Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungubani Ngempela UJesu Kristu?

Ungubani Ngempela UJesu Kristu?

“Manje lapho engena eJerusalema, umuzi wonke wayaluza, uthi: ‘Ubani lo?’ Izixuku zazilokhu zithi: ‘Lona ngumprofethi uJesu, ovela eNazaretha laseGalile!’” —MATHEWU 21:10, 11.

KUNGANI ukungena kukaJesu Kristu * eJerusalema ngalolo suku lwangentwasahlobo ka-33 C.E. kwabanga isiyaluyalu? Abaningi emzini babezwile ngoJesu nangezinto ezimangalisayo ayezenzile. Babelokhu betshela abanye ngaye. (Johane 12:17-19) Noma kunjalo, lezo zixuku zazingazi ukuthi phakathi kwazo kwakukhona umuntu owayeyoba nethonya elikhulu emhlabeni wonke amakhulu ngamakhulu eminyaka kuze kube sosukwini lwethu!

Cabangela izibonelo ezimbalwa zendlela ithonya likaJesu eliye labathinta ngayo abantu abaningi emlandweni.

  • Ikhalenda elisetshenziswa kakhulu ezindaweni eziningi emhlabeni lisekelwe onyakeni okuthiwa uJesu wazalwa ngawo.

  • Abantu abangaba izigidi eziyizinkulungwane ezimbili—cishe amaphesenti angu-75 abantu abasemhlabeni—bazibiza ngokuthi bangamaKristu.

  • Inkolo yamaSulumane enamalungu angaphezu kwezigidi eziyinkulungwane emhlabeni wonke, ifundisa ukuthi uJesu “ungumprofethi omkhulu kuno-Abrahama, uNowa noMose.”

  • Nsuku zonke abantu bawacaphuna ngezindlela ezihlukahlukene amazwi kaJesu ahlakaniphile. Nanka amanye awo:

    “Qhubekani ningqongqoza, niyovulelwa.”MATHEWU 7:7.

    “Zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.”MATHEWU 7:12.

    “Kubusisekile ukupha kunokwamukela.”IZENZO 20:35.

    ‘UmSamariya olungileyo.’LUKA 10:33.

    ‘Indodana yolahleko.’LUKA 14:28.

Akungabazeki ukuthi ithonya likaJesu liye lawuthinta kakhulu umlando. Noma kunjalo, abantu banemibono nezinkolelo ezingefani ngaye. Ngakho, ungase uzibuze, ‘Ungubani ngempela uJesu Kristu?’ YiBhayibheli kuphela elisitshela ukuthi wavelaphi, lokho akwenza nesizathu sokuba afe. Ukwazi lawo maqiniso ngaye kungakuthonya kakhulu ukuphila kwakho—manje nasesikhathini esizayo.

^ isig. 3 Igama lalo mprofethi waseNazaretha elithi “Jesu,” lisho ukuthi “uJehova Uyinsindiso.” Igama elithi “Kristu” liyisiqu esisho ukuthi “Ogcotshiweyo,” futhi libonisa ukuthi uJesu wagcotshwa, noma wamiswa uNkulunkulu esikhundleni esikhethekile.