Dlulela kokuphakathi

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayazamukela Ezinye Izinkolo?

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayazamukela Ezinye Izinkolo?

 Silalela iseluleko seBhayibheli sokuba ‘sihloniphe bonke abantu’—kungakhathaliseki ukuthi bakuyiphi inkolo. (1 Petru 2:17, Today’s English Version) Ngokwesibonelo, kwamanye amazwe kunezinkulungwane ezingamakhulu zoFakazi BakaJehova. Noma kunjalo, asizami ukucindezela abezombusazwe noma abezomthetho ukuba benqabele noma bavimbele umsebenzi wamanye amaqembu ezinkolo. Asikhankaseli nokuba kukhishwe imithetho ephoqelela umphakathi ukuba wamukele izinkolelo zethu zokuziphatha nezingokwenkolo. Kunalokho, siyabamukela abanye ngezinga elithile esingathanda nabo basamukele ngalo.—Mathewu 7:12.