INGOMA 40
Singabakabani?
-
1. Ungokabani na?
Ulalela bani na?
Ngoba lo omkhothamelayo
Uyinkosi oy’khonzayo.
Kheth’ inkos’ eyodwa
Ozoyikhulekela;
Ngeke ukhonze eyeqiniso
Ukhonze neyamanga.
-
2. Ungokabani na?
Uzolalela bani?
Khethake noma eyamanga,
Noma iNkos’ uJehova.
Uzoqhubeka na
Ukhonza uKhesari?
Noma ukwenza intando kaJah,
Ulalela iNkosi?
-
3. Ngingokabani na?
Ngiyolalela uJah.
Ngiyokhonza yena kuphela;
Ngiyofeza izifungo.
Wang’thenga ngenani;
Ngiyoz’nikela kuYe.
Ngiyokumkhonza zinsuku zonke;
Ngiyophilela yena.
(Bheka noJosh. 24:15; IHu. 116:14, 18; 2 Thim. 2:19.)