Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGOMA 6

Amazulu Amemezela Inkazimulo KaNkulunkulu

Amazulu Amemezela Inkazimulo KaNkulunkulu

(IHubo 19)

  1. 1. Amazulu adumis’ uJehova.

    Umsebenzi wakhe

    siw’bon’ endalweni.

    Nsuku zonke imnika udumo.

    Ub’suku obucwathile

    B’yamkhazimulisa.

  2. 2. Umthetho kaJehov’ uyaphilisa.

    Uyisiqondiso kubo

    bonk’ abantu.

    Izahlulelo zakhe z’lungile.

    Izwi lakhe l’hlanzekile,

    Limnandi kakhulu.

  3. 3. Ukwesaba uNkulunkulu kuhle.

    Imithetho yakhe

    idlul’ igolide.

    Imiyalo yakh’ iyavikela.

    Mas’dumis’ igama lakhe,

    Simkhazimulise.