Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDLELA YOKUTHOLA INJABULO

Ithemba

Ithemba

‘Imicabango engiyicabangayo ngani yimicabango yokuthula, hhayi eyenhlekelele, ukuba ngininike ikusasa nethemba.’​Jeremiya 29:11.

“ITHEMBA . . . LIBALULEKE KAKHULU EBUHLOTSHENI BETHU NONKULUNKULU. Liyaselapha lapho sizizwa sicindezelekile, sizizwa sisodwa noma sesaba,” kusho incwadi ethi Hope in the Age of Anxiety.

IBhayibheli libonisa ukuthi sonke siyalidinga ithemba, futhi liyasixwayisa ukuba singathembeli ezintweni ezingamanga. IHubo 146:3 lithi: “Ningabeki ithemba lenu ezicukuthwaneni, noma endodaneni yomuntu wasemhlabeni, okungekhona okwayo ukusindisa.” Kuwukuhlakanipha ukuthembela kuMdali onamandla okufeza zonke izinto azithembisayo, kunokwethembela kubantu. Yini asithembise yona? Cabanga ngalokhu okulandelayo.

UBUBI BUZOPHELA, BESE ABANTU ABALUNGILE BEHLALA NGOKUTHULA: IHubo 37: 10, 11 lithi, “Sekuyisikhashana nje, omubi abe engasekho . . . Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.” Ivesi 29 lithi “abalungile . . . bayohlala kuze kube phakade” emhlabeni.

IZIMPI ZIZOPHELA: “UJehova . . . uqeda izimpi kuze kube semkhawulweni womhlaba. Umnsalo uyawuphula anqamule umkhonto ube yizicucu; izinqola uzishisa ngomlilo.”—IHubo 46:8, 9.

UKUGULA, UKUHLUPHEKA NOKUFA KUZOPHELA: “Itende likaNkulunkulu likanye nabantu . . . Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.”—IsAmbulo 21:3, 4.

KUZOBA NOKUDLA OKWANELE: “Kuyoba khona inala yokusanhlamvu emhlabeni; kuyoba khona ukuchichima esiqongweni sezintaba.”—IHubo 72:16.

KUZOBUSA UHULUMENI OWODWA, EMHLABENI WONKE—UMBUSO KAKRISTU: “[UJesu Kristu] wanikwa ububusi nesithunzi nombuso, ukuze zonke izizwe, amaqembu ezizwe nezilimi zimkhonze. Ububusi bakhe bungububusi obumi kuze kube nini nanini obungayikudlula, nombuso wakhe ungumbuso ongayikuchithwa.”—Daniyeli 7:14.

Yini engasenza siqiniseke ukuthi lezi zithembiso zizofezeka? Ngesikhathi uJesu esemhlabeni, wabonisa ubufakazi bokuthi uyiNkosi ekhethiwe. Welapha abagulayo, wondla abahluphekayo wavusa nabafile. Okubaluleke kunakho konke yizimfundiso zakhe, ngoba zineziqondiso nemiyalo esiza abantu ukuba bakwazi ukuhlala ngokuthula nangobunye, phakade. UJesu wabikezela nezinto ezazisazokwenzeka, okuhlanganisa izimpawu zezinsuku zokugcina.

KUBA MNYAMA KAKHULU UMA SEKUZOKUSA

UJesu wabonisa ukuthi ezinsukwini zokugcina kwakungeke kube khona ukuthula nokulondeka! Izimpi, ukusweleka kokudla, izifo ezingalapheki nokuzamazama komhlaba, kuyizimpawu uJesu athi sasiyobona ngazo ukuthi sesiphila “ezinsukwini zokugcina.” (Mathewu 24:3, 7; Luka 21:10, 11; IsAmbulo 6:3-8) UJesu waphinde wathi: “Ngenxa yokwanda kokwephulwa komthetho uthando lwabaningi luyophola.”—Mathewu 24:12.

Ziningi izinto ezibonisa ukuthi uthando seluyaphola ngempela. Omunye umlobi weBhayibheli kweyesi-2 Thimothewu 3:1-5 wathi “ezinsukwini zokugcina,” abantu babeyozithanda ngokweqile, bathande imali nenjabulo. Babeyoba abazikhukhumezayo, nabanolaka. Lwaluyophela uthando emindenini, izingane zingabahloniphi abazali. Kwakuyokwanda nobuzenzisi emasontweni.

Lezi zimo ezifana nobumnyama obandulela ukusa, ziwubufakazi bokuthi sesiphila ezinsukwini zokugcina. Ziphinde zifakazele nokuthi ukukhanya okuzolethwa uMbuso, sekuseduze. UJesu wabuye wasiqinisekisa esiprofethweni esiphathelene nezinsuku zokugcina ngala mazwi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.”—Mathewu 24:14.

Izindaba ezinhle okukhulunywa ngazo zixwayisa abenzi bokubi, futhi zinika abalungile ithemba lokuthi maduze izithembiso abazibheke ngabomvu zizogcwaliseka. Ungathanda yini ukufunda okwengeziwe ngalezo zithembiso? Uma kunjalo, sicela ubheke ikhasi lokugcina lalo magazini.