Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | UKWENZA UKUTHULA EKHAYA

Izingxabano Zomndeni—Zibangelwa Yini?

Izingxabano Zomndeni—Zibangelwa Yini?

“NGOKUVAMILE, sixatshaniswa yimali,” kuvuma uSarah * waseGhana, oseshade noJacob iminyaka engu-17. Uyachaza, “Ngicasulwa ukuthi kuningi engikwenzayo ukuze nginakekele umndeni wami kodwa uJacob akalokothi akhulume nami ngezezimali. Kuphela amasonto singakhulumisani.”

Umyeni wakhe uJacob uyaphendula, “Yebo, kunezikhathi lapho sijikijelana khona ngamazwi ahlabayo. Ngokuvamile, lokho kudalwa ukungaboni ngaso linye nokungabi bikho kwendlela ekahle yokukhulumisana. Udweshu luphinde lubangelwe ukweqisa endleleni esisabela ngayo ezimweni ezithile.”

UNathan waseNdiya osanda kushada uchaza okwenzeka lapho ngelinye ilanga umukhwe wakhe ethethisa umkhwekazi wakhe. Uthi, “Kwamphatha kabi lokho umkhwekazi futhi wahamba ekhaya. Lapho ngimbuza umukhwe ukuthi kungani ayethetha ngaleya ndlela, wabona sengathi ngiyamdelela. Ngemva kwalokho, wayesethethisa wonke umuntu ekhaya.”

Mhlawumbe nawe uke wayiphawula indlela amagama ambalwa angakhethiwe kahle, noma ashiwo ngesikhathi esingafanele angabangela ngayo ingxabano ekhaya. Lokho okungaqala kuyingxoxo enokuthula, kungashintsha ngokuphazima kweso kube impikiswano. Akekho umuntu ongasho into elungile ngaso sonke isikhathi, ngakho kungaba lula ukuqonda kabi okushiwo abanye noma izisusa zabo. Noma kunjalo, kungenzeka ukuba umndeni ujabulele ukuthula nobunye ngokwezinga elithile.

Yini ongayenza lapho kuphakama impikiswano evuthayo? Yiziphi izinyathelo ongazithatha ukuze ubuyisele ukuthula nokuzola emndenini? Imindeni ingakulondoloza kanjani ukuthula? Siza uqhubeke ufunda.

^ isig. 3 Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.