Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

Ngangihamba Nesibhamu Sami Nomaphi Lapho Ngangiya Khona

Ngangihamba Nesibhamu Sami Nomaphi Lapho Ngangiya Khona
  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1958

  • IZWE AZALELWA KULO: E-ITALY

  • UMLANDO: ILUNGU LEQEMBU LEZIGELEKEQE EZINOBUDLOVA

UKUPHILA KWAMI:

Ngazalelwa futhi ngakhulela emaphethelweni edolobha laseRome, endaweni yabantu besigaba esiphansi. Ukuphila kwakunzima. Angimazi umama ongizalayo futhi ngangingenabo ubuhlobo obuhle nobaba. Ngakhula ngempilo yobugebengu.

Lapho sengineminyaka eyishumi ubudala, ngase ngiqalile ukweba. Kwathi lapho ngineminyaka engu-12, ngabaleka ekhaya okokuqala. Ubaba kwadingeka angilande ekomkhulu lamaphoyisa izikhathi eziningana. Ngangihlale ngixabana nabantu—nginobudlova futhi ngithukuthelele izwe lonke. Lapho ngineminyaka engu-14 ngahamba unomphela ekhaya. Ngaqala ukusebenzisa izidakamizwa futhi ngahlala emgwaqweni. Njengoba ngangingenayo indawo yokulala, ngangivele ngigqekeze imoto bese ngilala kuyo kuze kube sentathakusa. Ekuseni ngangifuna indawo enamanzi ukuze ngigeze.

Ngagcina ngingumpetha ekwebeni—kusukela ekuhlwitheni izikhwama kuye ekugqekezeni amafulethi nemizi emikhulu ebusuku. Ngaqala ukuba nedumela elibi futhi ngokushesha iqembu lezigelekeqe langicela ukuba ngibe yilungu lalo, okwanginika “ithuba” lokuba ngithuthukele ekuphangeni amabhange. Ngenxa yokuthi ngangiyisidla-mlilo, ngasheshe ngaba yilungu elihlonishwayo eqenjini. Ngangihamba nesibhamu sami nomaphi lapho ngangiya khona, empeleni sasihlala ngaphansi komcamelo uma ngilele. Ubudlova, izidakamizwa, inhlamba nokuziphatha okubi kwaba yindlela yami yokuphila. Amaphoyisa ayehlale engifuna. Ngaboshwa izikhathi eziningana futhi iminyaka eminingi ngangingena ngiphuma ejele.

INDLELA IBHAYIBHELI ELASHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI:

Ngesinye isikhathi lapho ngiphuma ejele, ngahamba ngayovakashela umamncane. Ngangingazi ukuthi yena nabazala bami ababili base bengoFakazi BakaJehova. Bangimemela emhlanganweni woFakazi. Nganquma ukuhamba nabo ngoba ngangifuna ukwazi ukuthi kunjani esontweni labo. Lapho sifika  eHholo LoMbuso, ngahlala eduze komnyango ukuze ngibheke bonke abangenayo nabaphumayo. Njengenhlalayenza, ngangisiphethe isibhamu sami.

Lowo mhlangano wakushintsha ukuphila kwami. Ngikhumbula ngicabanga ukuthi kumelwe ukuba ngikwenye iplanethi. Abantu bangibingelela ngemfudumalo, babenobungane futhi bemomotheka. Ngisawukhumbula kahle umusa nobuqotho engakubona koFakazi. Babehluke kakhulu kubantu engangibajwayele!

Ngaqala ukufunda iBhayibheli noFakazi. Njengoba ngangiqhubeka ngifunda kwangikhanyela ukuthi kudingeka ngiyishintshe ngokuphelele indlela yami yokuphila. Ngalalela iseluleko samazwi alotshwe encwadini yezAga 13:20: “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.” Ngaqaphela ukuthi kudingeka ngihlukane neqembu lezigelekeqe. Kwakungelula ukukwenza lokho kodwa ngosizo lukaJehova ngaphumelela.

Ngakwazi ukulawula indlela engenza ngayo izinto okokuqala ngqá ekuphileni kwami

Ngashintsha endlela engangibukeka ngayo nengangiphila ngayo. Ngemva komzamo omkhulu, ngayeka ukubhema ugwayi nokusebenzisa izidakamizwa. Ngagunda izinwele zami ezinde, ngayeka ukugqoka amacici futhi ngayeka inhlamba. Ngakwazi ukulawula indlela engenza ngayo izinto okokuqala ngqá ekuphileni kwami.

Ngangingakuthandi ukufunda nokutadisha, ngakho kwakuyinselele enkulu ukugxilisa ingqondo nokuzinikela ekufundeni iBhayibheli. Nokho, njengoba ngangenza umzamo, ngaqala ukumthanda uJehova futhi kwaba noshintsho oluthile kimi—unembeza wami waqala ukungikhathaza. Ngokuvamile ngangizenyeza, ngingabaza ukuthi uJehova uyoke angithethelele ngazo zonke izinto ezimbi engazenza. Lapho ngizizwa ngaleyo ndlela, induduzo ngiyithola ngokufunda ngendlela uJehova athethelela ngayo iNkosi uDavide ngemva kokwenza izono ezinkulu.—2 Samuweli 11:1–12:13.

Enye inselele kwakuwukushumayela kubantu enkonzweni yendlu ngendlu. (Mathewu 28:19, 20) Ngangesaba ukuthi ngizohlangana nothile engamlimaza noma engamphatha kabi esikhathini esedlule! Kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngakwazi ukunqoba uvalo. Ngaqala ukuthola ukwaneliseka kwangempela ekusizeni abanye ukuba bafunde ngoBaba wethu omuhle wasezulwini osithethelela ngokusuka enhliziyweni.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO:

Ukufunda ngoJehova kwasindisa ukuphila kwami! Abangane bami abaningi bafile abanye basejele, kodwa mina nginokuphila okwanelisa ngempela nekusasa engilibheke ngabomvu. Ngiye ngafunda ukuthobeka, ukulalela nokulawula ulaka lwami. Ngenxa yalokho nginobuhlobo obuhle nabantu engisondelene nabo. Ngishade nenkosikazi yami enhle, uCarmen. Sobabili sithola injabulo enkulu ekusizeni abanye bafunde ngeBhayibheli.

Manje sengenza umsebenzi wokwethembeka—ngezinye izikhathi uhilela amabhange, kodwa kulokhu angiwaphangi kodwa ngiyawahlanza!