Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIFUNDO 3

Aphinde Atholwa Kanjani Amaqiniso EBhayibheli?

Aphinde Atholwa Kanjani Amaqiniso EBhayibheli?

AbaFundi BeBhayibheli ngawo-1870

INqabayokulinda yokuqala ngo-1879

INqabayokulinda namuhla

IBhayibheli labikezela ukuthi ngemva kokufa kukaKristu, kwakuyovela abafundisi bamanga phakathi kwamaKristu okuqala futhi bonakalise iqiniso leBhayibheli. (IzEnzo 20:29, 30) Ngokuhamba kwesikhathi, yilokho kanye okwenzeka. Baxuba izimfundiso zikaJesu nemibono yenkolo yobuqaba, ngaleyo ndlela kwakheka ubuKristu-mbumbulu. (2 Thimothewu 4:3, 4) Singaqiniseka kanjani ukuthi namuhla sikuqonda ngendlela efanele lokho iBhayibheli elikufundisayo ngempela?

Isikhathi sokuba uJehova embule iqiniso safika. Wabikezela ukuthi phakathi ‘nesikhathi sokuphela, ulwazi lweqiniso luyoba luningi.’ (Daniyeli 12:4) Ngo-1870, iqembu elincane lababefuna iqiniso laqaphela ukuthi izimfundiso eziningi zesonto zazingavumelani nemiBhalo. Ngenxa yalokho, laqala ukufuna ukuqonda izimfundiso zokuqala zeBhayibheli futhi uJehova walibusisa ngokuqonda imibhalo.

Amadoda athembekile atadisha iBhayibheli ngokucophelela. Labo baFundi BeBhayibheli abaqotho, ababengaphambi kwethu, basebenzisa indlela yokutadisha esisayisebenzisa nanamuhla. Babexoxa ngezihloko zeBhayibheli, baqale ngesisodwa bese bedlulela kwesinye. Lapho behlangana nevesi okunzima ukuliqonda, babebheka amanye amavesi ukuze alichaze. Lapho befinyelela esiphethweni esivumelana neBhayibheli lilonke, babesibhala phansi. Ngokuvumela iBhayibheli lizichaze kanjalo, baphinde balithola iqiniso ngegama likaNkulunkulu noMbuso wakhe, injongo yakhe ngabantu nangomhlaba, isimo sabafileyo nethemba lovuko. Ukufuna kwabo kwabakhulula ezinkolelweni nasemikhubeni eminingi engamanga.—Johane 8:31, 32.

Ngo-1879 abaFundi BeBhayibheli baqonda ukuthi sase sifikile isikhathi sokuba benze iqiniso laziwe kabanzi. Ngakho ngalowo nyaka, baqala ukunyathelisa umagazini esisawunyathelisa nanamuhla, INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova. Manje sixoxa nabantu ngamaqiniso eBhayibheli emazweni angaphezu kuka-230 ngezilimi ezingaphezu kuka-600. Kuyaqala ukuba ulwazi lweqiniso lube luningi kangaka!

  • Ngemva kokufa kukaKristu, kwenzekani eqinisweni leBhayibheli?

  • Yini eyenze ukuba siphinde silithole iqiniso eliseZwini likaNkulunkulu?