Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UNkulunkulu ‘uMuzwi womthandazo,’ uyakujabulela ukusilalela.​—IHUBO 65:2

Qhubeka Uthandazela Umusa KaNkulunkulu

Qhubeka Uthandazela Umusa KaNkulunkulu

UNkulunkulu wanika abantu isipho esingavamile​—ukukhuluma naye nokuveza imizwa yabo ngomthandazo. Umprofethi uDavide wathandaza: “O Muzwi womthandazo, impela abantu bayo yonke inyama bayokuza kuwe.” (IHubo 65:2) Kodwa singathandaza kanjani ngendlela eyokwenza uNkulunkulu asizwe futhi asibusise?

THANDAZA NGOKUZITHOBA NANGOKUSUKA ENHLIZIYWENI

Imithandazo yakho ikuvumela ukuba uthulule inhliziyo yakho phambi kukaNkulunkulu​—uveze imizwa yakho yangempela. (IHubo 62:8) UMninimandla Onke uyayithanda imithandazo eqotho, esuka enhliziyweni.

MBIZE NGEGAMA LAKHE UNKULUNKULU

Nakuba uNkulunkulu eneziqu eziningi, unegama elilodwa kuphela. “NginguJehova. Yilelo igama lami.” (Isaya 42:8) Igama elithi Jehova livela izikhathi ezingaba ngu-7 000 emiBhalweni Engcwele. Abaprofethi abaningi babembiza ngegama uNkulunkulu lapho bekhuluma naye. U-Abrahama wathi: ‘Ngiyacela Jehova, . . . Ngivumele ngiqhubeke ngikhuluma nawe.’ (Genesise 18:30) Nathi kufanele silisebenzise igama likaNkulunkulu elithi Jehova, lapho sithandaza.

UNGATHANDAZA NGOLIMI LWAKHO

UNkulunkulu uyayiqonda imicabango yethu nemizwa yethu, noma ngabe sikhuluma luphi ulimi. IZwi lakhe liyasiqinisekisa: “UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.”​—IzEnzo 10:34, 35.

Nokho, ukuze uNkulunkulu asibusise kudingeka singagcini nje ngokuthandaza. Ezihlokweni ezilandelayo, sizohlola ukuthi yini enye okudingeka siyenze.