Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Comstock Images/​Stockbyte via Getty Images

UMKHANKASO OKHETHEKILE

Osopolitiki Abakhohlakele—Okuzokwenziwa UMbuso KaNkulunkulu

Osopolitiki Abakhohlakele—Okuzokwenziwa UMbuso KaNkulunkulu

 Abantu bafuna abaholi abangabethemba; sebekhathele osopolitiki abakhohlakele. Ocwaningweni olwenziwa emhlabeni-jikelele olwanyatheliswa ngo-2023, iningi lathi alizethembi izikhulu zikahulumeni. a

 IBhayibheli lisitshela ngohulumeni onoMholi othembekile noqotho ngazo zonke izindlela, ongasoze nanini wenza inkohlakalo. Lowo hulumeni uMbuso kaNkulunkulu, uMholi wawo uJesu Kristu.—Isaya 9:7.

 Ngezenzo zakhe, uJesu wakhombisa ukuthi ubathanda ngempela abantu. (Mathewu 9:35, 36) Njengoba eyiNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, uzokwenza kube nobulungisa nokuthula kuwo wonke umuntu omukela ubuholi bakhe.—IHubo 72:12-14.

a Umbiko Womhlaba Wonke We-Edelman Trust Barometer Ka-2023.