Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukubuka Okwezwe

Ukubuka Okwezwe

E-Ecuador

Ngo-2007, i-Ecuador yamemezela izinhlelo zokusekela ngokwezimali ukuvikelwa kwehlathi lemvula elingonakalisiwe lase-Amazon, elingamakhilomitha-skwele acishe abe ngu-10 000, esikhundleni sokumba uwoyela kulo. Lezo zinhlelo azibange zisaqhubeka ngenxa yokungakutholi ukuxhaswa ngokwezimali okuvela emazweni omhlaba. Le ngxenye yehlathi lemvula lase-Amazon, ingenye yezindawo ezinezinhlobo eziningi kakhulu zezilwane nezitshalo emhlabeni.

EJapane

Kunzima kakhulu ukuthola amagciwane kuwo wonke amasampula egazi lapho ehlolwa, kusho i-Japan News. Lo mbiko ulandela izindaba zango-2013, zokuthi indoda ethile eneminyaka engaphezu kuka-60, yathola igciwane lesandulela ngculaza ngenxa yokumpontshelwa igazi. Uma igazi okunikelwa ngalo linegciwane lesandulela ngculaza, kuthatha isikhathi esithile ngaphambi kokuba kubonakale ukuthi linalo yini igciwane.

EZimbabwe

Nakuba impi yamavukela-mbuso aseZimbabwe eyayisemngceleni ohlukanisa leli zwe neMozambique yaphela eminyakeni engaphezu kwengu-30 edlule, amabhomu agqitshwayo asaqhubeka elimaza futhi ebulala abantu. IKomiti Yomhlaba Wonke Yesiphambano Esibomvu, iyabika: “Kusukela ngo-1980, kunabantu abangaphezu kuka-1 500 kanye nemfuyo engaphezu kuka-120 000 eye yabulawa yila mabhomu, kanti kunabantu abangaphezu kuka-2 000 abaye balinyazwa yiwo ohlangothini lwalo mngcele olungaseZimbabwe.”

E-Australia

Ngokocwaningo, bayanda abantu abashadile abafake isehlukaniso ababanga ilungelo lokugcina izilwane ezifuywayo. Phakathi kwezinto ezidala ingxabano abazibangayo, kufike kube umuzi, kube imali, yizinto ezithile zomuntu siqu bese kuba izilwane.