Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 AMAZWE NABANTU

Ukuvakashela ECameroon

Ukuvakashela ECameroon

AMABAKA—aziwa nangokuthi amaPygmie—cishe angabantu bokuqala abazinza eCameroon. Kwabe sekuthi ngawo-1500, kwafika amaPutukezi. Emakhulwini ambalwa eminyaka ngemva kwalokho, amaFulani—abantu abangamaSulumane—anqoba inyakatho yeCameroon. Namuhla, izakhamuzi zaseCameroon ezingamaphesenti angu-40 zizibiza ngamaKristu, ezingamaphesenti angu-20 zingamaSulumane kanti amanye amaphesenti angu-40 asezinkolweni zomdabu zase-Afrika.

OFakazi BakaJehova baye banyathelisa izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ngesiBassa, ulimi olukhulunywa eCameroon

Abantu abahlala emaphandleni aseCameroon baziwa ngomoya wokungenisa izihambi. Izihambi ziyabingelelwa bese zingeniswa endlini, lapho zinikwa khona amanzi nokudla. Ukwenqaba lezi zenzo zomusa zomninikhaya kubhekwa njengokwedelela, kanti ukuzamukela kuwukumbonisa udumo.

Ingxoxo iqala ngokubingelela amalungu omkhaya bese uwabuza impilo. Kuyisiko nokubuza ukuthi injani  imfuyo! UJoseph, ongowomdabu waseCameroon, uthi: “Uma isivakashi sesihamba, akwanele ukuba kuvele kuvaleliswane nje. Ngokuvamile, ovakashelwe uyasiphelekezela isivakashi futhi baqhubeke bexoxa. Ngemva kwebangana, obevakashelwe ube esevalelisa abese ephindela ekhaya. Isivakashi esingaphathwa ngale ndlela singase sizizwe singathandwa.”

Izikebhe zokhuni ezigwedlwayo zivamile eMfuleni iSanaga. Oseyili benziwa nganoma yini etholakalayo

Lapho kudliwa, ngezinye izikhathi iqembu labangane lidlela esitsheni esisodwa—futhi kokunye lidla ngezandla. ECameroon, leli siko liwuphawu olunamandla olubonisa ubunye. Eqinisweni, ngezinye izikhathi liye lasetshenziselwa ukuvuselela ubuhlobo babantu ababengabangane. Ngomqondo othile, ukudla ndawonye kuyindlela yokuthi, “Sesiphinde saba nokuthula.”

OFakazi BakaJehova, abanyathelisi balo magazini, bahlelwe ngamabandla angaphezu kuka-300 eCameroon futhi baqhuba izifundo zeBhayibheli ezingaba ngu-65 000 kulelo zwe