Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 106

Imifanekiso Emibili Ngamasimu Amagilebhisi

Imifanekiso Emibili Ngamasimu Amagilebhisi

MATHEWU 21:28-46 MARKU 12:1-12 LUKA 20:9-19

  • UMFANEKISO NGAMADODANA AMABILI

  • UMFANEKISO WABALIMI BENSIMU YAMAGILEBHISI

Ethempelini, uJesu usanda kumangaza abapristi abakhulu namadoda amadala ngempendulo yakhe mayelana nokuthi uzenza ngagunya lini lezi zinto. Impendulo kaJesu ibavala umlomo. Ube esesho umfanekiso obavezayo ukuthi baluhlobo luni lwabantu.

UJesu uthi: “Umuntu othile wayenabantwana ababili. Waya kowokuqala, wathi, ‘Mntwana, hamba uyosebenza ensimini yamagilebhisi namuhla.’ Ephendula wathi, ‘Ngeke ngiye,’ kodwa ngemva kwalokho wazisola waya. Waya kowesibili, washo okufanayo. Lona ephendula wathi, ‘Ngizoya, Mnumzane,’ kodwa akayanga. Yimuphi kulaba ababili owenza intando kayise?” (Mathewu 21:28-31) Impendulo isobala—indodana yokuqala iyona eyenza intando kayise.

UJesu uthi kubaphikisi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini abaqoqi bentela nezifebe bangena ngaphambi kwenu eMbusweni kaNkulunkulu.” Abaqoqi bentela nezifebe abekho kwabokuqala abakhonza uNkulunkulu. Kodwa njengendodana yokuqala, bayaphenduka futhi manje bayamkhonza uNkulunkulu. Ngokuphambene nalokho, abaholi benkolo banjengendodana yesibili, bathi bayamkhonza uNkulunkulu kodwa izenzo zabo ziphambene nalokho. UJesu ube esethi: “UJohane [uMbhapathizi] weza kini ngendlela yokulunga, kodwa anizange nimkholwe. Nokho, abaqoqi bentela nezifebe bamkholwa, ngisho nalapho nikubona lokhu, anizisolanga kamuva ukuze nimkholwe.”—Mathewu 21:31, 32.

UJesu uphinde enze omunye futhi umfanekiso. Kulokhu, uJesu ubonisa ukuthi abaholi benkolo akukhona nje kuphela ukukhonza uNkulunkulu abahluleka ukukwenza. Empeleni, bonakele. UJesu uthi: “Umuntu othile watshala insimu yamagilebhisi, wayibiyela, wamba umgodi wesikhamo sewayini wakha nombhoshongo; wabe eseyiqashisa kubalimi, wahamba waya kude. Ngenkathi efanele wathumela inceku kubalimi ukuze iyolanda ezinye zezithelo zensimu yamagilebhisi kubo. Kodwa bayibamba, bayishaya, bayihambisa ingaphethe lutho. Waphinda wathumela enye inceku kubo, yona bayishaya ekhanda bayihlambalaza. Wathumela enye futhi, yona bayibulala, wathumela nezinye eziningi, ezinye kuzo bazishaya, ezinye bazibulala.”—Marku 12:1-5.

Labo abalalele uJesu bayawuqonda yini lo mfanekiso? Bangase bakhumbule amazwi kaNkulunkulu awasho ngo-Isaya: “Insimu yamagilebhisi kaJehova wamabutho iyindlu ka-Israyeli; abantu bakwaJuda bayinsimu ayeyithanda. Wayelokhu ethemba ukubona ubulungisa.” (Isaya 5:7) Lokho uJesu akusho emfanekisweni wakhe kuyafana nalokho okushiwo u-Isaya. Umnikazi wendawo nguJehova, insimu yamagilebhisi isizwe sakwa-Israyeli, sibiyelwe futhi sivikelwa uMthetho kaNkulunkulu. UJehova wathumela abaprofethi ukuze bafundise abantu bakhe futhi babasize bathele izithelo ezinhle.

Nokho, “abalimi” bazishaya futhi bazibulala ‘izinceku’ ezazithunyelwe kubo. UJesu uyachaza: “Wayesesele nowokugcina, [umnikazi wensimu yamagilebhisi] indodana ethandekayo. Iyona ayithumela kubo ekugcineni, ethi, ‘Bazoyihlonipha indodana yami.’ Kodwa labo balimi bakhuluma bodwa bathi, ‘Lena indlalifa. Wozani, masiyibulale, ifa lizoba elethu.’ Ngakho bayibamba bayibulala.”—Marku 12:6-8.

Manje uJesu ubabuza lo mbuzo: “Yini umnikazi wensimu yamagilebhisi azoyenza?” (Marku 12:9) Abaholi benkolo baphendula bathi: “Ngenxa yokuthi babi, uyoletha imbubhiso embi phezu kwabo, insimu yamagilebhisi ayiqashise kwabanye abalimi, abayomnika izithelo lapho kufika isikhathi sazo.”—Mathewu 21:41.

Ngokusho lokhu, bazahlulela bona bengaqondile ngoba ‘bangabalimi’ bensimu kaJehova yamagilebhisi, isizwe sakwa-Israyeli. Izithelo uJehova alindele ukuzithola kulaba balimi, zihlanganisa ukholo eNdodaneni yakhe, uMesiya. UJesu ubabuka ezinhlamvini zamehlo abaholi benkolo bese ethi: “Anizange yini niwufunde lo mbhalo othi: ‘Itshe elenqatshwa abakhi, selibe yitshe legumbi eliyinhloko. Livele kuJehova, liyamangalisa emehlweni ethu’?” (Marku 12:10, 11) UJesu ube esegcizelela iphuzu lakhe ngokuthi: “Yingakho ngithi kini, niyophucwa uMbuso kaNkulunkulu unikwe isizwe esithela izithelo zawo.”—Mathewu 21:43.

Ababhali nabapristi abakhulu bayabona ukuthi uJesu “wayekhulume lo mfanekiso ecabanga ngabo.” (Luka 20:19)Bafuna nakakhulu manje ukubulala uJesu, “indlalifa.” Kodwa bayazesaba izixuku ezibheka uJesu njengomprofethi, ngakho abazami ukumbulala ngaso leso sikhathi.