Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | INGABE IBHAYIBHELI LISASEBENZA NAMUHLA?

Izimiso Ezenzelwe Thina Nezingaphelelwa Isikhathi—Ukuzithiba

Izimiso Ezenzelwe Thina Nezingaphelelwa Isikhathi—Ukuzithiba

ISIMISO SEBHAYIBHELI: “Isiphukuphuku siyidedela yonke intukuthelo yaso, kodwa ohlakaniphile uzigcina ezolile kuze kube sekugcineni.”IzAga 29:11.

“Ngizizwa sengathi ngivuswe kwabafileyo!”

IZINZUZO: Uma kungadingeka ubhale uhlu lwazo zonke izinzuzo zokuzithiba, ungadinga inqwaba yamaphepha! Enye yazo ukuthi le mfanelo ivikela impilo yethu. IBhayibheli lithi, “Inhliziyo ezolile ingukuphila komzimba.” Liphinde lithi, “Inhliziyo ejabulayo ingumuthi omuhle.” (IzAga 14:30; 17:22) Ngakolunye uhlangothi, ucwaningo lubonisa ukuthi abantu abasheshe bathukuthele futhi babe nenzondo, bazandisela amathuba okugula, ikakhulukazi okuba nesifo senhliziyo. Yiqiniso, ukuzithiba kwenza okungaphezu nje kokusenza sibe nempilo engcono.

UCassius, manje oneminyaka eyevile kwengu-30 uyakhumbula: “Nganginochuku, ngishesha ukuthukuthela futhi nginguphuma silwe. Ngangikuntula kakhulu ukuzihlonipha. Kodwa konke lokho kwashintsha lapho ngiqala ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli. Ngafunda ukulawula intukuthelo yami futhi ngahlakulela imfanelo yokuthobeka neyokuthethelela. Ngale kwalokho, mhlawumbe ngabe ngaphelela ejele. Ngempela, ngizizwa sengathi ngivuswe kwabafileyo!”

UCassius wafunda ukulawula intukuthelo yakhe nokuthethelela abanye