Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 UMBONO WEBHAYIBHELI

Izithombe zobulili ezingcolile

Izithombe zobulili ezingcolile

Ingabe iBhayibheli liyazilahla izithombe zobulili ezingcolile?

“Wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane aze amkhanuke, usephingile naye kakade enhliziyweni yakhe.”—Mathewu 5:28.

OKWENZA IBALULEKE LE NDABA

Namuhla izithombe zobulili ezingcolile zithandwa kakhulu futhi zitholakala kalula kunani ngaphambili. Uma ufuna ukujabulisa uNkulunkulu futhi uphile ngenjabulo kufanele wazi ukuthi uNkulunkulu uzizwa kanjani ngezithombe zobulili ezingcolile.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

IBhayibheli alizigaguli ngokuqondile izithombe zobulili ezingcolile. Nakuba kunjalo, ukuzibukela kungqubuzana ngokuqondile nezimiso eziningi zeBhayibheli.

Ngokwesibonelo, iBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi uma indoda eshadile ‘iqhubeka ibuka owesifazane’ engashadile naye, ifukamele isifiso sokulala naye, lokho kungaholela ekuphingeni. Isimiso okusekelwe kuso la mazwi eBhayibheli singasebenza kunoma ubani, oshadile nongashadile, “oqhubeka ebuka” izithombe zobulili ezingcolile enesifiso sokuziphatha kabi ngokobulili. Ukuziphatha okunjalo ngokusobala kuyamcasula uNkulunkulu.

 Ingabe izithombe zobulili ezingcolile zimbi ngisho nalapho zingaholeli ekuziphatheni kabi ngokobulili?

“Ngakho-ke, bulalani amalungu emizimba yenu . . . ngokuqondene nobufebe, ukungcola, isifiso sobulili, isifiso esilimazayo, nokuhaha.”—Kolose 3:5.

OKUSHIWO ABANTU

Abanye abacwaningi bayangabaza ukuthi kunokuhlobana okukhulu phakathi kwezithombe zobulili ezingcolile kanye nezenzo ezingokoqobo zokuziphatha kabi ngokobulili. Nokho, ingabe ukubukela izithombe zobulili ezingcolile ngokwako kuwukuziphatha kabi?

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

IBhayibheli lichaza “ukuntela okuyichilo” njengokungamukeleki. (Efesu 5:3, 4) Kungenzeka kanjani-ke ukuba izithombe zobulili ezingcolile zona zamukeleke? Izithombe zobulili ezingcolile namuhla ngokuvamile zihlanganisa izenzo ezingokoqobo zokuphinga, ubungqingili, nezinye izinhlobo zobufebe eziqoshiwe. Ngokuqinisekile, ukubukela izenzo ezinjalo zokuziphatha kabi ngokobulili ezivusa inkanuko, kumcasula kakhulu uNkulunkulu kunenkulumo eyichilo.

Kusalokhu kuwumdonsiswano kubacwaningi ukuthi kuyenzeka yini abantu benze izinto bebhebhezelwa izithombe zobulili ezingcolile. Kodwa iBhayibheli liwusekela ngokucacile umbono wokuthi ukubukela izithombe zobulili ezingcolile kuyabulala ngokomoya futhi kumcasula kakhulu uNkulunkulu. IBhayibheli linikeza lesi siyalo: “Ngakho-ke, bulalani amalungu emizimba yenu . . . ngokuqondene nobufebe [nesifiso] sobulili.” (Kolose 3:5) Ababukela izithombe zobulili ezingcolile benza okuphambene nalokhu—kunokuba babulale lezi zifiso, bayazihlakulela futhi bazenze zibe namandla.

Yini engakusiza ugweme izithombe zobulili ezingcolile?

“Funani okuhle, hhayi okubi . . . Zondani okubi, nithande okuhle.”—Amose 5:14, 15.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

IBhayibheli likhuluma ngabantu ababengenaso isimilo, izidakwa namasela, abakwazi ukuyeka ukuziphatha kwabo okulimazayo. (1 Korinte 6:9-11) Kanjani? Ngokusebenzisa ukuhlakanipha okuseZwini likaNkulunkulu, bafunda ukuzonda okubi.

Ungafunda ukuzonda izithombe zobulili ezingcolile uma ucabangisisa ngemiphumela ebuhlungu yalo mkhuba olimazayo. Ucwaningo lwamuva olwanyatheliswa i-Utah State University lwembula ukuthi abanye abantu ababukela izithombe zobulili ezingcolile baye ‘bacindezeleka, baba onkom’ idla yodwa, baba nobuhlobo obulimele,’ neminye imiphumela edabukisayo. Ngaphezu kwalokho, njengoba kubonisiwe ngaphambili, ngenxa yokuthi ukubukela izithombe ezingcolile kuyamcasula uNkulunkulu, kwenza okungaphezulu kakhulu kokulimaza. Kuhlukanisa abantu noMdali wabo.

IBhayibheli lingasisiza sifunde ukuthanda okuhle. Lapho sifunda iBhayibheli ngokwengeziwe, yilapho luyojula khona nakakhulu uthando lwethu ngezindinganiso zalo zokuziphatha. Lolo thando luyosisiza ukuba simelane ngokuqinile nezithombe zobulili ezingcolile futhi sizizwe ngendlela efanayo nomhubi owabhala: “Ngeke ngibeke phambi kwamehlo ami noma yini engelusizo lwalutho.”—IHubo 101:3.