Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IDOMINICAN REPUBLIC

“Ngizoqhubeka Ngingomunye WoFakazi BakaJehova”

U-Ana María (Mary) Glass

“Ngizoqhubeka Ngingomunye WoFakazi BakaJehova”
  • UNYAKA AZALWA NGAWO 1935

  • UNYAKA ABHAPATHIZWA NGAWO 1956

  • UMLANDO WAKHE OMFUSHANE UmKatolika osemusha oshisekayo owafunda iqiniso leBhayibheli futhi ngesibindi wakhuthazelela ukuphikiswa umkhaya, iSonto noMbuso.

NGANGIYITHANDA kakhulu inkolo futhi ngenza konke okwakwenziwa eSontweni LamaKatolika. Ngangicula ekwayeni yesonto futhi ngiphelezela abapristi uma beya ezindaweni ezithule lapho babefike benze khona iMisa. Kwathi ngo-1955 udadewethu wangixoxela ngePharadesi elizayo. Wanginikeza iBhayibheli, incwajana ethi “Lezi Zindaba Ezinhle ZoMbuso” kanye nencwadi ethi “UNkulunkulu Makabe Oneqiniso.” Kwangihlaba umxhwele lokho engakufunda, ngakho ngabuza umpristi ukuthi ngingalifunda yini iBhayibheli. Wathi “ngizohlanya” kodwa nganquma ukulifunda noma kunjalo.

Ngemva kokuthuthela kwagogo nomkhulu eBoca Chica, umpristi wangibuza ukuthi kungani ngingasayi esontweni. Ngamchazela ukuthi ngithole ukuthi izimfundiso eziningi zamasonto azikho eBhayibhelini. Umpristi wathukuthela wagan’ unwabu. Wangikhakhabisa: “Lalela la ntombazane, uyimvu edukelene nomhlambi wami wena.”

Ngamphendula: “Cha, nguwe odukelene nomhlambi kaJehova ngoba izimvu ngezikaJehova akuzona ezomunye umuntu.”

Angiphindanga ngabeka umcondo wami esontweni. Ngahamba ngayohlala nodadewethu futhi ngemva kwezinyanga eziyisithupha nje ngiqale ukuzwa iqiniso, ngabhapathizwa. Ngokushesha ngaba iphayona elivamile. Ngemva konyaka, ngashada no-Enrique Glass owayekhonza njengombonisi wesigodi. Ngelinye ilanga lapho sishumayela epaki laseLa Romana, amaphoyisa abopha u-Enrique. Njengoba emthatha ehamba naye, ngawalandela ngathi: “Nami ngingomunye woFakazi BakaJehova futhi nami bengishumayela. Kungani ningangithathi?” Kodwa benqaba ukungibopha.

Ngaphambilini, u-Enrique wayeke wadonsa izigwebo zeminyaka engu-7 nesigamu ejele. Kodwa kulokhu wagwetshwa izinyanga ezingu-20. Ngangimvakashela njalo ngeSonto. Ngelinye ilanga ngimvakashele, isikhulu sejele sangibuza, “Uzokwenzani la?”

Ngasichazela: “Umyeni uboshiwe ngoba enguFakazi KaJehova.”

Saphendula: “Usemusha futhi usenekusasa eliqhakazile. Kungani uzichithela isikhathi ngoFakazi BakaJehova.”

Ngasiphendula: “Nami nginguFakazi KaJehova. Ngisho ungangibulala izikhathi ezingu-7 uphinde ungivuse izikhathi ezingu-7, ngizoqhubeka ngingomunye woFakazi BakaJehova.” Sadinwa sase sithi angihambe.

Ngemva kokuvulwa komsebenzi, mina no-Enrique sakhonza iminyaka eminingi emsebenzini wesigodi nowesifunda. U-Enrique washona ngo-March 8, 2008. Ngisaqhubeka ngiyiphayona elivamile.