Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Brais Seara/Moment via Getty Images

HLALANI NILINDILE!

Ukuhlasela Kwesomiso—Lithini IBhayibheli?

Ukuhlasela Kwesomiso—Lithini IBhayibheli?
  •   “Izwe laseChina libike ukushisa ‘okusezingeni eliphezulu kakhulu,’ okuyihlobo elisendaweni yesithathu ngokomisa emlandweni.”—i-The Guardian, Septhemba 7, 2022.

  •   “Kubikwa ukuthi isomiso esihlasele amanye amazwe asempumalanga ye-Afrika singase siqhubekele nasonyakeni wesihlanu.”—i-UN News, Agasti 26, 2022.

  •   “Izingxenye ezimbili kwezintathu eYurophu zibhekene nosongo lwesomiso, okuyisomiso esingakaze sibe khona eminyakeni engu-500 edlule.”—i-BBC News, Agasti 23, 2022.

 Ongoti abaningi bathi lolu hlobo lwesomiso luzoqhubeka futhi isimo sisazoba sibi nakakhulu. Ingabe izinto zizoba ngcono? Lithini iBhayibheli?

Isiprofetho seBhayibheli esimayelana nesomiso

 Nakhu iBhayibheli elathi kuyokwenzeka esikhathini sethu:

  •   ‘Ezindaweni ngezindawo kuyoba khona ukusweleka kokudla.’Luka 21:11.

 Isomiso sivame ukubangela ukusweleka kokudla. Lokho kusweleka kokudla, ukuhlupheka kanye nokufa okubangelwa isomiso kugcwalisa isiprofetho seBhayibheli.—IsAmbulo 6:6, 8.

Okwenza inkinga yesomiso ingalungi

 IBhayibheli lidalula into eyenza le nkinga yesomiso ingalungi. Lithi:

  •   “[Umuntu] akalinikiwe igunya ngisho nelokuqondisa isinyathelo sakhe.”Jeremiya 10:23.

 Lokhu kusho ukuthi abantu ngeke bakwazi ‘ukuqondisa isinyathelo’ sabo noma ukuzibusa. Ukuhluleka kwabo ukuphatha kuvame ukubangela isomiso nokushoda kwamanzi.

  •   Ososayensi abaningi bathi izenzo zabantu ziye zabangela ukwenyuka okukhulu kwamazinga okushisa emhlabeni.

  •   Umhobholo nokushaywa kwemithetho engacatshangisisiwe kuye kwaholela ekuqothulweni kwamahlathi, kwabanga ukungcola nokusetshenziswa kabi kwemvelo. Lokhu kuye kwabangela ukuba kushe imithombo yamanzi nemifula.

 Kodwa iBhayibheli linikeza ithemba.

Likhona yini ithemba esinalo ngekusasa?

 IBhayibheli lithembisa ukuthi uNkulunkulu uzoxazulula zonke izinkinga zamanzi ezikhona manje. Kanjani?

  1.  1. UNkulunkulu ‘uzobhubhisa labo abacekela phansi umhlaba.’ (IsAmbulo 11:18) Uzoqeda into ebangela ukushoda kwamanzi—abantu ababi, abanobugovu abenza izinto ezilimaza imvelo.—2 Thimothewu 3:1, 2.

  2.  2. “Umhlabathi owomiswe ukushisa uyoba yichibi elinomhlanga.” (Isaya 35:1, 6, 7) UNkulunkulu uzolungisa umonakalo odalwe isomiso, ashintshe lo mhlaba ube ipharadesi elinamanzi amaningi.

  3.  3. “Unakekela umhlaba, uwenza uthele kakhulu, ube nenala.” (IHubo 65:9) Ngesibusiso sikaNkulunkulu, umhlaba uzogcwala ukudla okumnandi namanzi ahlanzekile abo bonke abantu.