ukuba abe nesibindi sokwenza okulungile. UNkulunkulu akafuni sinqotshwe ‘ubugwala’—ukwesaba okungavimba umuntu ukuba enze okujabulisa uNkulunkulu.

 Cabanga ngezimfanelo ezintathu esizinikwa uNkulunkulu okukhulunywa ngazo kuleli vesi ezingasisiza sinqobe ukwesaba noma ubugwala.

 “Amandla.” AmaKristu akwazile ukukhonza uNkulunkulu ngesibindi lapho ebhekene nezitha nezimo eziyingozi. Awazange ahlehlele emuva ngenxa yobugwala. (2 Korinte 11:23-27) Akwenza kanjani lokhu? Umphostoli uPawulu wathi: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.” (Filipi 4:13) UNkulunkulu anganika abamkhonzayo “amandla angaphezu kwavamile” ukuze banqobe noma yiziphi izinkinga.—2 Korinte 4:7.

 ‘Uthando.’ Uthando olujulile ngoNkulunkulu lusiza amaKristu ukuba akuvikele ngesibindi okulungile. Ngokufanayo, ukuthanda abanye abantu kwenza umKristu abeke izidingo zabanye kuqala kunezakhe, ngisho noma ephikiswa noma esengozini.—Johane 13:34; 15:13.

 ‘Ukuhluzeka kwengqondo.’ EBhayibhelini, inkulumo ethi ukuhluzeka kwengqondo ivame ukusetshenziswa lapho kukhulunywa ngomKristu okwazi ukwenza izinqumo ezihlakaniphile ezisekelwe eBhayibhelini. Umuntu ohluzekile engqondweni uyaqhubeka ecabanga ngendlela ecacile ngisho noma ebhekene nobunzima. Angakwazi ukwenza izinqumo ezitshengisa ukuthi ubheka izinto ngeso likaNkulunkulu, ekhumbula ukuthi ubuhlobo bakhe noNkulunkulu bubaluleke ngaphezu kwemibono yabanye.

Umongo weyesi-2 Thimothewu 1:7

 EBhayibheli, incwadi yesibili kuThimothewu yayibhalwe umphostoli uPawulu, eyibhalela umngani wakhe amthandayo nayesebenza naye uThimothewu. Kule ncwadi, uPawulu ukhuthaza uThimothewu osemusha ukuba aqhubeke ezikhandla enkonzweni. (2 Thimothewu 1:1, 2) Kungenzeka uThimothewu wayenamahloni futhi ezenyeza, okuyizinto ezazingamphazamisa ekwenzeni konke angakwenza ebandleni lobuKristu. (1 Thimothewu 4:12) Kodwa uPawulu wakhumbuza uThimothewu ukuthi wayethole isipho—ilungelo elikhethekile lenkonzo ebandleni. Wakhuthaza uThimothewu ukuba anganqikazi ukusebenzisa igunya lakhe njengombonisi ebandleni, lapho eshumayela izindaba ezinhle, nalapho ekhuthazelela ubunzima ngenxa yokholo lwakhe.—2 Thimothewu 1:6-8.

 Nakuba la mazwi ekuqaleni ayebhalelwe uThimothewu, aqinisekisa bonke abafuna ukukhonza uNkulunkulu namuhla ukuthi uyobanikeza usizo abaludingayo ukuze baphumelele, kungakhathaliseki ukuthi babhekene naziphi izinselele.