Dlulela kokuphakathi

Iminyaka Engu-70 YeSikole SaseGileyadi

Iminyaka Engu-70 YeSikole SaseGileyadi

Ngo-February 1, 1943, kwaqhutshwa ikilasi lokuqala lesikole esikhetheke ngempela enyakatho yeNew York. Leso sikole, manje esaziwa ngokuthi i-Watchtower Bible School of Gilead, siqeqeshe amadoda nabesifazane abangaphezu kuka-8 000 abavela kuzo zonke izingxenye zomhlaba.

Phezulu: Umnyango ongaphambili wokungena eSikoleni SaseGileyadi, eSouth Lansing, eNew York. Ngezansi: Umqondisi wesikole saseGileyadi ukhuluma namalungu ekilasi laseGileyadi lama-31 enkundleni

UJonathan, osanda kuthweswa iziqu ekilasini laseGileyadi, uthi: “Imfundo esayithola, esekelwe eZwini likaNkulunkulu, izosisiza ukuba siphumelele ngokwengeziwe kunoma iluphi uhlobo lwensimu noma isiko.” Umkakhe, uMarnie, uyenezela: “Manje kunanini ngaphambili nginesifiso sokusiza abantu ukuba babone ukuthi ayikho indlela yokuphila engcono kunaleyo uMdali wethu afuna siphile ngayo. Ngiyaqiniseka ukuthi ukusiza abanye ukuba bazi uJehova kuzokwenza ukuphila kwabo kube ngcono.”

Isikole saseGileyadi sinikeza imfundo yamahhala yezinyanga ezinhlanu. Sigxila ekufundiseni ikakhulu ngeBhayibheli nasendleleni umsebenzi wokushumayela obaluleke ngayo. Injongo yalesi sikole iwukuba labo abaqeqeshwayo baqinise abantu bakaNkulunkulu futhi basize bonke ukuba bahlakulele izimfanelo ezingokomoya abazidingayo ukuze bamelane nezinkinga abahlangabezana nazo. Phakathi nesikole, abafundi baxoxa ngezimiso ezingokomBhalo ezibasiza ukuba baqinise obabo ubuhlobo noNkulunkulu wabo, uJehova.

Phezulu: Ngo-1958, U-Albert Schroeder ufundisa abafundi baseGileyadi esebenzisa umfuziselo wetabernakele. Ngezansi: Ngo-1968, U-Ulysses Glass ufundisa ikilasi laseGileyadi lama-46

Abashadile abaya esikoleni saseGileyadi kakade basuke sebeyizikhonzi zesikhathi esigcwele. Lapho bephothula, bangaphindela ezabelweni zabo noma banikezwe isabelo kwelinye izwe. Abanye babelwa ukuba basebenze kwelinye lamahhovisi egatsha angaphezu kuka-90 oFakazi BakaJehova. Iningi labo labelwa ukuyokhonza ezindaweni ezinabantu abaningi ukuze libe negalelo elikhulu emsebenzini wokushumayela.

ISikole SaseGileyadi saqale saqhutshelwa eKingdom Farm, eSouth Lansing, eNew York. Ngo-1961, sathuthela endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova eBrooklyn, eNew York. Kusukela ngo-1988[8] kuya ku-1995, saqhutshelwa e-Watchtower Farms, eWallkill, eNew York. Ngo-1995 sathuthelwa endaweni esiqhutshelwa kuyo manje, e-Watchtower Educational Center, ePatterson, eNew York. Ngo-March 2013, ikilasi laso le-134 lathweswa iziqu.

Phezulu: Ngo-2003, Abafundi bekilasi laseGileyadi le-116 basekilasini. Ngezansi: Ngo-2011, Abafundi bayatadisha emtatsheni wezincwadi waseGileyadi

Sekuyiminyaka engu-70 labo abathweswa iziqu e-Watchtower Bible School of Gilead bezakhela umlando omuhle wokufakaza ngokwethembeka ngoJehova.