Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

I-JW LIBRARY

Ukusebenzisa Okuke Kwavulwa​—Kuyi-Android

Ukusebenzisa Okuke Kwavulwa​—Kuyi-Android

I-JW Library iyazigcina izihloko nezahluko zeBhayibheli ezike zavulwa. Lokhu kungaba wusizo, ngokwesibonelo lapho ufuna ukubuyela emBhalweni obuke wawubheka ngaphambili.

Ukuze usebenzise oKuke Kwavulwa, landela lezi ziyalezo:

 Ukubuyela KoKuke Kwavulwa

Thinta inkinobho yoKuke Kwavulwa ukuze ubone uhlu lwemiBhalo nezihloko osanda kuzifunda. Thinta umBhalo noma isihloko ohlwini lwalokho okuke kwavulwa ukuze ubuyele kukho.

 Ukucisha Uhlu LoKuke Kwavulwa

Thinta inkinobho yoKuke Kwavulwa ukuze uvule uhlu lwako. Thinta inkinobho yokuCisha ukuze ucishe uhlu olukhona.

Lezi zici zaqala ukuba khona kuyi-JW Library 1.4, eyakhululwa ngo-February 2015, esebenza kuyi-Android 2.3 noma eyamuva. Uma ungaziboni lezi zici, sicela ulandele iziyalezo ezisesihlokweni esithi “Ukuqala Ukusebenzisa I-JW Library​—Kuyi-Android,” ngaphansi kwesithi Ukuthola Uhlelo Oluthuthukisiwe.