Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | UNKULUNKULU UYIBHEKA KANJANI IMPI?

Indlela UNkulunkulu Abheka Ngayo Impi Namuhla

 

Indlela UNkulunkulu Abheka Ngayo Impi Namuhla

Namuhla abantu bayacindezelwa. Abantu abaningi bathandaza kuNkulunkulu ngokuphindaphindiwe becela usizo futhi bayazibuza ukuthi uyoke abaphendule yini. Ingabe uNkulunkulu uyakuzwa ukukhala kwabo? Kuthiwani ngalabo ababheka impi njengesixazululo sezinkinga zabo? Ingabe uNkulunkulu uyabasekela, ebheka ukulwa kwabo njengokufanele?

I-Armagedoni impi eyoqeda zonke izimpi

Okokuqala, nali iqiniso elingakududuza: UNkulunkulu uyakubona ukuhlupheka okukhona emhlabeni namuhla futhi uzimisele ukwenza okuthile ngakho. (IHubo 72:13, 14) EZwini lakhe, iBhayibheli, uNkulunkulu uthembisa ukuthi labo ‘ababhekene nosizi [bayothola] impumuzo.’ Nini? “Ekwambulweni kweNkosi uJesu ivela ezulwini ikanye nezingelosi zayo ezinamandla . . . njengoba iletha impindiselo phezu kwalabo abangamazi uNkulunkulu nakulabo abangazilaleli izindaba ezinhle mayelana neNkosi yethu uJesu.” (2 Thesalonika 1:7, 8) Lokhu kwambulwa kukaJesu kuyokwenzeka esikhathini esizayo kulokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi ‘impi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke,’ eyaziwa nangokuthi iHar–Magedoni.IsAmbulo 16:14, 16.

Kuleyo mpi ezayo, uNkulunkulu ngeke asebenzise abantu kodwa uyosebenzisa iNdodana yakhe uJesu Kristu nezinye izidalwa zomoya ezinamandla ukuze alwe nababi. Ibutho lasezulwini liyokuqeda ngokuphelele ukucindezelwa kwabantu.Isaya 11:4; IsAmbulo 19:11-16.

Kuze kube namuhla, indlela uNkulunkulu abheka ngayo impi ayikaze ishintshe? Usayibheka njengendlela efanele yokuqeda ukucindezelwa nobubi. Kodwa njengoba siye sabona emlandweni, uNkulunkulu kuphela onelungelo lokunquma ukuthi impi enjalo izoba khona nini nokuthi ubani ozohlanganyela kuyo. Njengoba sesibonile, uNkulunkulu usenqumile kakade ukuthi impi ezoqeda ububi futhi iphindiselele abacindezelwayo izoba khona esikhathini esizayo futhi izoliwa iNdodana yakhe uJesu Kristu. Lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu akazamukeli izimpi ezikhona namuhla, kungakhathaliseki ukuthi izisusa zazo zinhle kangakanani.

Ngokwesibonelo: Cabanga ngezelamani ezimbili eziqala ukulwa ngesikhathi ubaba wazo engekho. Ziyeka ukulwa okwesikhashana bese zithinta ubaba wazo ngocingo. Oyedwa kulezi zelamani uthi impi iqalwe umfowabo, bese osolwayo athi umfowabo ubemdelela. Zombili lezi zelamani zinethemba lokuthi ubaba wazo uzozivuna. Nokho ngemva kokuzilalela zombili, ubaba uzitshela ukuthi ziyeke ukulwa, zimlinde aze abuye ukuze azoxazulula le nkinga. Okwesikhashana izelamani ziyalinda. Nokho ngokushesha ziphinde zilwe. Lapho ubaba efika ekhaya, uzicasukela zombili lezi zelamani ngokungamlaleli bese ezijezisa.

Namuhla, ngokuvamile izizwe ezilwayo zicela usizo kuNkulunkulu. UNkulunkulu akathathi hlangothi ezimpini eziliwa namuhla. Kunalokho, eZwini lakhe, iBhayibheli, usho ngokucacile: “Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi” futhi “ningaziphindiseleli.” (Roma 12:17, 19) Ngaphezu kwalokho, wenze kwaziwa ukuthi abantu kufanele bamlinde ngesineke ukuba athathe isinyathelo, okuyinto azoyenza e-Armagedoni. (IHubo 37:7) Lapho izizwe zihluleka ukulinda uNkulunkulu futhi ziya empini, uNkulunkulu ubheka lezo zimpi njengokugabadela futhi azimjabulisi. Ngakho, e-Armagedoni, uNkulunkulu uyobonisa intukuthelo yakhe futhi axazulule izingxabano zezizwe ‘ngokuqeda izimpi kuze kube semkhawulweni womhlaba.’ (IHubo 46:9; Isaya 34:2) Ngempela, i-Armagedoni impi eyoqeda zonke izimpi.

Ukuphela kwezimpi kungesinye sezibusiso zoMbuso kaNkulunkulu eziningi. UJesu wakhuluma ngalowo hulumeni kulo mthandazo odumile: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) UMbuso kaNkulunkulu ngeke uqede zonke izimpi kuphela kodwa uyoqeda nembangela yempi, ububi. * (IHubo 37:9, 10, 14, 15) Akumangazi ukuthi kungani abalandeli bakaJesu belangazelela izibusiso zoMbuso kaNkulunkulu.2 Petru 3:13.

Nokho, kumelwe silinde isikhathi eside kangakanani ngaphambi kokuba uMbuso kaNkulunkulu uqede konke ukuhlupheka, ukucindezelwa nobubi? Ukugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli kubonisa ukuthi siphila “ezinsukwini zokugcina” zalesi simiso sezinto. (2 Thimothewu 3:1-5) * Maduzane, uMbuso kaNkulunkulu uzoqeda lezi zinsuku zokugcina ngempi ye-Armagedoni.

Njengoba kubonisiwe ngaphambili, labo abazobhujiswa kule mpi yokugcina kuyoba yilabo abenqaba ‘ukulalela izindaba ezinhle mayelana neNkosi yethu uJesu.’ (2 Thesalonika 1:8) Khumbula, uNkulunkulu akajabuli ngokufa komuntu, ngisho noma lowo muntu emubi. (Hezekeli 33:11) Ngenxa yokuthi “akafisi ukuba kubhubhe namunye” kuleyo mpi yokugcina, uNkulunkulu uyaqikelela ukuthi izindaba ezinhle ngeNkosi yethu uJesu ‘zishunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke’ ngaphambi kokuba ukuphela kufike. (2 Petru 3:8, 9; Mathewu 24:14; 1 Thimothewu 2:3, 4) Yebo, ngenxa yomsebenzi wokushumayela owenziwa oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke, namuhla abantu bathola ithuba lokwazi uNkulunkulu, lokulalela izindaba ezinhle ngoJesu nelokubona lapho impi ingasekho.

^ isig. 10 UMbuso kaNkulunkulu uyoqeda nesitha sabantu esiwukufa. Njengoba kubonisiwe esihlokweni esithi “Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli” kulo magazini, uNkulunkulu uyovusa izigidi zabantu kuhlanganise nabaningi ababeyizisulu zempi.

^ isig. 11 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngezinsuku zokugcina, bheka isahluko 9 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.