Dlulela kokuphakathi

IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

“Ngangihlala Emgwaqweni”

“Ngangihlala Emgwaqweni”
  • Unyaka Azalwa Ngawo: 1955

  • Izwe Azalelwa Kulo: ESpain

  • Umlando: Ngangiyisidakwa, Ngidla Izidakamizwa Futhi Nginodlame

UKUPHILA KWAMI

 Abanye abantu kubathatha isikhathi eside ukufunda ezintweni ezimbi abadlule kuzo ekuphileni. Nami ngaba nenkinga efanayo. Ngazalelwa edolobheni elingelesibili emadolobheni amakhulu eSpain, eBarcelona. Umndeni wami wawuhlala endaweni okuthiwa iSomorrostro, eseduze kolwandle. Le ndawo yayidume ngobugebengu nezidakamizwa.

 Ngingowokuqala ezinganeni ezingu-9. Sasihlupheka ekhaya, ngakho lapho sengineminyaka engu-10 ubaba wangitholela umsebenzi endaweni okwakudlalelwa kuyo i-tennis. Umsebenzi wami kwakuwukuqoqa amabhola. Ngangisebenza amahora angu-10 ngosuku, ngakho angikwazanga ukuya esikoleni njengontanga yami. Lapho sengineminyaka engu-14, ngathola umsebenzi efemini yensimbi, ngasebenza emshinini.

Ngo-1975 ngajoyina iqembu i-Spanish Foreign Legion elalisebenza eNyakatho Afrika, lalineyunifomu ehlukile

 Ngo-1975, ngokwenqubo yaseSpain, ngabizelwa emasosheni. Ngenxa yokuthi ngangifisa ukwenza into ehlukile ngokuphila kwami, ngafike ngajoyina iqembu i-Spanish Foreign Legion elalisebenzela eMelilla, elalisebenzela eNyakatho Afrika. Kungaleso sikhathi lapho engaqala khona ukucwila otshwaleni nasezidakamizweni.

 Lapho ngishiya ebusosheni, ngabuyela eBarcelona ngafike ngaqala iqembu lezigilamkhuba. Sasintshontsha kwasani esasihlangana nayo, bese siyayidayisa ukuze sithenge izidakamizwa. Ngaqala ukusebenzisa izidakamizwa ezinamandla, njenge-LSD ne-amphetamines futhi ngangilokhu ngicwila nakakhulu ekuziphatheni okubi ngokocansi, otshwaleni nasekugembuleni. Le mikhuba yangenza ngaba nodlame. Ngangingahlukani nommese nembazo, futhi ngangingesabi ukukusebenzisa uma kunesidingo.

 Ngelinye ilanga santshontsha imoto, sajahwa amaphoyisa. Kwakungathi i-movie. Sabaleka amakhilomitha angaba ngu-30, kwaze kwaba yilapho amaphoyisa eqala ukudubula. Ekugcineni imoto esasibaleka ngayo yashayisa, saphuma sabaleka. Lapho ubaba ezwa ngokwakwenzekile, wangixosha ekhaya.

 Iminyaka emihlanu eyalandela, ngangihlala emgwaqweni. Ngangilala phambi kweminyango, emalolini, emabhentshini asemapaki ngisho nasemathuneni. Ngake ngahlala nasemgedeni! Ngangingazazi ukuthi ngiphilelani, ngakho ngangingenandaba nokuthi ngiyaphila noma ngifile. Ngikhumbula ngelinye ilanga ngizisika ezingalweni ngemva kokubhema izidakamizwa. Namanje ngisenazo lezo zibazi.

INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI

 Lapho sengineminyaka engu-28, umama wangifuna waze wangithola, wangicela ukuba ngibuyele ekhaya. Ngavuma, futhi ngamthembisa nokuthi ngizokulungisa ukuphila kwami. Nokho, kwangithatha isikhathi ukugcwalisa leso sithembiso.

 Ngelinye ilanga kwafika oFakazi BakaJehova ekhaya. Ngisathi ngibalalele, ubaba wamemeza esendlini wathi angivale isicabha ngingabalaleli. Ngangingakaze ngikuthande ukutshelwa ukuthi ngenzeni, ngakho ngavele ngamziba ngaqhubeka ngabalalela. Bangipha izincwajana ezintathu, engazamukela ngenjabulo. Ngababuza ukuthi ibandla labo lihlangana kuphi, futhi ngemva kwezinsuku ezimbalwa ngaya eHholo LoMbuso.

 Into yokuqala engayiphawula, kwakuyindlela bonke ababegqoke kahle ngayo futhi behlanzekile. Yayihluke kakhulu endleleni engangibukeka ngayo, nganginezinwele ezinde nentshebe futhi ngigqoke budlabha. Ngavele ngazibona ngingafanelwe ukungena eHholo, ngakho ngahlala phandle. Ngathuka lapho ngibona uJuan, engangimazi esaseqenjini lezigilamkhuba. Wayegqoke isudi. Ngathola kamuva ukuthi kwase kuphele unyaka enguFakazi KaJehova. Ukumbona kwanginika isibindi sokungena ngilalele imihlangano. Zaqala lapho ukushintsha izinto.

 Ngavuma ukuba othile afunde nami iBhayibheli, futhi kwasheshe kwacaca kimi ukuthi kwakufanele ngishintshe indlela engangiphila ngayo ukuze uNkulunkulu angamukele. Kodwa kwakungelula ukwenza lolo shintsho. Ngafunda ukuthi ukuze ngijabulise uNkulunkulu, kwakufanele ‘ngiguqulwe ngokushintsha ingqondo yami.’ (Roma 12:2) Umusa kaNkulunkulu wangithinta inhliziyo. Ngaba nomuzwa wokuthi naphezu kwamaphutha engangiwenzile ekuphileni, uNkulunkulu wayenginika ithuba lokuqala kabusha. Engangikufunda ngoJehova uNkulunkulu, kwangena kwajula enhliziyweni yami. Kwavele kwacaca ukuthi uMdali uyangithanda.​—1 Petru 5:6, 7.

 Lokho kwangenza ngaqala ukwenza izinguquko ekuphileni kwami. Ngokwesibonelo, lapho sixoxa ngendaba kagwayi esifundweni sami seBhayibheli, ngacabanga, ‘Uma uJehova uNkulunkulu efuna ngizigcine ngihlanzekile ngazo zonke izindlela, kusho ukuthi kufanele ngihlukane nogwayi!’ (2 Korinte 7:1) Nangempela, ngenza kanjalo!

 Kwakufanele ngiyeke nokusebenzisa nokudayisa izidakamizwa. Kwangithatha isikhathi namandla engeziwe. Ngangazi ukuthi kwakumelwe ngihlukane nabangane bami ukuze ngikwazi ukukwenza lokho. Ukuba nabo kwakungiphazamisa ekwakheni ubuhlobo obuhle noNkulunkulu. Ngokuhamba kwesikhathi, ngafunda ukuncika kakhulu kuNkulunkulu nakubangane bami abasha engangibathole ebandleni. Ngangiqala ukuba nabantu abanendaba nami nabangithanda ngempela. Ngagcina ngikwazile ukuyeka izidakamizwa, ‘ngagqoka ubuntu obusha’ engangibudinga ukuze ngamukelwe uNkulunkulu. (Efesu 4:24) Ngo-Agasti 1985, ngabhapathizwa ngaba uFakazi KaJehova.

INDLELA ENGIZUZE NGAYO

 IBhayibheli lakushintsha ukuphila kwami. Langikhulula ezintweni ezazingilimaza futhi zingehlisa isithunzi. Empeleni, abangane bami engakhula nabo abangaphezu kwabangu-30, bafa besebancane bebulawa ingculaza nezifo ezibangelwa izidakamizwa. Nami ngabe sengafa, yingakho ngimbonga uJehova ngeseluleko esitholakala eZwini lakhe, iBhayibheli.

 Usungaphika ukuthi ngangiphatha izimbazo nemimese. Ngangingakaze ngicabange ukuthi ngelinye ilanga ngiyophatha iBhayibheli, ngisize ngalo abantu. Namuhla, mina nomkami singoFakazi BakaJehova futhi umsebenzi wethu uwukushumayela izindaba ezinhle kubantu.

 Abazali bami abazange babe oFakazi BakaJehova, kodwa kwakubajabulisa ukubona indlela ukutadisha iBhayibheli okwakushintsha ngayo ukuphila kwami. Empeleni, ngelinye ilanga ubaba wake wakhulumela kahle oFakazi emsebenzini wakhe. Wayezibona izinto ezinhle inkolo yami entsha eyayizenza ekuphileni kwami. Umama wayevame ukuthi kwakuyoba ngcono nakakhulu ukube ngasheshe ngaqala ukutadisha iBhayibheli. Ngivumelana naye!

 Izinto engidlule kuzo ekuphileni zingifundise ukuthi kuwubuwula ukucabanga ukuthi ukusebenzisa izidakamizwa nokwenza izinto ezimbi kuzokulethela injabulo. Manje ngithola injabulo yangempela ngokufundisa abanye iZwi likaNkulunkulu—imfundo eyasindisa ukuphila kwami.