Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungaphumelela!

Ungaphumelela!

“Angive ngijabula lapho amantombazanyana ami amabili enganga ngingazelele bese ethi, ‘Siyakuthanda mama.’”—U-ANNA, UMAMA ONGAYEDWA WASEPOLAND.

“Kuvame ukungilethela ukwaneliseka ukubona abantwana bami bebonisa ukuthi bayakwazisa lokho engibenzela kona. Ngezinye izikhathi banginika izipho ezingatheni, njengesithombe abasidwebile. Lokhu kwazisa kukudlula kude ukuzikhandla engikwenzayo.”—UMASSIMO, UBABA ONGAYEDWA WASE-ITALY.

“Ngezinye izikhathi lapho ngicindezelekile ngokomzwelo, enye yamadodana ami iyanganga, ingiqabule bese ingitshela ukuthi ingithanda kangakanani.”—UYASMIN, UMAMA ONGAYEDWA WASENINGIZIMU AFRIKA.

LOKHU okunye kokuphawula i-Phaphama! ekuthole kubazali abaningi abangabodwa abaye basabela lapho kwenziwa inhlolo-vo yamazwe ngamazwe. Abaningi babo, iningi okungomama, bazwakalisa isifiso sokusekelwa okungatholakala kuphela kumngane womshado onothando. * Noma kunjalo, ukuphawula kwabo okuqotho kwembula nokuthi baye babhekana ngokuphumelelayo nezimo zabo.

Yini eye yasiza laba bazali abangabodwa ukuba bajwayelane nomsebenzi wabo onzima futhi baphumelele kuwo? Ezihlokweni ezilandelayo, sizoxoxa ngokuningi kokusikisela kwabo okuwusizo namaphutha abavumayo ukuthi baye bawenza, kuhlanganise nezinye zezimiso eziyinhloko eziye zabasiza. Uma ungumzali ongayedwa, sithemba ukuthi lezi zihloko ngeke zigcine ngokukusiza uphumelele emsebenzini wakho onzima, kodwa zizokusiza nokuba uwenze ngenjabulo nangokwaneliseka. Ngokuqinisekile, lokho kungaba enkulu inselele ezweni lanamuhla elishintsha njalo futhi elingaqinisekile. *

Lezi zihloko zizogxila ezintweni eziyisithupha. Indlela abazali abangabodwa

  1.   Abangathola ngayo ukusekelwa okwengeziwe
  2.   Abangakhulumisana ngayo ngokuphumelelayo nezingane zabo
  3.   Abangahlela ngayo izinto eziza kuqala
  4.   Abangabeka ngayo imingcele ecacile endabeni yokuziphatha
  5.   Abangamisa ngayo izindinganiso zokuhle
  6.   Abangenza ngayo uNkulunkulu abe yingxenye yomkhaya wabo

^ isig. 5 Emhlabeni wonke, abazali abangabodwa abaningi kakhulu, abesifazane—okuyiqiniso elisobala kulolu chungechunge lwezihloko.

^ isig. 6 Izimiso eziningi kulolu chungechunge lwezihloko zingaba usizo nasemikhayeni enabo bobabili abazali.