Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDLELA IMINIKELO YENU ESETSHENZISWA NGAYO

Ibhokisi Elincane Eliletha Ukudla Okungokomoya

Ibhokisi Elincane Eliletha Ukudla Okungokomoya

SEPTHEMBA 1, 2020

 OFakazi BakaJehova manje sebethola ukudla okungokomoya ngezinto zobuchwepheshe ukwedlula noma yisiphi isikhathi esidlule. Kodwa ezindaweni eziningi emhlabeni, abafowethu nodadewethu abanawo amandla okuthola i-Inthanethi. Abanye bahlala ezindaweni ezihlale zihanjelwa ugesi, ezine-Inthanethi engadonsi kahle noma ezingenayo nhlobo i-Inthanethi.

 Noma kunjalo, abafowethu nodadewethu abaningi sebeyakwazi ukudawuniloda izincwadi ngohlelo lwezobuchwepheshe ngaphandle kokusebenzisa i-Inthanethi! Kwenzeka kanjani lokhu?

 I-JW Box ithuluzi elincane elinikezwa amabandla anenkinga ye-Inthanethi. Leli bhokisi line-router ethengwe enkampanini yezentengiselwano, i-software eyenziwe uMnyango Wezamakhompyutha waseBethel kanye nezincwadi ezisohlelweni lwezobuchwepheshe namavidiyo okutholakala ku-jw.org. Ibhokisi ngalinye lingabiza imali elinganiselwa ku-R1 227.25.

 EHholo LoMbuso, abafowethu nodadewethu baxhuma imishini yabo yobuchwepheshe ku-JW Box nge-WiFi engakhokhisi bese bedawuniloda izincwadi namavidiyo. Ngisho nalabo abanamaselula amadala noma ashibhile bayakwazi ukuxhuma. Kodwa uma ibandla lingenayo i-Inthanethi, i-JW Box ihlala kanjani inezinto zamuva ezitholakalayo? Njalo ngemva kwesikhathi esithile, igatsha lithumela i-USB, ebiza u-R65.45 iyinye, esuke ifakwe izinto zamuva ezitholakala ku-jw.org ukuze zidluliselwe kwabanye kusetshenziswa i-JW Box.

 Le JW Box ibasize kanjani abafowethu? UNathan Adruandra, ubaba ohlala eDemocratic Republic of Congo, uyachaza: “Bese kuyisikhathi eside ngilokhu ngizama ukudawuniloda idrama ethi ‘O Jehova, . . . Ithemba Lami Ngilibeke Kuwe’ nethi Khumbula UmkaLoti. Kodwa angikaze ngiphumelele, lokho kwangidumaza. Manje sengiyakwazi ukudawuniloda la mavidiyo efonini yami, lokhu kuyasisiza thina esingabazali ukuba sizifundise kangcono izingane zethu.”

 Omunye umfowethu osiza amabandla eNigeria ukuba alungiselele ukusebenzisa iJW Box uthi: “Abafowethu babheka iJW Box njengesipho esikhethekile esivela kuJehova. Bajabule ngendlela engachazeki ngokuthi manje sebekwazi kalula ukudawuniloda izincwadi namavidiyo eBhokisini Lamathuluzi Okufundisa.”

 Angaphezu kuka-1 700 ama-JW Box athunyelelwe abafowethu e-Afrika, e-Oceania naseNingizimu Melika, kanti nezinhlelo zokuwathumelela amabandla amaningi engeziwe ziyaqhubeka. Itholakalaphi imali yokuhlangabezana nalezi zindleko? Itholakala eminikelweni yomsebenzi womhlaba wonke, eminingi yayo efakwa ku-donate.isa4310.com. Siyabonga ngokusekela kwenu ngesandla esivulekile.