Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | INDLELA YOKUZUZA NGOKUGCWELE LAPHO UFUNDA IBHAYIBHELI

Ngingaqala Kanjani Ukulifunda?

Ngingaqala Kanjani Ukulifunda?

Iyiphi indlela ezokusiza ukuba ujabulele ukufunda iBhayibheli futhi uzuze ngokugcwele? Phawula la macebiso amahlanu asesize abaningi.

Thola indawo efanele. Zama ukuba sendaweni ethule. Nciphisa iziphazamiso ukuze ugxile kulokho okufundayo. Ukukhanya okwanele nomoya opholile kungakusiza ukuba uzuze ngokugcwele lapho ufunda.

Lungisa ingqondo yakho. Njengoba iBhayibheli livela kuBaba wethu osezulwini, uyozuza kakhulu uma uba njengengane ehlale ikulungele ukufundiswa umzali wayo onothando. Uma usuvele unemibono engemihle ngeBhayibheli zama ukungagxili kuyo ukuze uNkulunkulu akufundise.—IHubo 25:4.

Thandaza ngaphambi kokulifunda. IBhayibheli linemicabango kaNkulunkulu ngakho akumangazi ukuthi sidinga usizo lwakhe ukuze siliqonde. UNkulunkulu uthembisa ukuthi “uyobanika umoya ongcwele labo abawucela kuye.” (Luka 11:13) Umoya ongcwele ungakusiza ukuba uqonde indlela uNkulunkulu acabanga ngayo. Ngokuhamba kwesikhathi, lowo moya uyovula ingqondo yakho ukuba iqonde ‘ngisho nezinto ezijulile zikaNkulunkulu.’—1 Korinte 2:10.

Funda ngenjongo yokuthi uliqonde. Ungafundeli nje ukuqeda. Cabangisisa ngalokho okufundayo. Zibuze imibuzo enjangale: ‘Ungumuntu onjani lo muntu engifunda ngaye? Ngingakusebenzisa kanjani lokhu ekuphileni kwami?’

Zibekele imigomo. Ukuze uzuze lapho ufunda iBhayibheli, zibekele umgomo wokufunda okuthile okuzokusiza ngempela ekuphileni. Ungase uzibekele imigomo enjengale: ‘Ngifuna ukufunda okwengeziwe ngoNkulunkulu.’ ‘Ngifuna ukuba umuntu ongcono, umyeni noma inkosikazi engcono.’ Yibe usukhetha izingxenye zeBhayibheli ezingakusiza ufinyelele leyo migomo. *

La macebiso amahlanu azokusiza uqale ukufunda iBhayibheli. Kodwa ungakwenza kanjani ukufunda kwakho iBhayibheli kujabulise nakakhulu? Isihloko esilandelayo sinikeza amanye amacebiso.

^ isig. 8 Uma ungaqiniseki ngokuthi yiziphi izingxenye zeBhayibheli ezingaba wusizo kakhulu, oFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukusiza.