Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungasethemba Yini Iseluleko SeBhayibheli?

Ungasethemba Yini Iseluleko SeBhayibheli?

Ungasethemba Yini Iseluleko SeBhayibheli?

‘Ingabe kufanele ngikukholelwe okushiwo yilo muntu?’ Ungase uzibuze lowo mbuzo uma umdayisi ezama ukukudayisela imoto noma umholi wezombangazwe enza izithembiso lapho ekhankasela ukhetho. Awufuni ukusaphaza imali noma uchithe isikhathi ngemikhiqizo nokwaziswa okungelona usizo.

NAWE ungase uzibuze: ‘Ingabe kukhona okuwusizo engingakufunda eBhayibhelini? Uma ngiyifunda futhi ngiyitadisha leyo ncwadi, ngingaba nalo yini ithemba lokuthi ngiyothola umvuzo ngesikhathi nangomzamo wami?’ Isihluthulelo sokuphendula leyo mibuzo sitholakala evesini leBhayibheli ngokwalo: “Ukuhlakanipha kuyama noma kuwe ngemiphumela yako.” (Mathewu 11:19, Phillips) Yebo, imiphumela abantu abayithola ngokusebenzisa iseluleko esithile, noma “ukuhlakanipha,” iyabonisa ukuthi leso seluleko siyazuzisa yini noma cha. Ngezansi kunamazwi abantu abazinika isikhathi sokufunda okuthile eBhayibhelini. Abakushoyo kuyokusiza ukuba unqume ukuthi kufanele yini ufunde futhi utadishe leyo ncwadi eyingqayizivele.

Imibuzo Ephathelene Nokufa Nokuphila Ngemva Kokufa

Esikhathini esithile esidlule, umama kaKaren washona. Kusukela esemncane uKaren, ohlala e-United States, wayekholelwa ukuthi lapho befa, bonke abantu abalungile baya ezulwini. Le nkolelo ayimduduzanga kangako. Wayezibuza: ‘Umama ubukeka kanjani njengoba esesezulwini? Ngiyomthola kanjani lapho ngifika khona, uma kwenzeka ngifika khona? Uma ngifa, ingabe ngiyophelela kwenye indawo?’

UKaren waqala ukufunda iBhayibheli ngokucophelela noFakazi BakaJehova. Wafunda ukuthi abafileyo abekho ezulwini kodwa kunjengokungathi bazumekile. UmShumayeli 9:5 uthi: “Abazi lutho.” Kodwa kuthiwani ngokuphinde abone unina?

Amazwi alandelayo acacile aseBhayibhelini amduduza futhi amnika ithemba: “Ningamangali ngalokhu, ngoba ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni beyokhunjulwa futhi bayolizwa izwi [likaKristu] baphume.” (Johane 5:28, 29) UKaren wafunda ukuthi esebenzisa iNdodana yakhe, uNkulunkulu weBhayibheli uyovusa abafileyo ukuze baphinde baphile khona lapha emhlabeni. Wathi: “Izimfundiso zeBhayibheli mayelana nokufa novuko zinengqondo kakhulu.”

Iyiphi Indlela Yokukhulekela Efanele?

Lapho u-Angela, intombazane yaseRomania, eseneminyaka engu-14 ubudala, umfundisi wesonto likaMoya wamthandazela ukuba athole umoya ongcwele, futhi waqala ukukhuluma ngezilimi. Kodwa abazali bakhe babenomuzwa wokuthi izimfundiso zesonto likaMoya azivumelani neBhayibheli. Lo mkhaya wayeka ukuya enkonzweni futhi waqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova.

Nakuba ayedumele ekuqaleni, ngokushesha u-Angela waqala ukubona umahluko phakathi kwenkolo yakhe yangaphambili nezimfundiso zeBhayibheli. Ngokwesibonelo, wafunda uJohane 17:3, othi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.” U-Angela waqaphela ukuthi labo abathola umusa kaNkulunkulu kumelwe baqale babe nolwazi ngaye. Wabuza: “Ngawuthola kanjani umoya kaNkulunkulu ngale ndlela njengoba ngangingazi lutho ngaye?” U-Angela uthi, “Ngiyambonga uJehova ngokungisiza ukuba ngithole indlela yokukhulekela kweqiniso ngosizo lweZwi lakhe eliphefumulelwe.”

Iseluleko Esishintsha Ukuphila

UGabriel, owesilisa waseNdiya, uthi: “Nganginolaka kakhulu. Uma ngithukuthele, ngangiklabalasa, ngijikijele izinto, ngize ngishaye nabantu. Ukutadisha iBhayibheli kwangisiza ukuba ngilawule intukuthelo yami. Ngisho nasezimweni ezishubile, sengiyakwazi ukuhlala ngizolile.”

UGabriel wayefunde imibhalo enjengezAga 16:32, ezithi: “Owephuza ukuthukuthela ungcono kunendoda enamandla, nolawula umoya wakhe ungcono kunothumba umuzi.” UDhiraj, enye indoda nayo eyayinolaka kakhulu, uthi, “Wona lowo mbhalo wangisiza ukuba ngibone ukuthi ukuhluthuka kuwuphawu lobuthakathaka, kanti ukulawula intukuthelo kuwubufakazi bamandla.”

UPhilip wayeyilungu leqembu lezigilamkhuba eNingizimu Afrika. Ukulwa, ukuphanga nenhlamba kwakuyindlela yakhe yokuphila. Waboshwa isikhathi esithile ngenxa yobugebengu. Kodwa nakuba ayephila ngale ndlela, uPhilip wayenesifiso esikhulu sokwazi uNkulunkulu. Ngemva kokuqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, waba nesifiso sokukhonza uNkulunkulu futhi wanquma ukuhlanza ukuphila kwakhe. Wayeka imikhuba yakhe emibi walahla nabangane bakhe abayizigebengu. Imaphi amaqiniso eBhayibheli amshukumisela ukuba enze ushintsho olunjalo?

OFakazi BakaJehova bambonisa amazwi kaJesu atholakala kuJohane 6:44. Afundeka kanje: “Akekho umuntu ongeza kimi ngaphandle kokuba uBaba ongithumileyo emdonsa.” UPhilip uthi, “UJehova wabona okuthile okuhle kimi wangidonsela kubantu bakhe, lobu buzalwane obuhle kangaka.” UPhilip wafunda nokulandisa kweBhayibheli okuphathelene nesihe sikaJehova kubenzi bobubi abaphendukayo. Uthi, “Lokhu kulandisa kwangisiza ukuba ngibone ukucabangela kukaJehova lapho esebenzelana nabantu abangaphelele abaphendukayo.”—2 Samuweli 12:1-14; IHubo 51.

Insizwa yase-Australia okuthiwa uWade yayiphuza ngokweqile idla nezidakamizwa, igembula futhi ihlanganyela ekuziphatheni okubi ngokobulili nabantu abaningi. Kodwa yayingajabule. Ngolunye usuku yaxoxa noFakazi BakaJehova futhi yamukela isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala. Yini uWade ayifunda?

UWade uthi: “Yangihlaba umxhwele ngempela indlela uJesu ayebaphatha ngayo abanye. Wayebaphatha bonke ngenhlonipho, ngozwela nangothando, kuhlanganise nezingane. Njengoba ngiqhubeka ngifunda, ngaqhubeka ngifuna ukuba njengaye. IBhayibheli langifundisa indlela yokuba indoda isibili nendlela yokuthuthukisa ubuntu bami.” Kodwa kuthiwani ngazo zonke izinto ezimbi ayezenzile? UWade uyaqhubeka: “IBhayibheli langifundisa ukuthi uma ngiphenduka ezonweni zami futhi ngishintshe indlela engiziphatha ngayo, uNkulunkulu uyongithethelela. Empeleni, ngingaphila phakade emhlabeni oyipharadesi. Ekugcineni, ngase nginekusasa elihle!” (Mathewu 5:5) UWade wahlanza ukuphila kwakhe futhi manje ukhulekela uJehova ngonembeza ohlanzekile.

Amazwi osanda kuwafunda ashiwo abantu ababefuna ukuthuthukisa ukuphila kwabo. Bahlolisisa iBhayibheli ukuze babone ukuthi izimfundiso zalo zingabasiza yini baxazulule izinkinga zabo futhi baphendule nemibuzo yabo. Imiphumela emihle abayitholile ibabonisile ukuthi bangasethemba isiqondiso seBhayibheli esiwusizo. Nawe ungasethemba.

Amazwi asendulo aphefumulelwe athi: “Uyajabula umuntu othole ukuhlakanipha, nomuntu othola ukuqonda, ngoba ukuba nakho njengenzuzo kungcono kunokuba nesiliva njengenzuzo nokuba nakho njengomkhiqizo kungcono kunegolide uqobo. Kuyigugu ngaphezu kwamakhorali, futhi konke okunye okujabulelayo ngeke kulinganiswe nakho. Ubude bezinsuku busesandleni sako sokunene; esandleni sako sobunxele kukhona ingcebo nenkazimulo. Izindlela zako ziyizindlela zobumnandi, futhi yonke imendo yako ingukuthula. Kungumuthi wokuphila kulabo abakubambayo, futhi labo abakubamba bakuqinise kuyothiwa bayajabula.”—IzAga 3:13-18.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 25]

INDLELA IBHAYIBHELI ELASIZA NGAYO ISIBOSHWA

Indoda ethile okuthiwa uBill yayijabule kakhulu emshadweni. Kodwa ungakapheli unyaka ishadile, yaboshelwa icala eyayilenze eminyakeni eminingi ngaphambili.

Lapho esekwamukele ukulahlekelwa kwakhe inkululeko, uBill wanquma ukusebenzisa isigwebo eside esejele ngokunenzuzo. Uthi: “Ngangihlala embhedeni wami ngifunde iBhayibheli.” Wakusebenzisa nayekufunda. “Nganginomusa futhi nginobungane kwezinye iziboshwa, ezabona ukuthi angifuni ukwenza izinto ezimbi ezazizenza. Zazivame ukuthi ngami: ‘UBill ufuna ukudonsa lesi sigwebo ngendlela yakhe, ukuze azi uNkulunkulu neBhayibheli. Akafuni ukudalela noma ngabe ubani izinkinga.’

“Ngenxa yedumela lami, ezinye iziboshwa zazingangifaki ezingxabanweni zazo nakwezinye izimo ezimbi. Onogada bagcina bebonile ukuthi ngeke ngibahluphe. Bagcina betusa ukuba ngenze imisebenzi eyayingenza ngiqhelelane nezinye iziboshwa cishe usuku lonke. Ukusebenzisa iBhayibheli ekuphileni kwami kwakuyisivikelo esikhulu.”

UBill waya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova eyayiqhutshelwa ejele futhi ngomdlandla watshela ezinye iziboshwa ngalokho ayekufunda. Wabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova esesejele. Ebheka emuva, uthi: “Ngangichithe cishe iminyaka engu-50 yokuphila kwami, futhi ngangifuna ukuthuthukisa isimo. Ngiyaqiniseka ukuthi okuwukuphela kwendlela isiboshwa esingakwenza ngayo lokho ingokusebenzisa izimfundiso zeBhayibheli. Kanti indlela yokufunda iBhayibheli ngokunembile ingokutadisha noFakazi BakaJehova. Inkolo yabo iwukuphela kwayo efundisa iqiniso leBhayibheli. Kulula nje kanjalo.”

Manje, njengoba esephumile ejele, uBill uhlanganyela ngentshiseko nebandla loFakazi BakaJehova e-United States. Yena nomkakhe bayaqhubeka befunda iZwi likaNkulunkulu futhi bephila ngokuvumelana nezimfundiso zalo. Bayalazisa ngempela iqiniso elitholakala ku-Isaya 48:17, 18: “Mina, Jehova, nginguNkulunkulu wakho, Lowo okufundisayo ukuze uzuze, Lowo okubangela ukuba unyathele endleleni okufanele uhambe ngayo. O ukube ubuyoyilalela nokuyilalela imiyalo yami! Khona-ke ukuthula kwakho bekuyoba njengomfula, nokulunga kwakho kube njengamagagasi olwandle.”

[Isithombe ekhasini 23]

UKaren, e-U.S.A.

[Isithombe ekhasini 23]

U-Angela, eRomania

[Isithombe ekhasini 24]

UGabriel, eNdiya

[Isithombe ekhasini 24]

UDhiraj, eNdiya

[Isithombe ekhasini 24]

UPhilip nomkhaya wakhe, eNingizimu Afrika

[Isithombe ekhasini 24]

UWade, e-Australia