Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 UMBONO WEBHAYIBHELI

Ubandlululo

Ubandlululo

Zavelaphi izinhlanga zesintu?

“U-Adamu waqamba umkakhe ngokuthi u-Eva, ngoba wayezoba ngunina wabo bonke abantu abaphilayo.Genesise 3:20.

OKUSHIWO OCHWEPHESHE

I-United Nations Educational, Scientific and Cultural Organization (UNESCO) ithi “bonke abantu bangabohlobo olulodwa futhi bavela kukhokho oyedwa.”—Declaration on Race and Racial Prejudice, 1978.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

UNkulunkulu wadala abantu ababili, u-Adamu no-Eva, wathi kubo: “Zalani nande nigcwalise umhlaba niwunqobe.” (Genesise 1:28) Ngaleyo ndlela, u-Adamu no-Eva baba abazali baso sonke isintu. Kamuva, lapho uzamcolo ubhubhisa iningi labantu ababesemhlabeni, kwasala abesilisa abane nomkabo abane—uNowa nomkakhe kanye namadodana abo amathathu kanye nabafazi bawo. IBhayibheli lifundisa ukuthi sonke siyinzalo yamadodana kaNowa.Genesise 9:18, 19.

 Ingabe lukhona uhlanga olungcono kunolunye?

Ngomuntu oyedwa [uNkulunkulu] wenza zonke izizwe zabantu, ukuba zihlale kubo bonke ubuso bomhlaba.”IzEnzo 17:26.

OKUYE KWASHIWO ABANYE

Phakathi neminyaka yawo-1900, amaqembu amaningi amukela izimfundiso zobandlululo. Ngokwesibonelo, amaNazi agomela ngokuthi ngokwemvelo ayengcono kunezinye izinhlanga. Ngakolunye uhlangothi, umqulu we-UNESCO ocashunwe ngaphambili uqaphela “zonke izinhlanga zabantu njengeziyinto eyodwa futhi ngenxa yalokho bonke abantu nazo zonke izinhlanga ziyalingana.”

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

IzEnzo 10:34, 35 zithi: “UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.” Ngenxa yalesi sizathu, akekho umuntu okungafaneleka ukuba abheke olunye uhlanga njengolungcono kunolunye.

UJesu wanikeza amaKristu isiqondiso lapho ethi kubafundi bakhe: “Nonke nina ningabafowabo bomunye nomunye.” (Mathewu 23:8) Wathandazela ukuba abalandeli bakhe babumbane futhi “bapheleliswe ekubeni munye,” hhayi ukuba bahlukane noma babe maqembuqembu.Johane 17:20-23; 1 Korinte 1:10.

Luyoke luphele yini ubandlululo?

“Engxenyeni yokugcina yezinsuku intaba yendlu kaJehova iyomiswa iqine . . . , zonke izizwe ziyogobhozela kuyo.”Isaya 2:2.

OKUCATSHANGWA ABANYE

Ukungezwani okuqhubekayo phakathi kwezinhlanga kwenza abantu emazweni amaningi bangabaze ukuthi ikhona intuthuko ecacile umphakathi oyenzile ekulweni nenkinga yobandlululo. Abanye baphetha ngokuthi akusoze kwenzeka ukuba izinhlanga ezihlukahlukene zibhekwe ngokulinganayo.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

UNkulunkulu ngeke akubekezelele unomphela ukuzondana ngenxa yohlanga. Ngokuphambene nalokho, ngaphansi koMbuso wakhe, amadoda nabesifazane ‘abaphuma kuzo zonke izizwe nezinhlanga nabantu nezilimi’ bayomkhulekela ngobunye, bebonisa uthando lweqiniso ngabanye abantu. (IsAmbulo 7:9) UMbuso kaNkulunkulu awusona isimo senhliziyo. Kunalokho, unguhulumeni oyoba nethonya eliphawulekayo emhlabeni wethu—yona kanye indawo uNkulunkulu ayehlose ukuba abantu bahlale kuyo ngaphandle kokucwasana ngokohlanga. *

^ isig. 15 Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, bheka isahluko 3 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.