Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungayethemba Yini Inkolo Endabeni Yokuziphatha?

Ungayethemba Yini Inkolo Endabeni Yokuziphatha?

USylvia, osebenza esikhungweni sezempilo uthi: “Ekolishi ngangifunda nabaningi ababethi bayasonta. Kodwa babekopela futhi bedla izidakamizwa ezingekho emthethweni. Inkolo yayingenalo ithonya ekuphileni kwabo.”

Indoda ebizwa ngokuthi uLionel ithi: “Abantu engisebenza nabo baqamba amanga bashaye ucingo bathi bayagula bebe bengaguli ngempela. Bayasonta kodwa abaphili ngemithetho yesonto—kubo isonto lifana nje nezimpahla zokuhlobisa.”

Inkolo ayinalo ithonya lokusiza abantu ukuba baziphathe kahle. Abaningi namuhla “banesimo sokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kodwa bewaphika amandla ako.” (2 Thimothewu 3:5) Abaholi babo benkolo abababekeli isibonelo esihle, nabefundisi abazinikezi izimvu zabo iseluleko esivela eBhayibhelini ngokuziphatha okuhle. Yingakho nje abaningi bekholelwa ukuthi uNkulunkulu akanandaba nendlela abaziphatha ngayo.

LIFUNDISANI IBHAYIBHELI?

IBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu unemizwa nokuthi indlela esiziphatha ngayo isho lukhulu kuye. Ngesikhathi ama-Israyeli asendulo ehlubuka kuNkulunkulu, ‘ayemenza azizwe kabuhlungu.’ (IHubo 78:40) Nokho, kuba “nenjabulo eyengeziwe ezulwini” uma umuntu ephenduka ngobuqotho ebubini bakhe. (Luka 15:7) Lapho umuntu eqala ukwazi izimfanelo ezinhle zikaBaba wethu osezulwini, uthando lwakhe ngoNkulunkulu luyakhula, lumshukumisele ukuba athande lokho uNkulunkulu akuthandayo futhi azonde lokho akuzondayo.—Amose 5:15.

OFAKAZI BAKAJEHOVA BENZA KANJANI KULE NDABA?

Iphephandaba i-Deseret News laseSalt Lake City, e-Utah, e-U.S.A. lisho lokhu ngoFakazi BakaJehova, “basiza abantu babe nobuhlobo obuhle emindenini yabo futhi babe yizakhamuzi ezikhuthele nezithembekile.” Leli phepha lanezela: “Amalungu abo aphila ngokuvumelana nemithetho yokuziphatha ephakeme. Akholelwa ukuthi ukubhema, ukuphuza ngokweqile, ukusebenzisa kabi izidakamizwa, ukugembula, ukuya ocansini nabantu abahlukahlukene nobungqingili kuyizenzo ezingonakalisa ubuhlobo babo noNkulunkulu.”

Abefundisi benkolo bayisizile yini imihlambi yabo ukuba iphile ngemithetho kaNkulunkulu yokuziphatha?

Ukufunda ngobuntu bukaNkulunkulu kubasiza kanjani oFakazi? USylvia, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Ukukhwabanisa kuvamile emabhizinisini ezempilo. Nakimi kungaba lula ukukwenza lokho. Kodwa ukwazi indlela uJehova * azizwa ngayo kuyangisiza ukuba ngenze okulungile. Ngijabule futhi nginokuthula kwangaphakathi.” USylvia uyaqiniseka ngokuthi ukuphila ngokuvumelana nezinkolelo zakhe kuye kwaba nethonya elihle ekuphileni kwakhe.

^ isig. 9 IBhayibheli lithi igama likaNkulunkulu uJehova.