Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Masithethelelane

Masithethelelane

Dawuniloda:

  • Iphepha Lamanothi

  1. 1. Ngiyazi ukuth’ uyang’thanda.

    Ungenzel’ okuningi ngomusa.

    Kodwa amazw’ ahlab’ okwenkemba

    Angiphula inhliziyo

    Konakal’ ubungane.

    (CHORUS)

    Lingakashoni ilanga

    Masilwel’ ukubuyisana

    Sikhohlwe esik’shilo

    S’thethelelane

    Dadewethu waphakade.

  2. 2. Kuyenzeka kube nok’ngezwani

    Uzwe namazwi ak’phul’ umoya

    Kudingeke uthethelele

    Bese ubona ukuthi

    Kuhle uk’thethelela

    (CHORUS)

    Lingakashoni ilanga

    Masilwel’ ukubuyisana

    Sikhohlwe esik’shilo

    S’thethelelane

    Nomfowethu waphakade.

    (BRIDGE)

    Akukho nok’kodwa ok’ngaphul is’bopho sethu sothando

    Khohlwa konke, uthethelele.

    Bunjalo-ke ubungane.

    (CHORUS)

    Lingakashoni ilanga

    Masilwel’ ukubuyisana

    Sikhohlwe esik’shilo

    S’thethelelane

    Ngokusuk’ enhliziyweni.

    Syathandana, masithethelelane.