UJona 3:1-10

  • UJona ulalela uNkulunkulu aye eNineve (1-4)

  • AbaseNineve bayaphenduka ngenxa yomyalezo kaJona (5-9)

  • UNkulunkulu unquma ukungalibhubhisi iNineve (10)

3  Kwabe sekufika izwi likaJehova kuJona okwesibili, lathi: +  “Sukuma uye eNineve + idolobha elikhulu, umemezele kulo umyalezo engikutshela wona.”  Ngakho uJona wasukuma waya eNineve, + elalela izwi likaJehova. + INineve laliyidolobha elikhulu kakhulu*—kwakuthatha izinsuku ezintathu ukulihamba lonke.  UJona wabe esengena edolobheni, wahamba usuku lonke, wayememezela ethi: “Kusele izinsuku ezingu-40 kuphela bese iNineve liyabhujiswa.”  Amadoda aseNineve aba nokholo kuNkulunkulu, + amemezela ukuba kuzilwe ukudla, agqoka indwangu yesaka, kusukela komkhulu kunawo wonke kuye komncane kunawo wonke.  Lapho lo myalezo ufika enkosini yaseNineve, yasukuma esihlalweni sayo sobukhosi, yakhumula ingubo yayo yasebukhosini, yazimboza ngendwangu yesaka yahlala phansi emlotheni.  Ngaphezu kwalokho, yakhipha isimemezelo kulo lonke elaseNineve,“Ngomyalo wenkosi nezikhulu zayo: Akukho muntu nasilwane, akukho mhlambi wezinkomo namhlambi wezimvu nezimbuzi, okufanele udle ukudla. Akufanele kudliwe ukudla noma kuphuzwe amanzi.  Mabazimboze ngendwangu yesaka, kokubili umuntu nesilwane; mababize uNkulunkulu ngobuqotho, bayeke izindlela zabo ezimbi nobudlova ababenzayo.  Ubani owaziyo ukuthi uNkulunkulu weqiniso ngeke yini ashintshe umqondo* ngalokho ahlose ukukwenza, angabe esathukuthela ukuze singabhubhi?” 10  Lapho uNkulunkulu weqiniso ebona lokho abakwenza, indlela abaphenduka ngayo ezindleleni zabo ezimbi, + washintsha umqondo* ngenhlekelele ayethe uzobalethela yona, akabange esayiletha. +

Imibhalo yaphansi

NgesiHebheru, “idolobha elikhulu kuNkulunkulu.”
Noma, “azisole.”
Noma, “wazisola.”