Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

U-Eric no-Amy

Bazinikela Ngokuzithandela—EGhana

Bazinikela Ngokuzithandela—EGhana

UKHONA yini umzalwane noma udade omaziyo owathuthela kwelinye izwe elinesidingo esikhulu sabamemezeli boMbuso? Sivame ukuthi oFakazi abanjalo basendingekweni. Wake wazibuza: ‘Yini ebashukumisela ukuba bakhonze kwelinye izwe? Bazilungiselela kanjani ukuze benze lolu hlobo lwenkonzo?’ Ngingakwazi yini mina ukuhlanganyela kule nkonzo? Indlela enhle yokuthola izimpendulo zale mibuzo, ukukhuluma nabo la bazalwane nodade. Ake senze kanjalo.

BASHUKUNYISWA YINI?

Yini eyakwenza wacabanga ngokuyokhonza kwelinye izwe elinendingeko enkulu? U-Amy, wase-United States manje oneminyaka engaba ngu-35. Uyalandisa: “Iminyaka eminingi, ngangilokhu ngicabanga ngokuyokhonza kwelinye izwe kodwa kwakubonakala kuwumgomo engangingasoze ngawufinyelela.” Yini eyashintsha umbono wakhe? “Ngo-2004 abashadikazi abakhonza eBelize bangicela ukuba ngibavakashele futhi ngiphayone nabo inyanga eyodwa. Ngabavakashela—futhi ngakuthanda! Ngemva konyaka ngathuthela eGhana ngayophayona khona.”

UStephanie no-Aaron

Eminyakeni edlule, uStephanie, manje osezohlanganisa iminyaka engu-30, naye ongowase-United States, wabukisisa izimo zakhe wabe esecabanga: ‘Ngingumqemane futhi anginazo izibopho zomndeni. Ngempela, kukhulu engingakwenzela uJehova kunalokho engikwenza manje.’ Lokho kuzihlola ngokwethembeka kwamshukumisela ukuba athuthele eGhana ukuze andise inkonzo yakhe. UFilip no-Ida, abashadikazi asebevile eminyakeni engu-50 baseDenmark, babehlale bekufisa ukuthuthela ensimini enendingeko enkulu. Bafuna izindlela ababengenza ngazo iphupho labo lifezeke. UFilip uthi, “Lapho kuvela ithuba, kwakunjengokungathi uJehova uthi: ‘Hambani!’” Ngo-2008 bathuthela eGhana futhi bakhonza khona iminyaka engaphezu kwemithathu.

UBrook noHans

UHans noBrook, abashadikazi abangamaphayona abaneminyaka engaphezu kwengu-30, bakhonza e-United States. Ngo-2005 basiza enhlekeleleni eyabangelwa yiSiphepho uKatrina. Kamuva, bafaka isicelo sokusiza emsebenzini wokwakha emhlabeni wonke kodwa asamukelwanga. UHans uyakhumbula, “Emhlanganweni sezwa inkulumo okwachazwa kuyo ukuthi iNkosi uDavide yakwamukela ukuthi yayingeke ivunyelwe ukuba yakhe ithempeli, ngakho yashintsha umgomo wayo. Lelo phuzu lasisiza sabona ukuthi akukubi ukushintsha imigomo engokwasezulwini.” (1 IziKro. 17:1-4, 11, 12; 22:5-11) UBrook uyanezela, “uJehova wayefuna singqongqoze komunye umnyango.”

Ngemva kokuzwa okuhlangenwe nakho okuhle kwabangane babo ababekhonza kwamanye amazwe, uHans noBrook bathola isikhuthazo sokuyophayona emazweni aphesheya. Ngo-2012, baya eGhana futhi bakwazi ukukhonza khona izinyanga ezine, besiza ibandla labakhuluma ngezandla. Nakuba kwadingeka babuyele e-United States, ukukhonza eGhana kwajulisa isifiso sabo sokubeka uMbuso kuqala ekuphileni kwabo. Ngemva kwalokho baye basiza ekwakhiweni kwegatsha laseMicronesia.

UKUTHATHA IZINYATHELO UKUZE BAFEZE IMIGOMO YABO

Wazilungiselela kanjani ukuze ukhonze lapho kunendingeko enkulu khona? UStephanie uthi, “Ngafunda izihloko ezikuyi-Nqabayokulinda ezikhuluma ngokukhonza endaweni enendingeko enkulu. * Ngaphinde ngakhuluma nabadala basebandleni nombonisi wesigodi nomkakhe ngesifiso sami sokukhonza kwelinye izwe. Ngaphezu kwakho konke, ngangihlale ngithandaza kuJehova ngimtshela ngomgomo wami.” UStephanie wagcina ukuphila kwakhe kulula, okwenza wakwazi ukubeka imali yokuzisekela lapho esekhonza kwelinye izwe.

UHans uyalandisa: “Sathandaza kuJehova sacela isiqondiso sakhe ngoba sasifuna ukuya lapho yena ayesiqondisa khona. Emithandazweni yethu salusho ngokuqondile usuku esasizokwenza ngalo lokho esasikufisa.” Laba bashadikazi bathumela izincwadi emahhovisi egatsha amane. Ngemva kokuthola impendulo ekhuthazayo evela egatsheni laseGhana, baya khona, behlose ukuhlala izinyanga ezimbili. UHans uthi, “Kwakumnandi kakhulu ukusebenza nebandla saze selula nesikhathi sethu sokuhlala khona.”

U-Adria noGeorge

UGeorge no-Adria, abashadikazi baseCanada, asebezohlanganisa iminyaka engu-40, bahlala bekhumbula ukuthi uJehova ubusisa izinqumo ezinhle hhayi izinhloso nje kuphela. Bathatha izinyathelo ukuze bafeze umgomo wabo. Baxhumana nodade owayekhonza lapho kunendingeko enkulu khona eGhana futhi bambuza imibuzo eminingi. Baphinde babhalela igatsha laseCanada nelaseGhana. U-Adria uthi, “Safuna izindlela zokwenza ukuphila kwethu kube lula ngisho nakakhulu.” Lezo zinqumo zabenza bakwazi ukuthuthela eGhana ngo-2004.

UKUBHEKANA NEZINSELELE

Ngemva kokuthutha, nabhekana naziphi izinselele futhi nabhekana kanjani nazo? Inselele yokuqala ka-Amy kwaba ukukhumbula ekhaya. “Yonke into yayihluke kakhulu kunalokho engangikujwayele.” Yini eyamsiza? “Izingcingo ezivela emalungwini omndeni engitshela ukuthi ayazisa kakhulu inkonzo yami, kwangisiza ngahlala ngikhumbula ukuthi kungani nganquma ukuthutha. Kamuva, mina nomndeni wakithi saqala ukuxhumana nge-video. Ngenxa yokuthi sasikwazi ukubonana, kwaba sengathi umndeni wakithi useduze.” U-Amy uthi ukwakha ubungane nodade osemnkantsh’ubomvu kwamsiza waqonda amanye amasiko. “Njalo lapho ngingaqondi ukuthi kungani abantu besabela ngezindlela ezithile ngangiya kumngane wami ukuze ngithole usizo. Ngosizo lwakhe, ngafunda ukuthi yini okwakufanele ngiyenze nokungafanele ngiyenze, okwangisiza kakhulu, kwenza ngahlala ngijabule enkonzweni.”

UGeorge no-Adria bathi lapho befika eGhana okokuqala, kwakunjengokungathi babuyela ekuphileni kwakudala. U-Adria uthi, “Esikhundleni sokusebenzisa umshini wokuwasha sasisebenzisa amabhakede. Ukupheka kwakubonakala sengathi kuthatha isikhathi eside kunalokho esasikujwayele. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi, lezi zimo ezazibonakala zinzima zasifundisa indlela yokuphila entsha.” UBrook uthi: “Naphezu kwezingqinamba esibhekana nazo njengamaphayona, siphila ukuphila okwanelisayo. Konke okuhlangenwe nakho esikutholile kwenza ukuphila kwethu kucebe kakhulu.”

INKONZO ENOMVUZO

Kungani ungase ukhuthaze abanye ukuba benze le nkonzo? UStephanie uthi, “Ukushumayela ensimini enabantu abomele iqiniso nabafuna ukufunda nawe iBhayibheli nsuku zonke kuyajabulisa. Ukuyokhonza endaweni enendingeko enkulu kube esinye sezinqumo ezinhle engake ngasenza!” Ngo-2014, uStephanie washada no-Aaron futhi namuhla bakhonza egatsheni laseGhana.

“UChristine, iphayona laseJalimane, manje osanda kweva eminyakeni engu-30, uthi: “Ngathola okuhlangenwe nakho okuhle kakhulu.” UChristine wayekhonza eBolivia ngaphambi kokuba athuthele eGhana. Uyanezela: “Ngenxa yokuthi ngikude kakhulu nomndeni wami, ngihlale ngicela usizo kuJehova. Uye waba ngokoqobo nakakhulu kimi. Ngabona nobunye obukhulu obuphakathi kwabantu bakaJehova. Le nkonzo iye yakucebisa ukuphila kwami.” UChristine usanda kushada noGideon futhi bobabili basakhonza eGhana.

UChristine noGideon

UFilip no-Ida basitshela lokho abakwenza ukuze basize izifundo zabo zithuthuke. “Sasiba nezifundo zeBhayibheli ezingu-15 noma ngaphezulu kodwa sazinciphisa sasala neziyishumi ukuze sikwazi ukuzinika isikhathi esanele.” Ingabe abafundi bazuza? UFilip uyalandisa: “Ngafunda nensizwa okuthiwa uMichael. Wayekwazi ukufunda nsuku zonke futhi elungiselela kahle kangangokuba incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli sayiqeda ngenyanga eyodwa. Ngemva kwalokho, uMichael waba ummemezeli ongabhapathiziwe. Ngosuku lwakhe lokuqala ensimini, wathi kimi: ‘Ngicela ungisize ekuqhubeni izifundo zami zeBhayibheli?’ Ngambuka ngimangele. UMichael wachaza ukuthi wayenezifundo ezintathu futhi udinga usizo ukuze akwazi ukuziqhuba.” Cabanga nje, isidingo sabafundisi beBhayibheli abengeziwe sikhulu kangangokuba ngisho nabafundelwayo bangabafundisi beBhayibheli!

U-Ida no-Filip

U-Amy usitshela indlela asibona ngokushesha ngayo isidingo esikhulu: “Ngemva nje kokufika eGhana, sashumayela edolobhaneni sifuna izithulu. Sathola izithulu ezingu-8 kulelo dolobhana nje elilodwa!” U-Amy washada no-Eric futhi bobabili bakhonza njengamaphayona akhethekile. Basiza ibandla labakhuluma ngezandla elinabamemezeli abayizithulu abangaphezu kuka-300 kanye nabanye abanesithakazelo kulelo zwe. Ukukhonza kukaGeorge no-Adria eGhana kwabenza bazibonela ukuthi kuhilelani ukuba izithunywa zevangeli. Yeka indlela ababejabule ngayo lapho bethola isimemo sokuba sekilasini lesi-126 leSikole SaseGileyadi! Namuhla, bakhonza njengezithunywa zevangeli eMozambique.

BASHUKUNYISWA UTHANDO

Kuthinta inhliziyo ukubona abaningi bakwamanye amazwe bezikhandla ngobunye nabazalwane nodade bendawo ekuvuneni. (Joh. 4:35) Ngokwesilinganiso, isonto ngalinye abantu abangu-120 bayabhapathizwa eGhana. Njengoba kunjalo ngabangu-17 abathuthele endingekweni eGhana, izinkulungwane zabavangeli emhlabeni wonke ziye sashukunyiswa uthando ngoJehova ukuba ‘zizinikele ngokuzithandela.’ Zikhonza ezindaweni ezinesidingo sabamemezeli boMbuso. Siyaqiniseka ngokuthi lezi zisebenzi ezizimisele zenza inhliziyo kaJehova ijabule!—IHu. 110:3; IzAga 27:11.

^ isig. 9 Ngokwesibonelo, bheka isihloko esithi “Ungakwazi Yini Ukuyokhonza Lapho Kunendingeko Enkulu Yabamemezeli BoMbuso?” nesithi “Ungawelela Yini EMakedoniya?”—INqabayokulinda ka-April 15 neka-December 15, 2009.