Dlulela kokuphakathi

Ingabe Sekumelwe Ngibe Omunye WoFakazi BakaJehova Uma Ngitadisha IBhayibheli Nabo?

Ingabe Sekumelwe Ngibe Omunye WoFakazi BakaJehova Uma Ngitadisha IBhayibheli Nabo?

 Cha, awubophekile nakancane. Izigidi ziyakujabulela ukutadisha nathi iBhayibheli ngaphandle kokuba amalungu ebandla lethu. a Injongo yokutadisha nawe iwukukubonisa lokho okufundiswa iBhayibheli. Kukuwe ukuthi yini oyenzayo ngalolo lwazi. Siyaqaphela ukuthi ngumuntu ngamunye okumelwe azinqumele ukuthi uzokukholelwa yini akufundayo noma cha.​—Joshuwa 24:15.

Ngingalisebenzisa yini elami iBhayibheli lapho sitadisha?

 Yebo. Yize sikuthanda ukusebenzisa INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele yolimi lwanamuhla futhi singakunika eyakho mahhala uma ufisa ukuba nayo, singakujabulela ukuba usebenzise elakho iBhayibheli. Ungakwazi ukufunda ngomyalezo weBhayibheli wethemba nensindiso cishe kunoma iyiphi inguqulo.

Kungani nitadisha nabantu abangathandi ukuba senkolweni yenu?

  •   Isizathu sethu esiyinhloko siwukuthi siyamthanda uJehova uNkulunkulu, ofuna amaKristu ukuba afundise abanye lokho asekufundile. (Mathewu 22:37, 38; 28:19, 20) Sinomuzwa wokuthi alikho ilungelo elikhulu kunelokuba “izisebenzi ezikanye noNkulunkulu” ekusizeni abantu bafunde lokho iZwi lakhe elikufundisayo. ​—1 Korinte 3:​6-9.

  •   Siphinde sikhuthazwe nayindlela esibathanda ngayo omakhelwane bethu. (Mathewu 22:39) Siyakujabulela ukuxoxela abanye izinto ezimangalisayo esizifundile.​—IzEnzo 20:35.

a Ngokwamanani ezifundo zeBhayibheli, ngo-2023 saba nezifundo zeBhayibheli ezingu-7 281 212 inyanga ngayinye, kweziningi zalezi zifundo kufundwa nabantu abaningana ngesikhathi. Yize kunjalo, ngalowo nyaka bangu-269 517 kuphela ababhaphathizwa baba oFakazi BakaJehova.